Ukuhloniphana nokwazisana kuyashabalala kwaboHlanga


Sekwashabalala okwamazolo ukwazana, ukwazisa, ukwazisana nokukhonzana kwaboHlanga, ababekuphila besakhula noma besasebenza ngaphambi konyaka we-1980 kanye nowedemokhrasi we-1994. Kwakugcina sekuzaleke ubunewethu nobufowethu phakathi kwabesilisa nabesifazane ababesebenza ndawonye ezinkampanini ezazehlukahlukene kanye nababekhule ngandawonye ezindaweni ezazehlukahlukene ezweni.
Ubufowethu nobunewethu bunenhlakanipho yokwazisana nokukhonzana kaMvelinqangi.Yingakho abazisana ngobufowethu nobunewethu begixabezwa ngenhlakanipho benze okuhle nokwehlukile kwabanye.Ubungani abunayo inhlakanipho kodwa bunokuhlakanipha phakathi.Ubungani bugcwele inhlebo nobuhubhu bukabhejane. Abugqami ngezikhathi zobunzima.
Wawelamela abantu ababekhule ndawonye noma ababesebenza ndawonye ngaphambi kowe-1980 benokwazana, ukwazisana, ukwazisa nokukhonzana omunye ngokumbona. Ukuthi uhlala noma wayehlala kuphi nelokishi lasedolobheni noma nesigodi sasemakhaya lapho akhulela khona noma lapho ayevakashela ayesebenza nabo enkampanini.
Kwakuqambeka ukwazana ngenkathi besasebenza enkampanini. Babebuzana amagama nezibongo zabo nalapho ababehlala khona. Kwakuze kubuzwane ngamakhaya okwadabuka okhokho, abazali babo nalapho inkaba yabo yagqitshwa noma yasala khona. Inkaba lapho yagqitshwa khona kwakuchaza indawo azalwa kuyona ngaphambi kokukhulela kuleyo ndawo noma kwenye indawo.
Unenhlanhla umuntu owazalwa endaweni lapho okwagqitshwa noma okwasala inkaba yakhe. Maqedane waseyokhulela kwenye indawo. Sekuvamisile manje ukuzwa umuntu ethi wazalelwa noma wazalwa emakhaya naselokishini elithizeni. Eqonde ukuthi esibhedlela, eklinikhi lapho okwasala inkaba yakhe. Unina weza naye esezelwe wazokhulela emakhaya, elokishini, emijondolo nakwezinye izindawo.
Lokhu kwazana kwakheka ngisho behlangana emihlanganweni, emabhayisikobho (emamuvini),ezinkundleni zemidlalo eyayehlukahlukene.Kwenye inkathi kwakuqambeka ukwazana nangezinye izizathu ezazaziwa yibona ngenkathi sekuqomana.
Ngokuqhubeka kwesikhathi babegcina sebenquma ukuvakashelana ngokuhlukana.Ukuvashelana kwakungukugcwalisa ubufowethu nobunewethu obasebebuqambile lapho babesebenza ndawonye khona. Kwakugcina ngokuba abanye babo baze bazane,bazisane nabanye bomphakathi walapho ababevakashele khona.
Wawumthola naye sekukhona asebaziyo ngokubathi jeqe ngeso ngenkathi evakashele ayasebenza nabo kuleyo ndawo. Besekuqambeka nobufowethu bakulelo lokishi noma leyo ndawo ayeyivakeshele. Basekhona abanye okusenalobo bufowethu abasazana kanjalo namanje. Ukuthi lowayana umazela noma umazi ngokumbona elokishini noma kwenye indawo ayevakashele kuyona.
Manje sekuyashabalala kancane, kancane kwaboHlanga kulezi zindawo ezahlukahlukene. Akusagqamile kwathi bha njengaphambilini, ukwazana, ukwazisa, ukwazisana nokukhonzana okwakukhona kwababendulelayo. Abahlala emakhaya, emahostela nasemalokishini sebabamanqikanqika ukwazana ezinkampanini ezibaqashileyo.
Kanti kuqala kwakuya ngenkampani lapho eyayisebenzela noma ikhiqizela ngakhona izimpahla zayo ukuthi yayiqasha kanjani ngokwezindawo. Kwenye inkathi kwakuba inkampani engasesiteshini iDalbridge, ngasehositela iDalton eZibunge, enkabeni, eNingizimu naseNyakatho yeTheku nakwamanye amadolobha. Wawuthola leyo nkampani isendaweni ethize isasungulwa, ukuthi yayiqashe noma kwakugqame kakhulu izisebenzi eziqhamuka eChesterville, eLamontville, KwaMashu, eNtuzuma nakwezinye izindawo.
Ingani kwakunokwazana okukhulu emalokishini eminyakeni yowe-1980.
Kwakuzaleka ukuvakashelana.Ukwazana kwakugqama futhi ngenkathi begcina sebazana noma sebazi abanye bakulezo zindawo ngokuvakashelana. Abanye babegcina sebazi nabanye ngokuthi bayabakhumbula besavakashela elokishini nasemakhaya okuhlala noma okwakuhlala ababesebenza nabo.
Wawuhlangana nowakhulela kulelo lokishi esamazi njengoba ezazi yena owayekhule naye. Besazana yize bengasahlali kulelo lokishi. Umuntu wayemazi ngisho indlu yayiqhele kangakanani kuneyakubo noma yakhe. Kuyakhumbuleka ukuthi kwakugqamile lokhu kwazana phakathi kowayehlala ngasemgwaqeni uRoad 6, uLangalibalele ongaseWestville Pavilion Mall, owayesemgwaqeni uRoad16, uNhlengethwa ongaseZinkawini emathuneni aselokishini iChesterville kanye neminye imigwaqo.
Kunababesuka kwezinye izindawo asebehlala endaweni esondelene neChesterville ngaseklinikhi, eyaqanjwa kwathiwa iChesterville Extension 1 kusukela behlaliswa ngowe-1996 benokwazana. Base bevele bazana ngokuthi loyana uyamazi kusukela ngowe-1980 ngenkathi evakashele ayesebenza nabo baseChesterville nakwezinye izindawo. Kanjalo nowaseChesterville wayemazi omunye ngokumkhumbula evakashele ayesebenza nabo bakwelinye ilokishi nakwezinye izindawo.
Sekubonakala kungasagqamile ukwazana kwabakhula kusukela onyakeni kowezi-2000,kuzozonke izindawo.Sekuyadabukisa manje ngoba lowamoya wokwazana, wokwazisa, wokwazisana nowokukhonzana awusekho emizweni yaboHlanga. Abanye awusagijimi ngemithambo yegazi labo.Uma ngingaphosisi lomuzwa ugqame kakhulu emva konyaka wokuqala wedemokhrasi.
Kwadalwa ngaboHlanga abamizwa nokucabanga yabo yokuzenza abengeyikho. Ngikubeka kumfundi ukuthi ngabe yikuphi ubungebona aboHlanga abazenza bona. Bazenyanya ububona abanikwa nguMvelinqangi. Okuhlalukayo ukuthi ungabona umlungu ethunge isicoco wagqoka nongiyane enza, enzisa, ecabangisa okowoHlanga.Hhawu! Lafa elihle kakhulu!