Inkundla eyintandokazi ithelwa amachaphezelo ePSL
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sezibe ningi izinkulumo ezigxeka iPremier Soccer League (PSL), ukuthi iletha imidlalo emikhulu eMoses Mabhida Stadium eThekwini. Kule midlalo kubalwa neyamanqamu.
Yize abantu abaqhamuka kwezinye izindawo bebekhala, kodwa iqiniso lithi konke ukusingathwa kwemidlalo eThekwini kwaba impumelelo.Ngeledlule kuputshuke izindaba ezithi imidlalo ye-Absa Premiership kungenzeka iqedelelwe esifundazweni iKwaZulu-Natal. Kuphinde kudlale imidlalo eyandulela owamanqamu eNedbank Cup, kanye nowamanqamu imbala kuso lesi sifundazwe.
Uma kungagcina kuphuma isinqumo esithi le midlalo esele iqedelelwa kulesi sifundazwe kungayinto enhle kakhulu. IKwaZulu-Natal iyona neGoli abasemathubeni okusingatha le midlalo. Okwenza kwenze iSifundazwe iKwaZulu-Natal kungalunga ukuthi isingathe le midlalo, ingoba inezinkundla ezinhlanu okungakwazi kudlalwe kuzona. Lezo zinkundla kubalwa iMoses Mabhida Stadium, iSugar Ray Xulu, iKing Zwelithini Stadium, iChatsworth Stadium nePrincess Magogo Stadium.
Lezi zinkundla zisondelene kakhulu, iMoses Mabhida Staium iphakathi eThekwini, iSugar Ray Xulu iseClermont, iKing Zwelithi Stadium iseMlazi, iChatsworth iseChatsworth iPrincess Magogo Stadium yona ibe KwaMashu.
Zonke lezi zinkundla ziseqopheleni eliphezulu lokuthi kungadlalwa kuzona. IMoses Mabhida Stadium, ayidinge ukuchazwa kakhulu njengoba yayakhelwe iNdebe YoMhlaba yangowezi-2010 kusho ukuthi iyinkundla esesimeni esilungele ukuthi ingakwazi ukusingatha imidlalo emithathu esontweni. ISugar Ray Xulu Stadium, ibisetshenziswa iLamontville Golden Arrows, iReal Kings no-Uthongathi FC nayo okucacisa ukuthi ingakwazi ukusingatha imidlalo eminingi esikhathi esincane.
IKing Zwelithini Stadium kunesikhathi kade kungadlalelwa kuyona ngenxa yokuthi ibilungiswa, nayo ingezinye yezinkundla ezisesimeni esihle muva nje. Ngaphambi kokuthi ilungiswe ibiyikhaya la-AmaZulu FC.
IChatsworth Stadium isikhathi esiningi isetshenziswa iRoyal Eagles, iPrincess Magogo Stadium ike yangasetshenziswa ngenxa yokuthi ibilungiswa kodwa manje isesimeni esiphilile kakhulu.
Le nkundla yize incane kodwa iseke yazifaka emlandweni wokuthi isingathe umdlalo wamanqamu eTelkom Knockout, ngonyaka wezi-2017 lapho kwakutholene phezulu khona iBloemfontein Celtics neBidvest Wits. Cishe ngamakhilomitha angaphansi kwangama-20, ukuhambela lezi zinkundla ngendlela ezisondelene ngakhona. Ngokunjalo namahhotela.
Inkundla eqhelile kunezinye kulesi sifundazwe iHarry Gwala Stadium eseMgungundlovu. Nayo le nkundla ikulungele ukusingatha imidlalo ngoba idlala iMaritzburg United.
Ngaphandle kokusondelana kwezinkundla, nezindawo zokulala nazo ngokunjalo zisondelene.
Iningi lezindawo eziseqopheleni eliphezulu ziseMhlanga bese ezinye zibe maphakathi eThekwini. Nezinkundla ezivelayo ukuthi kungenzeka amaqembu aziqeqeshele kuzona, uma imidlalo igcina ngokuthi iqedelwe lapha eThekwini zisondelene. Izinkundla eziseqhulwini ukuthi amaqembu angazicijela kuzona iseSJ Smith Stadium, iseMoses Mabhida Stadium Outerfield, iseWema, iseGlebe Stadium naseKings Park.
Okunye okuyinto enhle ngokuthi imidlalo ibanjelwe kulesi siFundazwe ukuthi isimo sezulu sihle kakhulu. Yize kukhona ukubanda nemvula kodwa, isimo sezulu saKwaZulu-Natal ngeke usifanise nakwezinye izifunda kakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka. Njengoba ngeSonto elizayo kungenwa kuNtulikazi kusho khona ukuthi kuzobanda kakhulu, liphinde linethe.
Imidlalo ye-Absa Premiership ingasongwa KwaZulu-Natal, bese kuthi eyeGladAfrica Championship ibanjelwe Kwandonga Ziyaduma (eGoli).
NaseGoli zikhona izinkundla ezingakwazi ukuthi zisingathe imidlalo yeGladAfrica, lezo zinkunga kubalwa iFNB Stadium, i-Ellis Park Stadium, iLoftus Versfeld Stadium, i-Orlando Stadium neDobsonville Stadium.