Now Reading
Ukhuvethe, uthaqa nosizi lwabasemaphandleni eSwatini
Dark Light

Ukhuvethe, uthaqa nosizi lwabasemaphandleni eSwatini

Sekuyinto eyaziwayo ukuthi umkhuhlane omkhulu ukhuvethe (Covid-19) uhlasela wonke muntu emhlabeni futhi usukhombisile ukuthi awukhethi ngoba ugadla kwabadla izambane likapondo nabahlwempu kuwo wonke amazwe omhlaba. 

Ngesizathu sokuthi lo mkhuhlane udla silaza, udle fumuka, abaphathi bamazwe emhlabeni bayatatazela, bashaya imithetho mihla namalanga bezama ukuthi impilo yabantu iphephe nalabo osubabambile umkhuhlane balulame. 

Imithetho eshayiwe ifaka phakathi ukuthi abantu mabahlale emakhaya, bageze izandla ngamanzi nangensipho, abanye njalo abanawo nalawo manzi naleyo nsipho, bangaxhawulani futhi bangasondelani. 

Umbuzo onqala uthi, uma yonke le mithetho yokuhlala emakhaya nokungenzi lokhu nalokhuya iphoqelelwa kubantu ezindaweni zasemakhaya, kwenzakalani empilweni yabantu kulezi ndawo? Esikubone kwenzeka ezindaweni zasemakhaya eSwatini kuyasinika izinkomba zokuthi kwenzekalani ezindaweni ezingamaphandle e-Afrika, yize kuba khona ukwehlukana lapha nalaphaya.

Kusukela ngoMbasa wezi-2020 eSwatini, njengeningi lamazwe omhlaba, lahluthulelwa njengeminye yemizamo yokulwa nokubhebhetheka kwalo mkhuhlane. 

Umyalezo owagqama kwaba ukuthi abantu bavinjelwe ukuhamba ngaphakathi nangaphandle kwezwe. Emasontweni okuqala ukuhamba kwabantu akuvalwangwa ngqi kodwa kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi isizwe satshelwa ukuthi ukuhamba kwenqatshelwe ngaphandle uma abantu beya ezibhedlela noma emisebenzini eyayivunyelwe ukuthi iqhubeke nokusebenza. 

Amatekisi ahamba phakathi kwezindawo zasemakhaya namadolobha kwanqunywa ukuthi agcine ukuhamba ngehora lesi-9 ekuseni aphinde aqale ukuhamba ngelesithathu ntambama. 

Imithetho evimba ukuhamba kwabantu yiyona eyaba yingcindezi empilweni yabantu abahlala ezindaweni zasemakhaya eSwatini. 

Iningi labantu babehamba ngoba bezama izindlela ezahlukene zokuziphilisa nemindeni yabo. 

Lokhu kwakubalulekile kakhulu kubantu abahlala ezindaweni ezingamakhaya ngoba yibona abakhungethwe ubuhlwempu kakhulu. 

Ukubavimbela ukuhamba kwasho ukuhlala emakhaya babulawe yindlala. Lokhu kwacaca ngempela ngoba uHulumeni wayengenawo amandla okubondla bonke uma sebengakwazi ukuhamba benze ngcono iminotho yemindeni yabo.

Umlando wezomnotho e-Afrika yonkana ukhomba ukuthi ubuhlwempu yinkinga esabalele kuzo zonke indawo zasemakhaya. 

Indlala ihlasele zonke lezi zindawo ngezinga lokuthi abantu bayafa babulawa yindlala. Imithetho yokuvimbela ukuhamba kwabantu ilikhuphulile izinga lendlala ezindaweni zasemakhaya eSwatini. Lokhu kuvele enkulumeni yesakhamuzi sendawo yakwaKalanga ngaphansi kwentaba iLubombo eduze kweSiteki esithe: “Thina lapha uthaqa owenziwe umthetho ekufikeni kwalo mkhuhlane wenze safa imfakabili ngoba siphoqwa ukuthi sihlale emakhaya nje kanti vele sibulewe yisomiso esenze ukuthi kubhebhetheke indlala.”

Esinye isakhamuzi sale ndawo, uNtombazanyana Dlamini, sithe: “Ngesizathu sokuvinjelwa ukuhamba, kwesinye isikhathi mina nezingane zami besilala ngaphandle kwento eya ethunjini ngoba asisenayo indlela yokucosha imali yokuthenga ukudla.”

Indawo yakwaKalanga akuyona yodwa enobufakazi bokuthi ukuhluthulelwa kwezwe laseSwatini kulethe ubunzima obukhulu empilweni yabantu abahlala ezindaweni zasemakhaya. Abantu baseNsalitje bakhala ngendlala ngoba abasakwazi ukuzizamela njengoba bengavumelekile ukuhamba. Lokhu kwagcizelelwa yilungu lePhalamende lakule ndawo, uMnu uBomber Mamba,  elithe: “Ngiyakuqinisekisa ukuthi ukuvinjelwa kwabantu ukuthi bahambe, bazame okungabaphilisa kusilethele izinkinga ezinqala. Abantu balambile.” 

Abantu baseNsalitje bashaywa uthaqa eSwatini naseNingizimu Afrika ngoba iningi labo lithenga ukudla oPhongolo. 

See Also

UMamba wakuveza ukuthi abantu bakule ndawo bamshayela ucingo nsukuzaphuma bekhuluma ngobuhlwephu babo, wakugcizelela ukuthi inkulumo ayithola njalo kubantu ngethi, “Safa yindlala”. 

Maphakathi neSwatini endaweni yaseMbhadlane, abantu basemakhaya bakhale ezimathonsi ngokuvinjelwa ukuhamba. Kule ndawo izakhamuzi zithi ukuphuma emakhaya zihambe iyona ndlela yokuphila. 

Umphakathi waseMbhadlane uphinde uthi uHulumeni wabo uthi ubavikela ekubulaweni umkhuhlane, wavulela ukuthi babulawe yindlala.

Ucwaningo ezindaweni zasemakhaya eSwatini lukhomba ukuthi uthaqa egameni lokuvikela abantu kuCovid-19 ulandelwe ubunzima bendlala ngoba abantu abasakwazi ukuphuma bayozama ukuziphilisa ngezindlela ezahlukene. 

Abanye abasakwazi ukuhlala eduze nemigwaqo bathengise nabanye abaningi abasakwazi ukuphuma bayobamba amatoho ukuze bakwazi ukondla imindeni yabo. 

UHulumeni waseSwatini uzama ukunika abantu impilo ngesinye isandla, uphinde uyithathe ngesinye. Le nkinga ebhekene nabantu basemaphandleni eSwatini singasho ukuthi idalwa ukwehluleka kukaHulumeni. 

Usho kanjani uHulumeni ukuthi abantu bangaphumi emakhaya kodwa ube ungenazo izinhlelo zokulethela abantu ukudla emakhaya. Lokhu akwethusi kakhulu ngoba kusukela izwe laseSwatini lithola inkululeko ngowe-1968, uHulumeni akaze akwazi ukuqeda ubuhlwempu ezindaweni zasemakhaya. Ukuvimbela abantu ukuthi bahambe bazame ukuziphilisa sekuphinde kwakuveza obala ukwehuleka kukaHulumeni waseSwatini ukondla abantu bawo.

Scroll To Top