Now Reading
ICosas inesandla odlameni ezikoleni: NFP
Dark Light

ICosas inesandla odlameni ezikoleni: NFP

IKOMIDI loMnyango Wezemfundo Eyisisekelo lithi kunesidingo sokuba kuqiniswe ezokuphepha ezikoleni ngasohlangothini lwabafundi ukwenza isiqiniseko sokuthi abangeni nezikhali emagcekeni esikole.

Ukuphawula kweKomidi kulandela isigameko esisengundabamlonyeni sokufa kukathisha wesikole iRamotshere High School, eZeerust esifundazweni iNorth West ogwazwe umfundi oneminyaka yobudala eli-17.

Lo mfundi uvele eNkantolo yeMantshi ngasekuqaleni kwesonto engaphansi kwesandla sabazali icala lakhe lahlehliswa.

USihlalo Wekomidi uNks uNomalungelo Gina uthe, “izikhali akumele nangengozi zingene ezikoleni. Izikole kumele zibe yindawo yokufunda futhi ephephile kumfundi nakuthisha.”

UNks uGina uphinde wazwakalisa ukwethuka ngesinye isigameko esenzeke esikoleni i-Eldorado Park Secondary lapho kuboshwe khona umfundi oneminyaka yobudala eli-15 emuva kokuba edonsele uthisha wakhe isibhamu. Emuva kophenyo kutholakale ukuthi lesi sibhamu bekungesethoyizi. Umfundi kuthiwa uthethiswe uthisha wakhe ngokugqoka isigqoko ekilasini nalapho engayizwisisanga eyokusolwa ngesenzo sakhe.

Emuva kwalokho umfundi ugodukile wabuya esephethe isibhamu sethoyizi wakhomba ngaso uthisha.

Esigamekweni saseZeerust okubulawe kuso uthisha, umfundi kuthiwa ubebambe ulayini wokuphaka esikoleni ngesikhathi naye eba nokungaboni ngasolinye nothisha wakhe.

Kube nokuhilizisana umfundi wagoduka, kanti uzobuya ngakusasa nommese wabhokoda uthisha ekilasini phambi kwabanye abafundi.

“Ayikho indlela esingagcizelela ngayo ukuthi izikole kumele kube yizindawo ezinokuthula. Imfundo ithinta umphakathi wonke yingakho kubalulekile ukubambisana kuwonke wonke.

Ngifi sa nokunxusa kubazali nomphakathi wonke ukuba balekelele ekwenzeni isiqiniseko sokuthi kubuyiswa isithunzi nokuphepha ezikoleni zethu, ngoba udlame aludingeki ezikoleni,” kuphetha uNks uGina.

Khonamanjalo iNational Freedom Party (NFP) igxeke inhlangano yabafundi iCongress of South African Students (Cosas) ngalesi sigameko. “Kuyisimo esimbi kakhulu nesiphazamisayo ukuthi uthisha ugwazwe ngesikhathi eqaphe abafundi abebebhala izivivinyo zabo, futhi okubi kakhulu ukuthi unguthisha kagrade-12,” kusho isitatimende seNFP.

Okhulumela leli qembu uMnu uSabelo Sigudu uthe udlame nobudlova obuqondiswe kothisha bugqugquzelwa iCosas. Uthe iCosas ikusho ngokungananazi ukuthi abafundi kumele baphindisele kothisha. USigudu uthi le nhlangano yabafundi ikusho lokhu kuthelevishini kuzwa izwe lonke.

See Also

“Njengeqembu leNFP sinxusa uNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo uNkk u-Angie Motshekga ukuba abuyekeze amalungelo anikwe izingane uma ezoqhathaniswa nawothisha. Othisha abasakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngokukhululeka, bahlala ngokwesaba bona laba bafundi ababafundisayo,” kusho uSigudu esitatimendeni. Uqhube wathi ukufundisa eNingizimu Afrika sekuphenduke into ebucayi ngoba othisha baphila ngokuthola izinsongo zokubasabisa kubafundi kujike kungenzeki lutho.

Uthi lokhu kuzoba nomthelela ongemuhle emfundweni yakuleli ngoba othisha abanamava nabazinikele bazoshiya phansi.

Uthi uma lesi simo siqhubeka bazozithola bengenayo enye indlela ngaphandle kokunxusa ukuba ashiye esikhundleni uNgqongqoshe uMotshekga. Ikhwelo lokuphepha kothisha nabafundi ezikoleni libuye lahlatshwa nasengqungqutheleni yenyunyana yothisha iNational Teachers Union (NATU) ebibanjelwe eMpangeni emasontweni dlule. UMengameli omusha wale nyunyana osanda kuqokwa uMnu u-Allen Thompson. Watshela izithunywa kule ngqungquthela ukuthi sekukaningi behlaba ikhwelo kuHulumeni ukuba uqinise ezokuphepha ezikoleni kutshalwe nonogada ukuze kunqandwe abafundi abangena nezikhali emagcekeni esikole.

Isifundazwe iKwaZulu-Natal singezinye kwezihamba phambili ngezigameko zodlame ezikoleni. Emasontweni amabili edlule kuphazamiseke ukufunda esikoleni saselokishini KwaMakhutha emuva kwempi eyaqubuka phakathi kwabafundi kwaphetha ngokuthi kushone ababili ngokugwazwa.

Ukulwa kwamaqembu abafundi kulesi sikole sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba okungangokuba abanye abazali sebaqoma ukuzikhipha izingane zabo kuso.

Scroll To Top