Ungeke usaba khona oweComrades nonyaka



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umoya wobunye nokujabula kusuka kuze kuyophela. Lesi yisithombe esisonga umjaho omkhulukazi kuleli iComrades Ultra Marathon. Ngeshwa nonyaka lo muzwa ngeke ube khona.
Ukunganqandeki kokhuvethe (Covid-19) kuphinde kwathela usawoti esilondeni kwezemidlalo kuleli kuhlehliselwa osukwini olungaziwa lo mjaho oyigugu obekumele ugijinywe ngeSonto lo mhla zili-14 kuNhlangulana.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba yiComrades Marathon Association (CMA), ngokuhlanganyela u-Aleck Sikhosana we-Athletics South Africa (ASA), uSihlalo weCMA uCheryl Winn noJay Reddy weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) bavumelane ngokuphusa kwesinqumo abasithathile kwazise impilo yabasubathi imqoka.
UWinn uveze ukuthi bebenethemba lokuthi lo mjaho obuzobe ugijinywa ihlandla lama-95 bazowuhlehlisela uMandulo. Nokho ukuqhubeka kokubhebhetheka kwalolu bhubhane kubacacisele ukuthi lokhu ngeke kwenzeke.
UReddy udalule ukuthi emhlanganweni omude obekuvalelwene kuwona, kuvunyelwene ngokuthi iComrades yebanga lama-90km izoze igijinywe ngonyaka ozayo nokho kuzoncika esimweni sokunqotshwa kokhuvethe.
Ngonyaka ozayo kuzoqhutshekwa nokuthi iComrades igijinywa okwehlandla lama-95. Lesi sikhulu siveze nokuthi kuthathwe isinqumo sokuthi abasubathi bakuleli abayizi-25 000 abese bezenzile izikhathi zalo mjaho ngeke babuyiselwe imali yabo yemingenelo kodwa bazonikwa izimpahla zokugijima zakwaMr Price Sport, izikhwama ezinezakhamzimba nokunye.
Abasubathi bangaphandle bazonikwa igunya lokuzikhethela ukugijima ngonyaka ozayo noma ngowezi-2022.
Ngesifanayo nakubasubathi abebegaqele iBack to Back Medal. Nabo bazonikwa ithuba lokusubatha ngonyaka ozayo. Lolu hlobo lwabasubathi lugixabezwa ngale ndondo ngenxa yokugijima umjaho wesibili kulandelana.
Ngokomlamdo, kakuqali ukuhlehliswa kweComrades.
Eminyakeni eyedlule yamiswa kusukela ngowe-1941 kuya kowe-1945 ngenxa yeMpi Yomhlaba Yesibili.
Sekuwumlamdo ukuthi nyakenye iComrades ebisuka eThekwini ibheke eMgungundlovu, kwabesimame intambo ishaywe uGerda Steyn (05:58:53), kwabesilisa kwaba u-Edwin Mothibi (05:31:33). Bobabili laba basubathi abakuleli kanti bagijimela iNedbank Running Club. Nyakenye kugijinywe amakhilomitha angama-89.83km.
Yebo! Ukukhala kweqhude nokuqhuma kwesibhamu; ukulilizela nokuphuma kwefu labasubathi bengena umgwaqo kubekwe ethala kubekelwa isikhathi esiyokulungela.