Now Reading
Izinqumo zezinkantolo ezingahle zicijise imikhonto ezweni
Dark Light

Izinqumo zezinkantolo ezingahle zicijise imikhonto ezweni

Unyaka esikuwo ungomqoka kakhulu embusazweni. Umqoka eqenjini elibusayo ngoba ezinyangeni ezingengaki lizobamba umhlangano walo omkhulu obizwa ngeNational General Council (NGC) nayilapho kusuke kubuyekezwa inqubomgomo yeqembu phakathi nenkofa yokukhetha ubuholi. Ngakolunye uhlangothi amaqembu aphikisayo asalelwe nje yisikhathi esingangonyaka ukuthi anyuse amasokisi ukuze abavoti bawaklomelise ngonyaka ozayo ngesikhathi sokhetho loHulumeni Bezindawo. Nokho kukhona isimo esingahle sibe nzima kuncike ukuthi sibekwa kanjani nesithinta amacala amathathu amqoka asevele esezithebeni zezinkantolo ezahlukene. Icala lokuqala lithinta uMengameli wezwe uRamaphosa nayilapho edudula khona uMvikeli WoMphakathi nowakhipha umbiko ongemuhle mayelana nokuxhaswa komkhankaso wakhe wokhetho lozohola i-African National Congress (ANC).

Lo mkhankaso wabe ubizwa ngeCR17. Embikweni wakhe uMvikeli WoMphakathi ubeka uMengameli njengomkhohlisi ongakhulumanga iqiniso ePhalamende mayelana nokuxhaswa komkhankaso wakhe. Uma leli cala limlahlile uRamaphosa uyobe usotakwini ngoba okusho ukuthi uhlu lwabo bonke amamxhasayo noluvalwe yinkantolo luyovezelwa umhlaba. Abanye balaba bantu kabathandi ukwaziwa ngezizathu abazazi bona nezahlonishwa uRamaphosa mhla amukela umnikelo. Ngakolunye uhlangothi uma ephumelela uRamaphosa kuleli cala angahle ahudulelwe eNkantolo YoMthethosisekelo nokungambeka ezingeni elifanayo nalowo owayenguMengameli uZuma naye owaduma ngokuhlale esezinkantolo. Khona lapho nxa ephumelela kukhona abazothi ‘uyenzelelwa’ ngoba izinkantolo ziyamthanda. Abaholi abafana noMnu uMalema nonguMengameli we- Economic Freedom Fighters (EFF) useqalile ukubuza ukuthi ngabe kuleli kunomthetho obheke uZuma, uMalema noma uRamaphosa ngokwehlukana nokuyinkulumo ebigxeka abanye kwezobulungiswa.

See Also

Akukho ukungabaza ekutheni uma eya kuNGC kunefu phezu kwakhe uRamaphosa, uyobe elula. Icala lesibili ngelithinta owayenguMengameli uMnu uZuma nobhekene nohide lwamacala abandakanya inkohlakalo nokuwaka. Ngesonto eledlule iNkantolo Enkulu yaseMgumgundlovu ikhiphe isinqumo esidide abaningi sahlukanisa nezwe phakathi. UMehluleli kuleli cala ukhiphe incwadi yokuboshwa kukaZuma waphinde wanokungabaza ngencwadi kadokotela ebekwe njengesizathu sokungaphumeleli komsolwa (uZuma) ukuzovela eNkantolo. Yize isinqumo seNkantolo sisemthethweni kepha ukukhuluma kuqale phansi bebodwa abathi uZuma uyahlukunyezwa. Ngokudinwa lowo onguMengameli woPhiko lwabesifazane ku-ANC uNks uBathabile uDlamini ubuzile ukuthi ngabe iNkatolo ibifuna uZuma alethwe ngohlaka yini eNkantolo. Kanti nezinye izinhlangothi kuKhongolose sezithimulile ngokuthi sekubuya lokho “kuhlupheka” kwangowezi-2005 lapho “ayeshushiswa khona nguMbeki”. Nakanjani lokhu kukhuluma kungacijisa imikhonto ku-ANC nasezweni kuvuse emidala imilando.

Uma ekugcineni uZuma like lamlahla icala kukhona asebesho khona ukuthi kuyodubula intabamlilo okuyizinkulumo ezingezinhle ezweni elivese lintekenteke. Khona lapho likhona elinye icala elinganakekile kepha elingahle liguqule isimiso sikaZulu noma licijise imikhonto phakathi kwalabo abathanda uBukhosi nalabo abathi sebuphelelwe yisikhathi. Icala elizoba sezithebeni zenkantolo ngeliphakathi kwe-Ingonyama Trust Board (ITB) kanye neCouncil for the Advancement of the South African Constitution (Casac). Leli cala okungangabazisi ukuthi lizoheha abantu abaningi lingahle lisho ukuthi elakuleli (imithetho) liyabamukela yini uBukhosi noma qha. Uhlaka olubukeka luyobe lunegcindezi lapha yizinkantolo okuyomele zinqume ngokubekwe ezithebeni. Ikhona ingozi yokuthi ngenxa yokwehluka kwemiqondo nokuphakama kwemimoya bangahle badubele ngasezinkantolo bezisola ngakho konke ngoba nje mhlawumbe zinqume bona abangakufuni. Uma kufika kuleso sigaba kuyobe sekusho ukonakala kwesimiso sezwe ngoba noma siyakhuluma yingoba kukhona ukuvumelana ukuthi izinkantolo zakuleli zisebenza ngokukhululeka. Abantu abayohlupheka uma kugcina buchitheka bugayiwe ngabantu bakuleli, asebehlala ezweni lapho kucije imikhonto bebhula nemililo edalwa wukubhekana ngeziqu zamehlo. Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni.

Scroll To Top