Now Reading
Kungelinganwe kwehluke imiphakathi ngokwemvelaphi
Dark Light

Kungelinganwe kwehluke imiphakathi ngokwemvelaphi

Selidume ledlula! Iphumile imphumela kaMatikuletsheni kuleli sonto, kwachazwa, kwakhalwa, kwakhonjwana ngeminwe, kwahalaliselwana. Kujatshulelwe ukwenyuka kwezinga lokuphumelela kwabafundi kuzo zozi-9 izifundazwe zakuleli. Asikho isifundazwe esithole ngaphansi kwama-70%, ngisho izifundazwe i-Eastern Cape neLimpopo ebezihlala zingomvakwezinye zivuke zazithatha. Nokho kukuhle kunjalo kwethu uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo kuZwelonke, uthi ukhathazekile ngezikole eziyi-16 okuvalwe ngehlahla kuzo, akwangaphumelela ngisho noyedwa umfundi ezweni lonke. Kulezo zikole zintathu eziKwaZulu-Natal.

Lolu wukhondolo lolu olufanele luqedwe nya ngokusho kukaMqondisi- Jikelele weMfundo eyisiSekelo, uMnu uMathanzima Mweli. Kukhishwa imiphumela ngowama-2016 zaba yi-18 izikole okungaphumelelanga noyedwa umfundi kuzo ezweni lonke. Ngowama-2017 sehla isibalo zaba yisi-9 izikole ezweni lonke okwavalwa ngehlahla kuzo. Ngowama-2018 zafinyelela e-12 izikole “ezashaya into ephansi”.

Emiphumeleni yanyakenye siphinde senyuka isibalo safinyelela kweziyi-16 izikole ezithele izwe ehlazweni. Kwathathwa isinqumo sokuthi izikole lapho kungaphumeleli khona noyedwa umfundi kuMatikuletsheni, uvele uvalwe kulezo zikole. UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uzishaya isifuba ngokuphucula izinga lokuphasa kuMatikuletsheni nyakenye uthi uzoqinisa amatomu kulezo ezingenzanga kahle, awukhulumi lutho ngalezi ezintathu okuvalwe ngehlahla kuzo.

Izikole zinezigungu ezizilawulayo (School Governing Bodies). Kulezi zikole ezingenzi kahle kukhalwa ngokuthi izigungu azibambisani nothisha yikho kuba nemiphumela eyichilo kangaka. UMnu u-Elija Mhlanga, okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo kuZwelonke, uthi ngaphandle kokuqhumisa isitshwebhu kulezo zikole ezingenzanga kahle bazoqhamuka namaqhinga okuzisiza ukuthi ziphucule izinga lokuphumelela.

UMnu uMweli uthi izikole okuvalwe ngehlahla kuzo yilezo ezinabafundi abancane ngokwenani ababhale izivivinyo zikaMatikuletsheni nyakenye. Kuthiwa kulezi zikole uthisha eyedwa ufundisa zonke izifundo. UMphathiswa wezeMfundo e-KZN, uMnu uKwazi Mshengu, uthi nyakenye bahambele zonke izifunda behlola inqubekela phambili nokuthi izinga lokuphumelela kwabafundi lingaphuculwa kanjani.

Izifunda ezimbili e-KZN ebezihlale zikhipha imiphumela engagculisi okuyiLembe noMkhanyakude zisike ukhasi kulokhu. UMkhanyakude isifunda esisemakhaya futhi izikole zakhona azinazo izinsiza kufunda nokufundisa ezanele kodwa sikwazile ukhiqiza ama-80,6% okungokokuqala emlandweni. Ingqalasizinda ayikho ezindaweni ezisemakhaya kodwa kulokhu isifunda Ugu, esisemakhaya, sikwazile ukuphasa sedlule uMlazi obudonsa phambili eminyakeni eyedlule. Ugu ilona oluqengqeze lodwa phambili lwehlula zonke izifunda.

Izifunda ezisemakhaya eZululand zikwazile ukwenyusa amasokisi zathola ama 79,1 % neKing Cetshwayo yaphumelela ngama-79, 3%.

Isidingo sokungenelela kukaHulumeni ukulinganisa amathuba ngokwemfundo

Sekushiwo okungasenhla, kwajatshulwa ngemiphumela emihle ngabe kusifanele yini thina singaboHlanga ukukujabulela ukwenyuka kwemiphumela kamatikuletsheni? Lona ngumbuzo engelula neze impendulo yawo. Okudala lokho wukuthi kuningi okwenzeka ekusithekeni phakathi nonyaka abazali nalabo abahlangana nemfundo uma sekuphuma imiphumela kamatikuletsheni abangenalwazi lwakho.

Okokuqala nje okungakhulunywa kakhulu ngakho wukuthi ubunjalo bemiphumela bukhomba ubunjalo bemiphakathi lapho abafundi beqhamuka khona. Kuyabongeka ukuthi izikole zasezindaweni zasemakhaya nasemalokishini zenze kahle. Ukubona umfundi wasemakhaya lapho ugesi ungafiki khona ebalwa nezingane eziqhamuka ezindaweni zabadla izambane likapondo kuyakhuthaza futhi kumele makuhalaliswe ngakho. Umbuzo oye usale nokho owokuthi kuyoze kube nini ezweni elilodwa kuphilwa impilo engafani. Cishe kwakungunyaka we- 1996 lowo owayenguMengameli wakuleli uMnu uThabo Mbeki ehlonza leli lizwe njengelihlukene kabili libe lilinye. Wathi, “Enye ingxenye yaleli lizwe icebile futhi imhlophe kanti enye ingxenye yezwe ikhungethwe wububha futhi imnyama.” Cishe iminyaka ingamashumi amabili nane uMbeki asho lawa mazwi sekuvele kunohulumeni okhethwe ngokwentando yabantu. Okubuhlungu wukuthi lesi sithombe asikaguquki namanje.

Akukho-ke lapho lesi simo sibonakala khona kakhulu njengasemfundweni nemiphumela kamatikuletsheni esisuke siyijabulela. Cishe wonke umuntu uyavuma ukuthi eNingizimu Afrika uma ukhuluma ngemfundo nokuthi iyini ngek,e kwaba lula njengoba ngesikhathi esithile ungacelwa ukuthi uchazele umuntu ukuthi liyini ibhubesi. Kulula ukulichaza ibhubesi kunokuchaza imfundo. Uma ukhuluma ngendawo yasemakhaya ngeke lwasala udaka, ukungabi bikho kwezindawo zokuzikhulula, izinsiza kusebenza kothisha nobuxhakaxhaka besimanje obuseyiphupho kodwa obubaluleke ngendlela eyisimanga ekuthini lowo ongumfundi alungiseleleke impilo njengesakhamuzi somhlaba esiphelele. Lapha sikhuluma ngezindawo zasemakhaya. Yiza ezikoleni ezisemalokishini nakhona kunesakhona esithombe esehlukile. Yebo izikole zinezakhiwo eziqinile nengqalasizinda ikhona, amanzi ayatholakala nogesi ukhona. Okubuhlungu wukuthi lezi zikole zisesiminyaminyeni lapho kungelula ukufaka zonke izakhiwo ezizokwenza abafundi bancintisane ngokuphelele nozakwabo basezindaweni ezisesilungwini. Nazo lezi zikole zasemalokishini noma zakheke kangcono kunezasemakhaya zikhungethwe wububha obenza zingabi nemitapo yolwazi, izindawo zesayensi, amakhompiyutha nobugebengu. Lapha sifaka phakathi nezindawo eziyimijondolo lapho impilo ilimele ngezindlela eziningi ngenxa yokungahleleki kwendlela yabantu yokuhlala.

See Also

Uma uya ezabelweni obekungezabamhlophe ngesikhathi esiphambili kunesinye isithombe esingafani nesasemalokishini nasezindaweni ezisemakhaya. Yilapho la abazali bezindawo ezibalwe ngasenhla bethuntutha khona izikhwama okokugcina, badele ukuzijabulisa bona ngemfundo yezingane zabo. Kulezi zikole kuyatholakala konke okungenza umfundi abhekane nekusasa ngesibindi. Ikhona imitapo yolwazi, izindawo zesayensi nakho konke. Ngaphezulu kwalokhu kunokungekho kwezasemakhaya nezasemalokishini, umhlaba! Abazali abaningi, ngaphezulu kokulandela isiko lokufunda nokufundisa elisatholakala kulezi zikole balandela ezemidlalo ezitholakala ngendlela ehlelekile kulezi zikole. Ngekusasa lezingane zabo bancamela ukukhumuka amaphakethe, kwazise kwanele kwangena izingane zaboHlanga lezi zikole zenyusa imali yokufunda ngendlela engabekezeleleki zaphinde zashaya imithetho enzima evimba aboHlanga njengokuthi umuntu uhlala kuphi esikhundleni sokunikeza indawo kumzali ofike nengane yakhe kuqala.

Kunebhande elihlanganisa zonke lezi zikole ezibalwe ngenhla elibizwa ngequintile. Lona wumgomo wokubheka izingamnotho Labantu abahlala kuleyo ndawo. Ezasemakhaya nasemalokishini zisukela kuQuintile 1 kuya ku 3 bese kuthi lezi zabadla kahle zibe ku-4 no-5. Lokho kulawula inani nendlela yokuxhasa kwesikole ngesikole wuHulumeni. Kunezikole ezihlonzwe njengama no fee school lapho abantwana bengakhokhiswa khona imali yesikole ngoba abazali baleyo ndawo bengenakukwazi ukumelana nezindleko zokukhokhela isikole.

Ekugcineni kunezikole zontakabani lapho kufunda khona izingane zezikhulu nezicebi zezwe. Lapha ngikhuluma ngezikole ezikhethekile ezingancikile kuhulumeni ngokwesekelwa ngezimali. Lezi zikole zihluke ngakho konke ongase ukucabange. Zinomhlaba, zinemali, izifundo zakhona zehlukile, azikhiqizi izifundiswa zodwa kodwa futhi zikhipha nabadlali beqophelo eliphezulu. Abadlali bombhoxo, bekhilikithi nabethenisi abaziwayo baqhamuka kulezi zikole. Ngaphezulu kwalokhu eyazo ingqalasizinda ivikelekile, ivalelwe, umphakathi ongaphandle nongacebile awukwazi ukuhlomula kuyo. Amagceke alezi zikole ahlale eluhlaza ubusika nehlobo kanti nezingane ezifunda lapha zivikeleke ngokuphelele ebugebengwini nasezinkingeni ezikhungethe izwe elinomnotho ongazinzile njengowalapha eNingizimu Afrika. Ziyaziwa lezi zikole futhi abafundi abakuzo bacishe babe nesiqiniseko sokuthi uma bephuma kuzo bayowathola amathuba emisebenzi. Uma kungenjalo bayongena kwezemidlalo nakwezobuciko bavelele. Ngeke kwashiwo lokhu ngengane efunde elokishini nasemakhaya.

Okufike kube buhlungu ngalolu vemvane olumabhadu oluyimfundo yaseNingizimu Afrika wukuthi yonke le mifula eyimingenela ichithela olwandle lwamathuba emisebenzi. Isimo semfundo yaseNingizimu Afrika sivuna abathile nokuchaza inkundla yomjaho engahlelekile nengalingani. Noma uHulumeni ebukeka ezama kodwa uma isimo sobuphofu nokungalingani kuseyiso esilawula impilo yomfundi waseNingizimu Afrika kuyothi noma kujatshulelwa imiphumela aboHlanga bajabule babuye nganeno. Lokhu kudalwa wukuthi eyoHlanga ingane ithi iphumelela isuke ifunde ngempelasonto, ngamaholide, yahamba ebumnyameni iphumela endaweni engenagesi kodwa ephithizela izinswelaboya. Baningi abafundi abadlwengulwe babulawa befunda ngemiGqibelo nagezikhathi zamaholide. Ngaleso sikhathi ozakwabo abangezinye izinhlanga basuke bepheshethwa ngoshaya kamnandi umoya bejabulela amaholidi nabazali babo.

Kunesidingo sokuthi uHulumeni aphuthume eyokulinganisa amathuba emfundweni ukuze uma kukhulunywa ngesilwane esiyimfundo kukhulunywe ngento eyaziwa yiwo wonke umuntu. Isimo sobubha nokungalingani senza imfundo yaseNingizimu Afrika ibe yinto enzima ukuyifaka esikalini esiyiso, ugcine umphakathi waboHlanga ungazazi noma kuwufanele yini ukuyijabulela.

Scroll To Top