Kuhlehle imidlalo emikhulu emhlabeni ngeCOVID-19
Nakanjani unyaka wezi-2020 angeke wakhohlakala emlandweni kuzona zonke izinhlaka zezemidlalo emhlabeni wonke. Lokhu kwenziwa ukubhebhetheka kwegciwane iCoronavirus. Le mbedumehlwane yesifo esisuse ukushisa nokuphakama kwemimoya kubantu njengoba isiphoqe kumiswa nokuhlehliswa kwemidlalo. Imidlalo enjengebhola likanobhutshuzwayo, elombhoxo nekhilikithi kuxhaswe isikhondlakhondla iSuperSport kanti bangazithola sebesenkingeni uma imidlalo bengasayisakazi ngokwesivumelwano esibhalwe phansi. Njengamanje kunokukhuluma okuthi kumele isizini yase-England neyaseNingizimu Afrika ayivele iqedwe kwazise kuhlawumbiselwa ukuthi lesi sifo singase sibaxege abantu. Ngaphandle kweLiverpool okubukeka kungaba umlingo ukuthi ificwe amaqembu ayilandela ngemuva, abakuleli bakhala ngokuthi iKaizer Chiefs, esazihola phambili kulogi, kofana nokuthi yenzelwe ufefe. Nokho-ke akubukeki iziphathimandla ze-English Premier League nePSL zingenza lelo phutha lokunquma ukuvala isizini. Imidlalo emithathu emikhulukazi ishayekile. Leyo yi-European Football Championships, owegalofu i-US PGA Championship neRoland Garros.
KWEYOMPHEBEZO IFrench Open okuwumdlalo womphebezo obuye waziwe ngeRoland Garros ihlehlisewe usuku olungaziwa. Okuhlalukile ngesinqumo sokuhlehliswa kweFrench Open inhlangano engamele lo mdlalo emhlabeni wonke, iFédération Française de Tennis (FFT), wukuthi abadlali abathintwanga kanti akubhekwanga ukuthi kuzokwenziwa njani ngemidlalo ekukhalenda. IRoland Garros bekumele iqale mhla zingama-24 kuNhlaba isongwe ziyisikhombisa kuNhlangulana. Manje isibekelwe umhla zingama-20 kuMandulo ngaphambi nje kwesonto i-US Open izobe isongwa. Ngokwekhalenda iFrench Open iyiGrand Slam yesizini yesibili bese kuthi i-US Open ingene kweyesine. Imiqhudelwano yeGrand Slam idinga amasonto amabili ukuthi idlalwe iqedwe kanti futhi njengoba kunosuku olusha lweFrench Open efuna ukuqala ngayo, lokho kuchaza ukuthi iRoland Garros izokweqa imidlalo ye-ATP yamaTour abesilisa nabesifazane. Lawa maTour abesilisa ahlelelwa ukuba seMetz, eSt. Petersburg, eChengdu, eSofia naseZhuhai nawesifazane azokuba eGuangzhou, eSeoul, eTokyo naseWuhan kulindeleke adlalwe ngalolu suku olusha oluphakanyisiwe Ukuhlehliswa kweRoland Garros kucasule uVasek Pospisil.
Lo mdlali waseCanada okleliswe endaweni yama-98 uveze ukunengeka kwakhe ngokubhala ekhasini leTwitter ethi: “Umsangano wodwa lo. Isinqumo esikhulu kanje ngeRoland Garros ishintsha izinsuku ngaphambi kwe- US Open. Akukho muntu ozihluphile ngokusithinta ngalesi sinqumo. Kuyacaca ukuthi umuntu akanazwi kulo mdlalo. Sekufike isikhathi sokuthi izinto zenzeke ngenye indlela manje.” UNOBHUTSHUZWAYO Eze-European Football I-Euro 2020, ebibekelwe umhla zili-12 kuNhlangulana kuze kushaye umhla zili- 12 kuNtulikazi idlalelwa emadolobheni anjengoGlascow kuya koBaku, isihlehliselwe ukubanjwa ngonyaka ozayo. I-Uefa ihlangane namalungu angaphansi kwayo angama-55 ukubhunga ngalesi sinqumo ekuqaleni kwesonto.
Kubukeka bezohlehlisa nowamanqamu eChampions League obubekelwe usuku lomhla zingama-27 kuNhlangulana kanye nowanqamu e- Europa League ebinikwe umhla zingama-24 kuyo le nyanga. ENingizimu Afrika Kumiswe eyePSL, iGladAfrica Championship, iMultiChoice Diski Challenge (MDC) osekuvele ukuthi iyoze iqale ngesizini ezayo kanye ne-ABC Motsepe League. Kwamanye amazwe KuSpanish La Liga, kuyona le ligi kuneqembu iValencia okuthiwa ama- 35% wabantu abakuleli qembu okubalwa nezisebenzi banalo leli gciwane, kukhalwa esifanayo. E-Italy kuvele ukuthi abadlali ababili beJuventus uBlaise Matuidi noDaniele Rugani nabo sebethelelekile, kube iChampionship okuyiligi yesibili e-England. Inhlangano ephethe unobhutshuzwayo e-Afrika, iConfederation of African Football (CAF), ihlehlise yonke imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (AFCON) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo. Le midlalo engama-48 ibizoqala ukudlalwa ngomhla zingama-25 kuya kumhla zingama-31 kuNdasa ezinkundleni ezehlukene ezakhele i-Afrika.
KWEMINYE IMIDLALO Kweyabesifazane Phakathi kwemidlalo ehlehlisiwe yileyo yemiqhudelwano yokuhlungela iFIFA Women’s U-20 World Cup ebizodlalwa kusukela mhla zingama-22-27 nangomhla zingama-29 kwephezulu. Ngokunjalo nemidlalo yokuhlungela iTotal Women’s AFCON 2020 ebizokuba kusukela mhla ziyisi-8 kuya mhla zili-14 kuMbasa nayo ayisindanga ekuhlehlisweni. Kweyekhilikithi Kukhilikithi iNingizimu Afrika bekumele idlale imidlalo emithathu ye-One Day International (ODI) ne-India kodwa ibhuntshile yonke. Umqhudelwano wakuleli iMomentun One Day International (MODC) nawo umisiwe, kuphinde kwahlehliswa i-India Premier League (IPL) okuyiligi enkulu emhlabeni. Iqembu lakuleli labesifazane kule mpelasonto belizoqala imidlalo ye-ODI nompetha bomhlaba i-Australia kodwa ngeke isaba khona.
Ezombhoxo IVodacom Super Rugby ebinamasonto ayisi-6 iqalile imisiwe, kuphinde kwamiswa i-England Premiership Rugby. Ezokusubatha Nalapha miningi imiqhudelwano emisiwe ngenxa yaleli gciwane, eminye yayo iTwo Oceans Marathon, iDiamond League, iSpar Women’s Challenge, iLondon Marathon neBoston kanye neminye emincane eminingi. Kwezamankomane Kumiswe imiqhudelwano emithathu. Emibili bekumele ibe seGoli kanti eminye bekumele ibanjelwe KwaZulu- Natal. UNokwanda Mbatha weTono Boxing Promotions uthe ubesechithe imali eshisiwe ehlela umqhudelwano obekumele ube seMfolozi Casino. Uthe okubuhlungu iBSA ivele yazithathela isinqumo ingabazisanga njengabantu esebenzisana nabo. “Lapha sikhuluma ngokuthi besekusayinwe izivumelwano nabaxhasi abafake imali enkulu manje uma sekwenzeka nje siyadumala. Manje sekumele sikhokhele osomankomane imali ingxenye engama-10% bengangenanga eringini.” Isikhulu esiphezulu kwaBoxing SA, uTsholofelo Lejaka, sithe bayezwelana nosomankomane nophromotha. “Kodwa okumele kuqondwe ukuthi inkontileka esuke isayinwe usomankomane nophromotha isuke isengathathwa njengento esekhona uma zingakapheli izinsuku ezingama-60.” Uma ubheka kahle izinsuku ebesizivumile, kuyacaca ukuthi bekuzophela izinkontileka usuku lwezimpi zingakafiki.