Yize kunjalo uKhuzeni uyayeseka iMeya
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uSihle Zikalala, uncome ubuholi beMeya yeTheku, uKhansela uMxolisi Kaunda, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe eyibhekise esifundazweni emasontweni edlule, eMgungundlovu. UNdunankulu uKhuzeni, uthe sekunozinzo eThekwini, selokhu ithathile iMeya uKaunda ngoMandulo nyakenye. UNdunankulu uKhuzeni ubalule ukutshalelwa kwezimali emgodleni weTheku nokuncipha kwemibhikisho selokhu kuthathe iMeya uKaunda, njengento eziletha ithemba. UNdunankulu akabalulanga izinselelo iMeya uKaunda abhekene nazo. Inselelo enkulu ukuthi kunokuklwebhana ebuholini eThekwini, ukuba manqikanqika kwezisebenzi zikaMasipala ezingazi ukuthi ikusasa liziphatheleni.
IMeya uKaunda akamusha kuMasipala weTheku, useke waba yiKhansela kulo Masipala esikhathini esiphambilini. ITheku, iMeya uKaunda eyalishiya iya kuHulumeni wesifundazwe, sekungelinye manje. Izinga lokwentuleka kwemisebenzi eThekwini liyenyuka esikhundleni sokuthi lehle. Abantu abagxumeka imijondolo bayanda, imiphakathi eyakha izindlu ezindaweni ezigugulekayo uma kunezimvula ezinamandla isekhona, izifo ezithelelanayo zisanda, inani lezingane ezishiya amakhaya ziyohlala ezinkalweni, ezigangeni, nasemigwaqeni liyanda. Izinga lobugebengu liyanda ngoba imisebenzi iyalahleka usuku nosuku.
Kunodlame ezikhungweni zemfundo ephakeme futhi lokhu kudala nomonakalo obalelwa ezigidini zamarandi. Nasezikoleni zamabanga aphansi, kunodlame oluphakathi kwabafundi bebodwa. IMeya uKaunda, ingene phezu kwamabibi yikho kungezukuba lula ukuthi imisebenzi namagalelo akhe kusheshe kubonakale kubantu abazedlulela emigwaqeni. Ukuboshwa kweMeneja yeTheku, uMnu uSipho Nzuza, kuwushayile uMkhandlu weTheku, inselelo isikuyo iMeya njengesakhamuzi sokuqala sedolobha ukuthi isithunzi salo sigcinwa sinjani, uma sesisibi vele singagezwa kanjani, uma sisihle singagcinwa kanjani. ITheku laziwa njengedolobha eliheha izivakashi, isimo somnotho sehlile izwe lonke, lokhu kwaholela ekwehleni kwezinga lezivakashi ezithutheleka edolobheni. IMeya uKaunda, siyibone ihambele imiphakathi ehlukumezekile, ekhungethwe yindlala neshonelwe eyiKhansela eNanda.