Now Reading
Yinkombankombane ngemihlomulo yasemayini
Dark Light

Yinkombankombane ngemihlomulo yasemayini

Izinhlaka zomphakathi zivikela iso lazo ngezinsolo zokudliwa kwemali

 

UKUKHULUMA kwephumalimi licana ukukhishwa kwezimali sekususe umsindo kwaMpukunyoni esizweni sakwaMkhwanazi. Lezi zimali ezokumbiwa kwamalahle kwaSomkhele yinkamapani iTendele Coal Mining (Pty) Ltd ezikhokhelwa isizwe.

Emhlanganweni womphakathi, uMnu Jan du Preez oyisikhulu esiphezulu seTendele Coal Mining (Pty) Ltd ngomhla ziyisi-6 kuNtulikazi ngowezi-2016 yilapho edalule khona ukuthi izimali ezifanele umphakathi uzikhiphe kanjani. Lokhu okushiwo nguMnu Du Preez kuqukethwe nasembikweni wakhe wezimali awenekela umphakathi. IBAYEDE inayo ikhophi yombiko wezimali owethulwa nguMnu Du Preeze.

Abanye abebekhona kulo mhlangano womphakathi nabemayini kubalwa nesikhulu soMnyango Wezokumbiwa Nezamandla uNks uNcamisile Mtshali.

Ngokombiko kaMnu uDu Preez uthi ngowezi-2008 imayini ifake izigidi ezingu-R1.7 KuMpukunyoni Development Trust kwathi ngowezi-2009 yaphinda yafaka izigidi ezingu-R1.36. Ngowezi-2011 imayini iphindile futhi yafaka izigidi ezingu-R1.23 kwathi ngowezi-2012 imayini yaphinde yafaka ezingu-R1.53M. Esikhwameni inoMathiya Development Trust imayini ngowezi-2014 ifake izigidi ezi-R2.89, kwathi ngowezi-2015 yaphinde yafaka ezi-R3.19.

Inhlangano yosomabhizinisi yomphakathi waKwaMpukunyoni eMtubatuba seyicele uMhlonishwa Wezokuthuthukiswa Kwezomnotho Namabhizinisi KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uSihle Zikalala ukuba angenelele ekungabonini ngaso linye nabenkampani.

Lokhu kulandela ukuvela kwezinsolo ezishaqisayo zokuthi izigidi zemali ebikhokhwa yile mayini ukuba izothuthukisa isizwe saKwaMpukunyoni yonke iphelele ephaketheni lenkosi uMzokhulayo Mkhwanazi nethimba lakhe okubalwa kulo nomfowabo uMnu uQhina Msawenkosi Mkhwanazi oseyiMeya kaMasipala uMtubatuba.

Lezi zindaba ezishaqisayo zokudliwa kwemali yomphakathi zivele emhlanganweni womphakathi wokucobelelana ngolwazi owawubizwe izikhulu zemayini kanye nezikhulu zoMnyango Wezokumbiwa Nezamandla endaweni ebizwa ngeMeet Mekaar khona kwaSomkhele. Umphakathi waKwaMpukunyoni wawumelwe yinhlangano yomphakathi iMpukunyoni Community Property Association (MCPA) eholwa nguMnu uBongani Phiyose.

Usihlalo weMCPA, uMnu uPhiyose kanye nonobhala, uMnu uMakhosonke Masuku bakhwele badilika enkosini uMkhwanazi nethimba layo bethi bayiqedile imali obekumele iyothuthukisa umphakathi.

“Kulo mhlangano kwavela ukuthi laba nezincelebane zabo bazitika ngemali yomphakathi eyizigidi. Sishaqekile ukuthola lezi zindaba ezinjengalezi. Omunye esikhala ngaye uMnu uSgoga Mkhwanazi oxhumanisa umphakathi nemayini njengoba esebuyisele ikomiti elidala ngomgunyathi ngaphandle kokwazisa umphakathi nokuthi ube yingxenye yokukhethwa kwaleli komiti,” kusho uMnu uPhiyose.

“UMnu uDu Preez wethula isimo sezimali imayini esiyikhokhile ukuthuthukisa umphakathi okubalwa kukho ukudala amathuba omsebenzi, imisebenzi yomphakathi, ezenhlalakahle kanye nemali ebifakwa esikhwameni iKwaMpukunyoni Development Trust kanye neMathiya Community Development Trust. UMnu uDu Preez wakuqinisekisa ukuthi bafake imali eyizigidi ezili-R11.98 esikhwameni somphakathi esidala kanjalo nakwesisha,” kusho uMnu uPhiyose.

UMnu uMakhosonke Masuku naye uthi bethuke kwaphela nasozwaneni bethola ukuthi kanti abemayini sebefake imali engaka esikhwameni sesizwe kodwa okuyimali egcine ingafinyelelanga esizweni. Uthi ngenxa yalezi zinkinga zokudliwa kwemali yomphakathi beyiMCPA banqume ukuthinta iHhovisi likaMhlonishwa uZikalala ukuba angenelele.

“Sesixhumane neHhovisi likaMEC uSihle Zikalala lapho sithole khona umsizi wakhe, uNks Nelisiwe Mkhize osinxuse ukuba simthumelele yonke imininingwane ngeposinyazi (email),” kusho uMnu uMasuku.

“Okunye okuvelayo ukuthi ngisho neNdlunkulu yakwaMkhwanazi isilufakele izibuko lolu daba ngenxa yokukholelwa ekutheni lowo oyibambabukhosi, uMzokhulayo Mkhwanazi ubuholi bakhe abasabuthembi kangangokuthi iNdlunkulu isiyenze imihlangano emithathu imbiza ukuze azochaza kodwa angafiki nomphakathi wenze okufanayo umcela ukuba azochaza ngalezi zimali kodwa wenza okufanayo ngokungalubhadi kuwo selokhu kwavela lezi zindaba zokudliwa kwemali yomphakathi,” kuqhuba uMnu uMasuku.

UMnu Phiyose uthi kumanje bahlela ukuyovulela inkosi uMkhwanazi icala lokukhwabanisa emaphoyiseni.

See Also

UMnu uBongani Mathaba ongomunye wabasekomitini leMPCA uthi ngenxa yokuthi umsizi kaZikalala ucele ukuba bamthumelele yonke imininingwane emayelana nezinsolo zokudliwa kwemali yomphakathi bamatasa bahlanganisa umbiko ophelele abazowuthumelela uMhlonshwa uZikalala.

“Kumanje sizama ukuthola uhlu oluqukethe amagama abantu abadle lemali, inkinga ukuthi inkosi nabangani bayo abafuni nalo. Yingakho nje sicela uMhlonishwa uZikalala ukuba angenelele,” kusho uMnu uMathaba.

INkosi iyaziphendulela

INkosi uMkhwanazi iziphendulela kulezi zinsolo ezishiwo ngayo uzichithe njengamampunge ethi kuhloswe ngazo ukudicilela phansi isithunzi sakhe.

“Empeleni umuntu osiqhathayo nguMnu uDu Preez ofike watshela abantu emhlanganweni ukuthi usenginike imali eyizigidi ezili-R11. Mina imali engiyaziyo imali engayicela kuye ebizwa ngeManagement Fee okwakungeyokuholela izinduna, amaphoyisa asenkantolo omabhalane abagade uthuthuva emayini enye bese iholela nami njengenkosi yesizwe. Futhi kwayona leyo mali ibingafiki kimi iyisamba ngale ndlela lo mlungu akubeke ngayo emhlanganweni,” kusho inkosi uMkhwanazi.

Iphinde yagxeka uMnu Phiyose ukuthi ulwisana nayo ngoba enqaba ukwemukela inhlangano yakhe iMPCA.

“Ngangingeke ngivumele enye inhlangano ikhwele phezu kwenye ekubeni kukhona iKwaMpukunyoni Business Association (MBA) esebenza ngokusemthethweni. Phela lokho kwakuyofana nokuthi ngiyabeqhatha,” kuqhuba inkosi uMkhwanazi. Iqhuba ithi kusukela lapho, uMnu uPhiyose uhamba emthuka embiza ngawo wonke amagama ethi ugcwele inkohlakalo.

“Bahamba bethi mina nezihlobo zami sithenge ipulazi nesikebhe ngemali yomphakathi. Empeleni uMnu Phiyose wayeyilungu leKwaMpukunyoni Business Association kodwa waxoshwa kuyo ngenxa yenkohlakalo yokudla izimali zayo zeMBA. Ingakho esegijime wayozivulela eyakhe inhlangano ukuze adle kahle izimali zomphakathi,” kuphetha inkosi uMkhwanazi.

Scroll To Top