Iso nodlebe kowase-USA kungenyusa udumo lweThee Legacy
UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
Iqembu lesicathamiya, iThee Legacy, kungenzeka lilandele ezinyathelweni zeqembu lesicathamiya elihlonishwa umhlaba wonke iLadysmith Black Mambazo ngokuphathwa yiMeneja uMitch Goldstein ezinze eNew York, e-United States of America. UGoldstein usebe iMeneja yaMambazo iminyaka engaphezulu kwengama-30 kanti nguye otuswa ngokuwatholela ukuqashwa ubuthaphuthaphu ukuyonandisa phesheya kwezilwandle. Uma lokhu kuba yimpumelelo, iThee Legacy ingaba sethubeni lokuwelela kwelenyoni nayo ithole ukuhlonishwa umhlaba wonke njengaMambazo. Leli qembu elakhiwe ngamalungu asemancane ngokweminyaka yobudala, livamise ukucula nabantu abashaya isigqi okungesona esesicathamiya kodwa kuphume unqambothi oluthakaselwa ngabathandi bomculo abaningi. Izingoma zabo eziningi kuvamise ukuba kube ngezothando.
IThee Legacy ibunjwe yizinsizwa ezingabazukulu nezihlobo zamalungu eMambazo. Iholwa uJabulani Mthembu, abaningi abathi izwi lakhe lifana ncamashi nelikaSolwazi uJoseph Shabalala owayengumsunguli nomholi waMambazo Amnyama ongasekho emhlabeni. Amanye amalungu uKhanyisani Mazibuko, uPhilani Duma, u-Emille Ngcobo noSimphiwe Sikhakhane. UJabulani uthe izingxoxo seziqaliwe noGoldstein kodwa akukho osekubhalwe phansi okuyisivumelwano. “Njengeqembu singathanda ukusebenzisana nomuntu onegama emhlabeni jikelele. Uyahlonishwa loya mnumzane futhi wasitshela ukuthi uyawuthanda umculo wethu.
Ukusebenzisana naye kuyosibeka ebalazweni lomhlaba.” Amalungu aleli qembu aphuma eNanda, KwaMashu naseNtuzuma edume nge-INK, athatha amehlo abantu abaningi ngesikhathi eqhudelana namanye amaqembu ohlelweni iSing Off South Africa olwalukhonjiswa kwa-SABC ngowezi-2015. Ukuhlaba umxhwele abaningi kwabazuzisa ngenkontileka yokurekhoda yakwaSony Music Entertainment Africa. Bafika kwezwakala endimeni yomculo ngoba nge-albhamu yangowezi-2016 nokuseyiyo yodwa abanayo, bangena begijima kuma-16th Metro FM Music Award (MMA16) ngawo lowo nyaka. Ingoma ethi “Wena Wedwa” nethi Sthandwa Sami, zathakaselwa kakhulu ngabantu njengoba zangena emunxeni weBest Remix neMr Kamera Remix. Lokhu kwabenza baba yibo bodwa abaqokelwa kulezi zindondo kumaMMA16.
Lezi zingoma zidlisa ngesigqi seR&B ne-Afro Beat. Ingoma ethi “Wena Wedwa” yangena igijima kuKhozi Top 20 futhi yahlala endaweni yokuqala isikhathi eside. Kuwo futhi lowo nyaka izingoma zabo zizwakalile efilimini edidiyelwe uKagiso Lediga esihloko esithi “Wonder Boy”. Ukuthandwa kwesigqi sabo kubonakale kuthandwa nangabadidiyeli bezikhangiso zeSimba Chips, iSimba Mapha TVC, ababegubha iminyaka engama-60 besebenza. Okugqamile ngeThee Legacy ukuthi iyakwazi ukuhlanganisa into ethokozelwayo namaciko angaculi ngesigqi sayo. Baqale bacula ngokuhlanganyela noDJ Maphorisa wodumo lweGqom, iHouse namaPiano bakhipha ingoma esihloko esithi “Thando” bepike noMlindo The Vocalist wodumo lwezingoma ezifana ne-”Egoli”, “Amablesser”, “Amacala” nezinye. Leli qembu libuye labonakala lihlangana noDuncan ongumrepha bakhipha ingoma ethi “Sikelela”, edlalwe ubuthaphuthaphu emisakazweni nasezindaweni zobumnandi.
Ngesikhathi iqembu lisabunjwa ngowezi-2009 lalibizwa ngeYoung Mambazo, linamalungu angaphezulu kwamahlanu. Kodwa ngenxa yomthetho womqhudelwano iSing Off South Africa, baphoqeleka ukuthi basale nabahlanu. UJabulani wake waveza ukuthi banquma ukuqhamuka negama elithi Thee Legacy ngoba babengafuni ukubukeka njengabantu abakotela udumo lweMambazo. Ngokusho kukaJabulani, lokhu kwadalwa ukuthi amalungu abo ahlobene naweBlack Mambazo. Yena uJabulani ungumzukulu kaRussel Mthembu, uKhanyisani uyise ngu-Albert Mazibuko. UMthembu noMazibuko bangamalungu aqala noMshengu Shabalala evusa Amambazo eminyakeni engama-60 edlule. UJabulani unamakhono amaningi njengoba eseke wadlala indawo ephambili emdlalweni weMambazo: The Musical.