Balobizela amakhaya abadlali abasePortugal
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abantu emhlabeni bangakujikela bonke kodwa umndeni awusoze, yingakho kubalulekile ukubeka wona phambili kukhona konke okwenzayo. Njengoba igciwane iCoronavirus selihlalise lubhujozi abantu umhlaba wonke ladlula nemiphefumulo yabantu eminingi, wonke umuntu ufuna ukuzibona ephephile futhi esondelene nomndeni wakhe. IBAYEDE ikhulume nomdlali kanobhutshuzwayo wakuleli, uThabo Cele, ogijima eqenjini lasePortugal iC.D Cova da Piedade edlala ngaphansi kwePremier LigaPro, ukuzwa ukuthi njengoba umhlaba ubhubha nje ngenxa yeCoronavirus akafisi yini ukube engabe unomndeni wakhe. “Umndeni wami ubaluleke kakhulu ngicabanga ukuthi kulesi sikhathi ngiyadinga ukuba nawo.
NgoMsombuluko isifiso sami bengithi siyafezeka njengoba bengisendleleni ebuyela eNingizimu Afrika, kuthe ngoLwesibili sesisesikhumulweni sezindiza sathola izincingo zokuthi asilumise uhambo lwethu nozakwethu engiqhamuka nabo lapho eNingizimu Afrika. Kungiphathe kabuhlungu ngoba besengibala amahora nje ukuthi sengizobona umndeni wami esenginesikhathi ngawugcina ngenxa yomsebenzi engiwuthandayo. Isizathu esitshelwe sona ukuthi kumele izikhulu zamaqembu kanye nezeligi zibe nomhlangano emva kwalokho kuzobe sekuphuma isinqumo,” kusho uCele izindaba zakhe ezithinta unobhutshuzwayo esezike zasingathwa uJorge Mendes ophethe izindaba zikaCristiano “CR7” Ronaldo. UCele odabuka KwaMashu esigcemeni sakwa-G, ungomunye wabadlali abangama-78 abaseqenjini lakuleli lesikhashana elamenyezelwe umqeqeshi weqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-23 uDavid Notoane, okuhlelwe ukuthi liye eTokyo lapho kuzoba nomqhudelwano we-Olympics.
Eqhuba uthe: “Okungiphatha kabuhlungu ukuthi amaligi amakhulu emhlabeni amisiwe, i-English Premier League (EPL) engiyithatha njengenkulu kakhulu emhlabeni nayo imisiwe. Uma kungathiwa lesi sifo singithola ngilapha, kungaba njani emndenini wami? Ngiyafisa basidedele siye emakhaya sibuyele lapha uma isimo sesidambile, ukuphepha kuncane kakhulu lapha.” Abadlali uCele ajikiswe nabo uSimo Mbhele odlalela iSertanense, uMhleli Mabuza weJuventus de Evora noSphephelo Sithole yena odlalela iBelenences SAD, wonke la maqembu awasePortugal. Leli phephandaba liphinde lakhuluma noMabuza ukuzwa ukuthi uthini ngokujikiswa kwabo. “Amasonto amathathu wonke kukhulunywa ngeCoronavirus, ngalokho cishe akekho umuntu ongazi ngayo nangobungozi bayo. Ngalokho ngiqonde ukuthi ukujikiswa kwethu sesisesikhumulweni sezindiza yinto engiphule kakhulu umoya.
Kufanele engabe ngikhuluma nawe ngihlezi ekhaya nomndeni wami, angisho ukuthi uma ngilapho ngeke lingithole leli gciwane kodwa iqiniso lithi kungcono ukuba ngasekhaya,” kusho uMabuza. “Ngethemba ukuthi lo mhlangano abathi bazoba nawo uzohamba kahle sikwazi ukuthi sidedelwe. Namanje angikholwa ukuthi sijikiswe sesisesikhumulweni sezindiza,” kusho uMabuza. Bobabili laba badlali bagijima ePortugal nje kungenxa yeKZN Academy, okuyinkulisa ezinze eThekwini, eyaveza ikhono labo kunobhutshuzwayo. Kuyimanje uCele noMabuza bayaziqeqesha namaqembu abo nokuyinto eyingozi njengoba kunobhutshuzwayo kubakhona ukuthintana. Bathe ukube kuya ngabo ngabe banxusa iziphathimandla ukuba zimise namaligi abo. UDino Ndlovu odlalela iZhejiang Greentown yaseChina iqembu ubuyile kuleli emuva kokuthi wonke amaqembu akuleliya zwe ededele abadlali ukuthi baye ngasemakubo kuze kuba leli gciwane liyadamba.
Yize kunjalo, kunabanye abadlali bakuleli abasazinze emazweni abadlala kuwona njengoKeagan Dolly ogijima kwiMontpellier, uBongani “Ben 10” Zungu we-Amiens noLebogang Phiri we-EA Guingamp okungamaqembu aseFrance kanye noKamohelo Mokotjo weBrentford yase-England. Laba badlali njengoba bekhala ngokuphepha kwabo kuleli gciwane nje, omunye obe sesimeni esifanayo uJohn Obi Mikel odabuka eNigeria. UMikel oneminyaka yobudala engama-32 oyihlikihla esiswini, uqome ukunqamula inkontileka yakhe neqembu lakhe iTrabzonspor yaseTurkey. UMikel wenza lokhu nje imidlalo yaseTurkey ayikaze ime njengoba amaligi wonke amakhulu emhlabeni emisiwe ngenxa yaleli gciwane eselisabalale umhlaba wonke. Kusukela emaligi amakhulu kuya kuzinkulisa eTurkey, imidlalo iyaqhubeka ngaphandle kwabalandeli.
Lenjini eseke yagijima kuChelsea FC yase-England kuvela ukuthi icele abaphathi beqembu ukuthi abakhulume neziphathimandla zale ligi ukuba zimise imidlalo njengoba kwenziwe kuwona wonke amaligi kodwa iqembu lakhe lanqaba. Ku-Instagram wakhe ubhale ukuthi: “Impilo yami ibalulekile kunonobhutshuzwayo ukuthi sengingaze ngidlale kulesi simo esikusona. Umhlaba wonke ubhekene nesimo esibucayi, wonke umuntu kufanele abe ngasekhaya abe nomndeni wakhe. Namanje ngisamile ekuthenini imidlalo yaseTurkey nayo kumele ivalwe njengoba kwenziwe nakumanye amaligi.”