Amabhizinisi abhekene nesimo esingakaze sibonwe


Kuyisimo esingakaze sibonwe, esinzima futhi esingemukeleki ebhizinisini ukuthi kwenzeke into ethinta ibhizinisi ongenakukwazi ukuyichaza nokuyilawula ukuthi iyodlula nini. Umbuzo ababhekene nawo abamabhizinisi ngothi uma sesidlulile lesi sidumo ibhizinisi liyokube lisekhona yini. Ayikapheli inyanga isifo iCoronavirus sibikwe ukuthi singenile lapha eNingizimu Afrika, kodwa akukabi lula ukusilawula nokuphila sengathi akwenzeki lutho. Uma sibheka kahle ayikho imboni engathinteki ngendlela esibhebhetheka ngayo. Abantu abazithola bebhekene naso ngqo yilabo abasemkhakheni wezokwelapha, okubalwa kubo odokotela, onesi nalabo abalekelelayo kuwo lo mkhakha. Kwethenjelwe kodokotela kanti nabo basebunzimeni bokuthi kumele baqikekele ukuthi bazivikele ngokwanele kuleso naleso siguli esivela phambi kwabo.
Imboni yezokuvakasha nokungcebeleka ibukeka kuyiyo eshayeka ngaphezu kwazo zonke. Lena yimboni ethintana nayo yonke imikhakha yamabhizinisi. Uma ngibhekisisa, imboni yezokuvakasha nokugcebeleka yiyo ecishe ibe yinsika yawo wonke amabhizinisi. Kule mboni kunamathela amabhizinisi adayisa ukudla okungakaphekwa nalokho osekuvuthiwe, imibukiso ehlanganisa imidlalo yasesiteji naleyo ekumabhayisikobho. Kuyo le mboni kunamathela imboni yezokuthuthwa kwabantu ngezinto zokuhamba ezahlukene. Uma amazwe evala ukungena nokuphuma kwamabhanoyi, kusho lukhulu embonini yezokuthutha. Ukuvalwa kwemidlalo enhlobonhlobo, phakathi kwayo okukhona nebhola elibukwa ngamashumi ezinkulungwane zabantu enkundleni eyodwa yezemidlalo. Kuxhuma kuyo le mboni izindawo zokuhlala ezingamahhotela nezinye ezifuze wona.
Ngesonto eledlule bengixoxa nosomabhizinisi, uMnu uPhindani Nene, osekunesikhathi ehlela umbukiso wezinhlobonhlobo zamabhanoyi, nalokho okuhamba olwandle emanzini nokuhamba phansi emhlabathini. Lona umbukiso omkhulu oxhumanisa amazwe amaningi anezinhlobo ezithile zamabhanoyi kanye nezikebhe. Lo mbukiso uhlelelwa inyanga kaNhlaba okungenasiqiniseko sokuthi siyokube sesidlulile yini lesi sivunguvungu seCOVID-19 esikhungethe wonke amazwe. Izinhlelo zibiza ukuxhumana namazwe, kanye nalabo abalawulayo ezinkampanini ezinkulu. Awukwazi ukuwulungiselela ngenyanga eyodwa umbukiso owulolu hlobo. Lolu hlobo lombukiso lubiza abantu abavela emazweni aphesheya bezobukisa ngemishini enhlobonhlobo eminye yayo engakabi khona kuleli lizwe.
Uma kuhlelwa lolu hlobo lombukiso kudingeka abazodayisa ukudla okuzolungela abantu ngokwehlukana kwabo. Kunohlelo lokufika kweBlue Train kulesi sifundazwe ezobe ithwele izivakashi ezizokube zingcebeleka, kodwa futhi amabombo ebheke kulo mbukiso. Imibukiso efuze lona ivula amehlo abantu abaningi babubone ngamehlo ububanzi bezimboni, abanye bathole izinhlelo ezintsha abangafaka kuzo imali kusungulwe amabhizinisi amasha angakaze abonwe kuleli lizwe. Emibukisweni eyilolu hlobo kusizakala eminingi imikhakha yamabhizinisi. Angingabazi ukuthi kunalabo asebeyibekisile indawo yokuhlala emahhotela aseduze nolwandle, okuzokuthi uma lo mbukiso ungenzeki kulahleke imali enkulu. Lo mbukiso uhlanganisa neCareer Show lapho kumenywe abafundi abasemabangeni aphezulu ukuze bazibonele futhi bazikhethele imikhakha abangase bathathe izifundo kuyo kuthuthuke iNingizimu Afrika.
Lokhu engikuchaza ngalo mbukiso ngiveza isithombe somnotho olahlekayo ngokuhlakazwa noma ukuhlehliswa kwemibukiso efuze lona wezinto zokuhamba. INingizimu Afrika ivele inomnotho ontengayo ngakho-ke kuzokonakala kakhulu ngokuthikamezeka kwezinhlelo ezifuze lo mbukiso. Ukuhlela umcimbi ofuze lona kudinga imali oyifaka ezinhlelweni ngethemba lokuthi izobuya ngesikhathi esinqunyiwe, okuvunyelwene ngayo nezinkampani ezihlanganyele embukisweni. Kosomabhizinisi abasemkhakheni wezokungcebeleka nokuhlela imicimbi, yisikhathi esinzima lesi esingenza abanye bangakwazi ukusukuma emuva kokuphela kweCOVID-19. Abanikazi bezindawo zokudla bakuleli baluma bejeqeza kulesi sikhathi uma bebheka okwenzeka emazweni osekufike kuwo iCoronavirus. Ukufika kwalesi sifo kukhuthaze abantu ukuba bahlale ezindlini bangabi wuvanzi ezindaweni zokungcebeleka nezokudla.
EChina abantu sebekhuthazwe ukuba bahlale ezindlini ukuze bangahlangani nabanye abangase babathelele ngaleli gciwane. Izindawo ezidayisa ukudla okudliwa kuhleziwe phansi zinqume ukuvala iminyango ngokuncipha kwabantu, nangobungozi ezibhekene nazo ngokwamukela abantu abehlukahlukene abangena bephuma. Izindawo ezibizwa ngamaMall kubikwa ukuthi ziyagengqeza ngoba abantu bayesaba ukuya khona ngoba kunenkolelo yokuthi kulula ukuthola leli gciwane endaweni efuze leya enabantu abaningi. Nakuleli seziqalile ukubonakala izimpawu zokuncipha kwabantu abangena ezitolo zokudla bahlale phansi badle. Nokungena ezindaweni ezinochungechunge lwezitolo kubukeka sesinciphile isibalo sabantu ngoba iningi lesabela ukungenwa yileli gciwane. Ukuncipha kwabantu abangena ezitolo zokudla kuzokuba nomthelela omkhulu emnothweni waleli lizwe.
Izitolo ezidayisa ukudla okuphuthumayo ziqashe abantu abaningi abasebancane ngokweminyaka, kodwa abakwaziyo ukubamba amatoho baziphilise ngamaholo abawathola ngale misebenzi. Njengoba isibalo sabangasebenzi besimi kumaphesenti angama-29,1 maningi amathuba okuthi sizokwenyuka uma iqhubeka isikhathi eside iCOVID-19. Ukudla okudayiswa kulezi zindawo kuqhamuka kosomabhizinisi abasemkhakheni wezolimo, okuzokuthi ngokwehla kwesibalo sabathengi kwehle nezinga lokudingeka kwale mikhiqizo. Izwe i-USA nalo elikhungethwe yileli gciwane selithathe izinyathelo zokuvala izindiza eziqhamuka emazweni ase-Europe okuyimizamo yokwehlisa amathuba okubhebhetheka kwalesi sifo. Imithombo yezindaba iveza ukuthi izindawo ezidayisa ukudla zidonsa kanzima ngenxa zokuncipha kwabathengi.
Abezindaba bakwaCNBC babika ukuthi uMengameli wase-USA uMnu uDonald Trump ubambe umhlangano nabamele izitolo okubalwa kuzo iMcDonald, iDomino’s Pizza nezinye kanye nabamele izinhlangano i-International Franchise Association neNational Retail Federation. Uma lingatholakali ikhambi elisheshayo lokwelapha lesi sifo kusobala ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika uzoshona phansi kuqhubeke konakale kakhulu. Ayikho imboni engezukuthinteka kanzima ngenxa yeCoronavirus. Noma iyiphi imboni esebenza ngabantu ayikwazi ukuphunyuka kulolu gibe lwesifo esingabonakali, esivumbuka sidle fumuka sidle silaza, esingakhethi phakathi kwesicebi nesichaka, phakathi komholi nomlandeli phakathi kukasomabhizinisi nesisebenzi. Amukho umuntu ovikelekile. Kulukhuni satshe ukulwa nento engabonakali efana notokoloshe ongena kungaboni muntu adale umonakalo.