Uzimisele ukubadodisa baye phesheya



UXimba uyintatheli yezemidlalo nezobuciko.
Ingwazi kanobhutshuzwayo kuleli, uSibusiso “Rhee” Zuma, kulindeleke ukuthi maduze imemezele izinhlelo zayo zokusungula isikhungo eThekwini ngenhloso yokuvundulula ikhono kubadlali balo mdlalo abasafufusa. UZuma, owayengalibheki ipali egijima ku-African Wanderers, i-Orlando Pirates neFC Copenhagen yaseDenmark, useneminyaka ezama ukuthola abantu abazoxhasa leli phupho lakhe. Uhlela ukuthi kuphekwe abadlali abangaphansi kweminyaka eli-19 azobawelisela emaqenjini aphesheya kwezilwandle aqeqeshwa abantu ayedlala nabo khona. Abasondelene naye bathi kunosomabhizinisi baseDenmark abazibophezele ekubambeni iqhaza kulolu hlelo. EDenmark uZuma uthathwa njengenkosi kwazise washiya umsizelo enqobisa iFC Copenhagen inqwaba yezicoco yadlala naku-Uefa Champions League.
Namanje abalandeli abalikhohlwa igoli lomqethuko (isiGqosha) aliqobela enethini bedlala nezimbangi iBrondby bagcina ngokunqoba isicoco seDanish SuperLiga ngowezi-2004. Leli goli lavotelwa njengeDanish Goal of the Year neThe Superliga Goal of the Decade. Ukukhombisa ukuthi uyiqhawe eDenmark kwabonakala ngesikhathi enzelwa ifuzamuntu eduze kwenkundla yasekhaya yeFC Copenhagen. Ebuzwa ngokuthi sezikuphi izinhlelo ngenkulisa, uZuma uthe ucela ukungandi ngamazwi, wanxusa ukuba athintwe ngenyanga ezayo. UZuma uyisimenywa esiqavile engqungqutheleni iWorld Football Summit (WFS) Africa eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) eThekwini kusukela ngomhla zili-18 kuya zili-19 kwephezulu. Kuzobe kukhulunywa ngezihloko ezithinta izinselelo ezibhekene nonobhutshuzwayo nokuhambisana nesikhathi samanje esinobuchwepheshe nokuthi kusetshenziswana kanjani nabalandeli.
UZuma umenywe noBenni McCarthy, uPitso Mosimane, iSikhulu Esiphezulu sa-AmaZulu FC uLunga Sokhela, iMeneja Jikelele yeCape Town City uMaximilian Grunewald nokaputeni weBanyana Banyana uJanine van Wyk. Abanye abamenyiwe uMqondisi we- Olympique de Marseille, uLaurent Colette, ozonekela izihambeli ngokusebenza naleli qembu laseFrance elihlale lidlala ku-Uefa Champions League. I-Olympique inobudlelwane ne-Afrika njengoba ivule izinkulisa khona. UJuan Sebastián Verón owayedlalela i-Argentina nosenguSihlalo we- Estudiantes uzogxila ezindabeni ezithinta ukusetshenziswa kwezinkundla. Inkundla abayisebenzisayo, i-Estadio Jorge Luis Hirschi, isanda kugixabezwa ngesitifiketi i-EDGE Environmental Certification evela ku-International Financial Corporation esebenzisana neWorld Bank. Ezinye izimenywa uSenzo Mbatha oyiSikhulu Esiphezulu seSimba Sport Club yaseTanzania, uBenoit You onguSihlalo we-ASEC Mimosas noSaer Seck onguMengameli weDiambars FC yaseSenegal.
Ohlangothini lweFifa kulandwe uFatma Samoura onguNobhala Jikelele kuthi uMengameli weSafa uDanny Jordan noDesree Ellis oqeqesha iBanyana Banyana bamele iSafa, uJavier Tebas uzomela iSierra Leone, uMengameli weLaLiga uJavier Tebas uzobe ekhona kanye neNhloko ye-International Development, u-Óscar Mayo. Kuzona ezezimoto, kule mpelasonto bekumele kuqale isizini yomqhudelwano iMotoGP eQatar kodwa nawo wagcina umisiwe. Mhla zingama-22 kuya zingama-29 kwephezulu bekuhlelwe umqhudelwalo iTable Tennis Championship eSouth Korea nawo ogcine ubhuntshile okungenzeka udlale ngoNhlangulana nonyaka. Iligi ebizwa nge-Inaugural Basketball Africa League bekumele iqale mhla zili-13 kwephezulu eDakar, eSenegal, kodwa kwahlehliswa ukuqala kwayo ngenxa yeCoronavirus. Lesi sifo esibuye saziwe ngeleCovid-19 siphinde saphazamisa izinhlelo zeHSBC World Rugby Sevens Series njengoba kunemiqhudelwano emibili yeSingapore Sevens neyeHong Kong Sevens osekulindeleke ukuthi ibe ngoMfumfu isuka kuMbasa.
Nakwezokusubatha bashayekile njengoba umqhudelwano iWorld Athletics Indoor Championships bekumele ube mhla zili-13 kuya zili-15 kwephezulu eNanjing kodwa wahlehliselwa unyaka ozayo. Miningi eminye imiqhudelwano esihlehlisiwe nengeke isaba khona nhlobo ngenxa yeCoronavirus esibulale izinkulungwane zabantu ikakhulukazi eChina. Njengoba kuhlehla nemidlalo yokuya ku-Olympics azoba seToyko nonyaka, kubukeka kungenzeka lo mqhudelwano ugcine nawo uphazamiseka. Nakuba kunjalo, uMengameli wekomiti elilungiselela le Olympics, uMnu uYoshiri Mori, ukuchithile ukuqagula kokuthi lo mqhudelwano ungahle umiswe ngenxa yokukhula kwengebhe ngokubheduka kweCoronavirus. Uthe lokhu akakuboni kuba yisinqumo abasithathayo. Ngeledlule isikhulu saleli komiti uMnu uToshiro Muto sathi: “Sethuke kakhulu ukuthi leli gciwane lingagcina lingena emanzini ngesikhathi semidlalo ye-Olympics.”