Nomqashi unelungelo lokuteleka elwisa isiteleka



UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
Iziteleka ezivamile zabasebenzi, besebenzisa ilungelo labo lokuteleka, sezaze zadala ukuthi sikhohlwe ukuthi nomqashi naye unalo ilungelo lokucima umlilo wesiteleka ngomunye umlilo okuwukuzivalela ngaphandle kwamagceke izisebenzi axabene nazo ezingxoxweni. Phela leli hawu okuligunya lomqashi ngokomthetho kalivamile ukusetshenziswa ngabaqashi ngoba ezehlakalweni eziningi, bona bakhathazeka ngokuthi makuqhubeke umsebenzi ukuze banelise izibopho zabo emakhasimendeni abo futhi kuqhubeke amabhizinisi abo. Uma belisebenzisa leli hawu labo abaqashi kuyezwela kakhulu kubasebenzi nasezinyunyaneni. Mhlawumpe lokhu kwenziwa yikhona ukuthi izinyunyana nezisebenzi nabo sebaze balibala ukuthi umqashi naye unalo ihawu lokuvika futhi uma eselisebenzisa angeke kwaba ngumthwalo olula kubasebenzi nasezinyunyaneni. Lesi simo siqhamukile ecaleni elinqunywe yiNkantolo Yezabasebenzi mhla zingama-29 kuLwezi onyakeni owedlule.
Yicala leNational Association of South African Workers obo Members vs Kings Hire CC elingunombolo J 2290/19. Kodwa ngaphambi kokuchaza ngaleli cala ake sikhumbuzane ukuthi uthi umthetho ngeziteleka nangalo leli hawu lomqashi lokuvimbela izisebenzi uma ephikisana nesiteleka. ISigaba 64 soMthetho Wezobudlelwano Emsebenzini yisona esilawula ukuteleka nesiviko somqashi sokuvalela abasebenzi. Kafuphi, umthetho uthi uma ukuxoxisana kuhlanganyelwe phakathi komqashi nabasebenzi sekufike engxabanweni yokungavumelani, abasebenzi banelungelo lokuteleka; nomqashi unehawu lokubavalela.
Okomqashi kuyihawu ngoba usuke evika isiteleka akanalungelo lokubavalela abasebenzi kungekho kuxoxisana osekwehlulwene kukhona. Ukubavalela abasebenzi lokhu kakusho ukuxoshwa. Ngokomthetho la malungelo kufanele asetshenziswe uma sekukhishwe isitifiketi esithi sekwehlulekile ukuluxazulula udaba obekuxoxwa ngalo, noma sekuphele izinsuku ezingama-30 ingxabano isezithebeni zenkundla yamacala. Futhi kufanele inyunyana noma umqashi banikezane izaziso zamahora angama-48 zokuthi sebezongena esitelekeni noma ukuthi umqashi usezobavalela abasebenzi uma bengemukeli ezakhe izimfuno kulolu daba abaxabene ngalo. Ukuxoxisana kuhlanganyelwe kusho ukuphikisana ngenhloso yokuthelelana amanzi noma yokusebenzisa amandla anqunywe ngumthetho uma kungekho ukuvumelana. Umphumela wokuxoxisana ngokuhlanganyela kufanele kube yisivumelwano esanelisa izinhlangothi zombili noma kube yingxabano egunyaza ukusebenzisa isiteleka noma ukuvimbela izisebenzi emsebenzini.
Ukusebenzisa amandla esiteleka nokuvimbela, kwezinhlangothi ezingxoxweni zokuhlanganyela lokhu kusuke kusaqhuba khona ukuxoxisana kuhlanganyelwe. Ekugcineni inhlosonqangi ukuthelelana amanzi nokuvumelana ngoba lezi zinhlangothi ziyadingana zombili futhi ngokulinganayo. Okwakwenzekile ecaleni esilichaze ngenhla kwakuyingxabano yokubanga ibhonasi yonyaka. Sekuxoxiswene kwafinyelelwa kwangqingetshe inyunyana yalufaka kwaCCMA udaba. Ukungenelela kweCCMA nakho kwanhlangazimuka nomoya waze wakhipha isitifiketi esigunyaza ukuteleka, esihambisana nemigomo yokubhikisha. Inyunyana yabe isikhiphela umqashi isaziso sokuthi izoqala isiteleka emahoreni angama-48.
Esethole lesi saziso umqashi wanikela eNkantolo Enkulu wathola isivimbelo sokuba inyunyana ingaphazamisi ibhizinisi lakhe okungaqondakali ukuthi yasithola ngaziphi izizathu. Emva kwalokho inyunyana yabe isiyasilengisa isiteleka yathi sizoke sime singaqali. Umqashi wabe esebavalela abasebenzi ngosuku okwakufanele beqale ngalo isiteleka. Inyunyana yakuphikisa lokho ithi kakukho emthethweni ngoba kabatelekile. Umqashi wabe esekhipha isaziso sokuthi usesebenzisa igunya lakhe lehawu lokuvimbela izisebenzi ukuthi zingangeni emsebenzini kuze kube ziyavuma ukuyeka ukufuna ibhonasi yonyaka. Isilucubungula icala iNkantolo Yezabasebenzi, yanquma ukuthi isaziso esakhishwa ngumqashi sihambisana nomthetho ngoba sasinikeza amahora angama-48 okuthi useyazivimbela izisebenzi.
Yakuvuma nokho iNkantolo ukuthi umqashi wayesezivimbele ezinsukwini ezimbili ngaphambi kwesaziso sokuzivimbela. Ngaleso sizathu zinelungelo lokufuna umholo walezo zinsuku ezimbili kuphela. INkantolo yathi uma nje inyunyana isikhiphe isaziso sesiteleka, umqashi naye unelungelo lokuvimbela izisebenzi afune ukuba bemukele okushiwo nguye. Akusho lutho ukuthi siyaqala noma kasiqali isiteleka, kodwa umqashi engazivimbela izisebenzi. Umqashi kufanele azivimbele azitshele izisebenzi ukuthi yini okumele ziyivume ukuze azidedele ukuthi zisebenze.
Kuleli cala iNkantolo yathi kwanele uma isaziso somqashi sithi akufunayo yikho lokho okuxatshenwe ngakho, akushilo ukuthi yena uthini ngakho: kule ngxabano wayethe akafuni nebhonasi yonyaka angeke ayikhiphe. Okwakusho ukuthi izisebenzi kazivume ukuthi seziyakuhoxisa ukufuna ibhonasi yonyaka. Ekugcineni kuleli cala iNkantolo yachitha isimangalo senyunyana esasithi kakukho emthethweni ukuvimbela izisebebnzi ngoba isiteleka sasingaqalile. INkantolo yathi ibambe ngakho, zindala zombili kulokhu kuxoxisana kuhlanganyelwe. Yaqhubeka iNkantolo yathi inyunyana nezisebenzi bayazi ukuthi kumele begobe uphondo bayeke ukufuna ibhonasi ukuze zivunyelwe ukubuyela emsebenzini. Ngenkathi lithethwa leli cala kwase kuyinyanga yesithathu zivinjelwe izisebenzi futhi zingaholi ngoba zingaphandle kwamagceke asemsebenzini. Isifundo esikuleli cala ngesithi nembala ukusebenzisa amandla kwezinhlangothi ezingxoxweni zokuhlanganyela lokhu kusuke kusaqhubeka khona ukuxoxisana kuhlanganyelwe.
Ekugcineni inhlosonqangi ukuthelelana amanzi nokuvumelana ngoba lezi zinhlangothi ziyadingana zombili futhi ngokulinganayo. UMthetho uyasivikela isivumelwano uma sekufinyelelwe kusona ngoba uthi sesiyababophezela bonke abavumelene kanye namalungu abo onke, futhi siyobabophezela kuze kuphele isikhathi okuvunyelwene ngaso ukuthi siyosebenza kube nini isivumelwano. Lokhu kulawulwa eSigabeni 24 soMthetho Wezobudlelwano Emsebenzini. UMthetho futhi uyakwenqabela ukutelekela izinto osekuvunyelwene ngazo emva kokuxoxisana ngokuhlanganyela singakapheli isikhathi sesivumelwano. Leso siteleka kuba ngesingavikelekile emthethweni. Kuleli cala kwakutshengisa ukuthi umqashi wayenamandla namaqhinga edlula awezisebenzi nenyunyana. Lisikhumbuzile icala ukuthi akuwona umthwalo olula ukusebenzisa amandla ukuqhuba izimfuno zazisebenzi uma nomqashi ezokhipha awakhe amangwevu.