Now Reading
Ilokhu iqhakazile inkanyezi yaseMangangeni
Dark Light

Ilokhu iqhakazile inkanyezi yaseMangangeni

Inkanyezi yakwaNdengezi, entshonalanga yeTheku, iyaqhubeka nokuqhakazisa iNingizimu Afrika ngobuhlakani nangobuhle bayo. Lowo uPearl Thusi abazali bakhe abametha amagama uSithembile noXola ngesikhathi bemletha emhlabeni ngowe-1988 zili-13 kuNhlaba. Ukukhanya nobuhle bakhe sekubeke iNingizimu Afrika ebalazweni kwezamangqayi. Kumanje ingqayi iQueen Sono agixabezwe indawo ephambili ukuyidlala, iwundabuzekwayo emkhakheni wezobuciko kwazise okokuqala ukuthi isikhondlakhondla sase-USA esikhiqiza ingqayi, iNetfl ix, sibe nengqayi yase- Afrika. IQueen Sono, ezokhonjiswa ezigcawu eziyisi-6, ishuthelwe eGoli, eLagos eNigeria, eKenya naseZanzibar eTanzania. Kule ngqayi uPearl ukhombisa elinye ikhono njengoba abaningi bembona engu“Yellow Bone” futhi enomzimba womuntu onguzime. Njengomseshi owumshoshaphansi, okuyindawo ayilingisayo, kudingeke ukuthi asebenzise amandla kakhulu njengokugijima nokugingqa abantu ngezinyawo nequpha.

Uma kubhekwa ukuthi iqalephi le ntokazi, kuyacaca ukuthi iyihlele kahle indlela yayo yokuhlala kulesi sicongo ekusona. Akuvamisile ukuthi umuntu obedume ngento eyodwa isikhathi eside, abonakale esevumbuka kwenye futhi ayenzisise sengathi unesikhathi ayifundela. Isibonelo uSomizi “Somgaga” Mhlongo ubedume ngokuba ngomunye wabalingisi beSarafi na kaMbongeni Ngema eyahlanyisa abantu eBroadway Theatre okungadlali noma ubani khona. Ithe isishintsha amagiya le ndodana yezinkakha kwezokulingisa uNdaba Mhlongo noMirriam Thwala, yafi ka yangena khaxa ekwethuleni izinhlelo. USomizi ungumsakazi kuMetro FM futhi ungelinye lamajaji lamaSA Idols. Naye uPearl usekhombise amakhono amaningi njengoba sekuvuleke intuba ekulingiseni. Usedlondlebele emkhakheni wezokungcebeleka, ukhombisile ukuthi kumele ulibambisise okwezikhali zaMantungwa ithuba olithola kulo mkhakha.

Abaningi baqala ukumnaka engumethuli wohlelo lodado i-Crew eyayiboniswa kuSABC3 njalo ngoLwesihlanu ngowezi-2006. Ezinye izingqayi asebonakale kuzona iTremors 5: Bloodlines yangowezi-2015. Umculi weHip-Hop u-Emtee waze waqamba ingoma ngaye ngawo lowo nyaka. Kuwo lowo nyaka uthole indawo yokudlala uSamkelo engqayini ebidlise ngamahlaya nothando. Ubuye wathola ithuba lokwethula uhlelo lomculo iBehind the Story ebiboniswa kuMTV. Ubedlala indawo kaBrenda Riviera engqayini eyenziwa kuleli iKalushi edlala nabalingisi abanjengoThabo Rametsi, uWelile Nzuza, uJafta Mamabolo noGcina Mhlophe Uphindele phesheya kwezilwandle ukuyoqopha kuThe Scorpion King: Book of Souls.

Abadidiyeli bengqayi baqale ukuthatheka ngekhono lakhe lokulingisa ngowezi-2009. Wathola ukudlala indawo kaPatricia Kopong kuThe No. 1 Ladies’ Detective Agency eyayididiyelwe yiBritish Broadcasting Corporation neHBO (Home Box Offi ce). Lolu chungechunge lwedrama eyayixube namahlaya lwalubukwa yizindimbane zababukeli kwazise lezi ziteshi zidume umhlaba wonke. Usuke lapho wathi xhinti kuZone 14 edlala indawo kaSamkelisiwe ngowezi-2011. Ikhono lakhe lokukwazi ukubamba nxazonke limtholele umsebenzi wokuba omunye wabethuli bohlelo lomculo iLive Amp kuSABC 1 iminyaka emihlanu.

Ubedudula lolu hlelo ngokubambisana noDJ Warras noThando “Loot-Love” Shosha. Ubebuye ashebe lo msebenzi ngokwenza okufanayo ohlelweni oluphethe izindaba zosaziwayo iReal Gobhoza ngowezi-2012 kuyona iSABC 1. Ubuyele ekulingiseni ethathwa iSidingo wadlala indawo kaPalesa Motaung unyaka owodwa. Ubuye wathola owokwethula uhlelo iTropika Island of Treasure ngowezi-2013, oweMoments Co-host ngowezi-2015 noweLip Sync Battle Africa ebisakazwa kuMTV naku-etv ngowezi-2016 kuya kowezi-2017. UPearl uthole ucingo lwabadidiyeli baphesheya kwezilwandle wayothatha indawo kaDayana Mampasi kuQuantico kaSeason 2, okuyidrama eboniswe yi- American Broadcasting Company (ABC). Indlela ayidlala ngayo le ndawo yokuba ummeli yachaza izingqapheli ezihlaziya amangqayi.

See Also

Ubuhle bakhe bumwelise ngelibanzi njengoba ezinye izinkampani beziziyela kuyena zifuna ukusebenzisana naye. Useke wabonakala ekhangisela uVodacom, u-Edgars, uJet, u-Altech Netstar, iDStv, uKhomanani, iSANBS, uToyota, uKellogg’s Special K, uDanone noKFC. Wake wathola umsebenzi wokuba yinxusa lenkampani yotshwala eyenza indumezulu yomcimbi iCastle Lite’s Feel the Beat of Sub Zero Experience kufoloswe ngoKanye West.UPearl waphinda waba umqondisi wohlelo ngalobo busuku.

Akagabile nje ngobuhle njengoba ehlome ngeziqu zeBA Communications Science azithola e-UNISA. Ebuzwa ngokuthi uthini umbono wakhe ngeqhaza okulindeleke ukuthi libanjwe abesifazane kule ndima, uPearl uthe:”Okungihlabe umxhwele ukuthi bekunabantu abaningi besifazane kuQueen Sono. Abantu bacabanga ukuthi abesilisa kuphela okumele banikwe izindawo eziphambili njengoba kwenzeka ngezikhathi zoSdumo noGeorgie Zamdela. Ngikholwa ukuthi ozakwethu banawo amathalente namandla okudlala izindawo eziphambili. Lapha ekhaya sinabantu abanjengoBrenda Ngxoli, uMasasa Mpangeni, uZikhona Sodlaka noTerry Pheto. Kumqoka ukuthi umhlaba wazi ukuthi imbokodo yase-Afrika inamandla ayinqaba. Buka nje izimanga ezigilwa uNomzamo Mbatha, uMinnie Dlamini, uDJ Zinhle. Kungijabulisile ukufi ca uMama u-Abigail Kubheka.

Ukuba khona kozakwethu besilisa kusiza ekubhalansiseni izinto nje.” UPearl usethole ukunconywa ozakwabo baphesheya kwezilwandle. Kuqale umlingisi odumile kuBollywood uPriyanka Chopra Jonas nowake wanqoba uMiss World 2000 ongamdlelanga umona. Kulandele uGabrielle Union wase-USA. Ufake isithombe sikaPearl ku-Instagram wase ebhala ethi. “Ngahlangana noPearl ngingalindele endaweni yokucima ukoma eBarcelona ngiqeda kubuka iNdebe YoMhlaba. Ngangisanda kubuka ingqayi ayedlala kuyo iCatching Feelings ngavele ngachazeka.” Ubuye wamncoma ngokuba usomabhizinisi nokufaka isandla kwabadinga usizo. Uncome ukuzakhela inkampani yezinwele iBlack Pearl Hair.

Scroll To Top