Now Reading
Kuyanda ukukhathazeka ngeCoronavirus
Dark Light

Kuyanda ukukhathazeka ngeCoronavirus

Ongoti beWorld Health Organization (WHO) baxwayisa amazwe omhlaba ukuthi alungiselele ukubhebhetheka kwegciwane elisha iCoronavirus, yize lilincane ithemba lokuthi amazwe amaningi angalumela lolu bhubhane. Bathi izinga lokutheleleka kwabantu selikhombisa ukwehla eChina lapho laqubuka khona lolu bhubhane, kodwa amazwe amaningi emhlabeni asebhekene nokutheleleka kwabantu. Sekushone abantu abangaphezulu kuka-2 700 emhlabeni, kanti iningi labo liseChina. NgoLwesithathu isibalo sabashonile eChina besimi ezi-2 595, kanti abanalo bevile ezi-77 000. Ithimba longoti abangama-25 beWHO lihambele eChina ukuyohlola izihlelo zokulwisana neCoronavirus. Leli thimba ebeliholwa uDkt uBruce Aylward lihambele inhlokodolobha yezwe iBeijing, iGuangdong kanye neWuhan, lapho kwaqubuka khona leli gciwane.

UHulumeni nomphakathi batholwe ukunconywa okukhulu. Kulezo zinto ezitholwe yileli thimba, lithe ukugqunywa kwabantu nokuvala ukunyakaza kwabantu ezindaweni ezithintekile kwenze ukuthi lehle izinga lokusabalala kwegciwane eChina. Ongoti baphinde bathi izinhlelo zeChina zokulwa neCoronavirus zisizile ukugwema ukusabalala ngokwedlulele kwegciwane, bethi lokhu kwenze ukuthi lingasheshi lisabalale kwamanye amazwe. Kodwa esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe ekomkhulu leWHO eGeneva, abazange baphawule ngezinsolo sokuhlukunyezwa kwamalungelo esintu okubhekiswe kuHulumeni waseChina njengoba uzama ukulwa neCoronavirus.

Izinsolo zokungahlonishwa kwamalungelo esintu IChina isisolwe ngokugahloniphi amalungelo esintu abantu abasezindaweni ezivalelwe lapho kugcwele khona lolu bhubhane. Kanti ngesikhathi uHulumeni ezama ukugqamisa aphinde akhuthaze ukuzinikela kwabantu, ividiyo ekhombisa abahlengikazi kwesinye sezibhedlela zeCoronavirus begundwa izinwele abanye bekhala yasusa umsindo ezinkundleni zokuxhumana. Laba bahlengikazi babegundwa ngoba kuthiwa izinwele ziyabaphazamisa emsebenzini wabo wokulwisana negciwane. Nokho umphakathi wasigxeka lesi senzo uthi laba bahlengikazi bayahlambalazwa futhi baphathiswa okwezilwane. Izinkundla zokuxhumana yilapho abantu abaningi bakuleli lizwe abazwakalisa khona ilaka labo ngendlela uHulumeni aluphethe ngayo lolu daba. Indlela okuphethwe ngayo abasebenzi bezempilo besifazane enye yezinto esezigxekiwe ngabantu.

Impi yegciwane iveza ubunye nobuntu Nokho ngesikhathi luqhubeka lolu bhubhane, uHulumeni usebeke phambili umkhankaso wokugqamisa isithombe esihle ngomsebenzi wokulwa negciwane kanye neChina. Izinhlaka zezindaba ezingaphansi kombuso zigcwele izindaba ezigqamisa ukuzinikela kwabantu ngokuthi bafake isandla ukuqinisekisa ukuthi iyanqotshwa impi. Enye yezindaba ezihlaba umxhwele ileyo yobunye kulesi sikhathi sobumnyama ukuzinikela kwabantu ekusizeni labo abadinga usizo. Edolobheni esifundazweni iHubei lapho kwaqubuka khona igciwane abantu abayizigidi ngezigidi bevalelekile, abavumelekile ukuthi baphume ngesikhathi kusazanywa ukuthi kunqandwe igciwane. Abantu bayakwazi ukuthenga ukudla nezinye izidingo besebenzisa ubuchwepheshe, kodwa abanye abayizaguga kanye nabakhubazekile badinga usizo. Amavolontiya ajoyine abasebenzi bomphakathi ukusiza labo abadinga ukuyelwa ezitolo, phakathi kwezinye izinto.

See Also

Ukukhathazeka kwamanye amazwe omhlaba Ngesikhathi kunenhlansi yethemba eChina, sekunokwanda kokukhathazeka kwamanye amazwe. ISouth Korea seyikhuphule izinga lokuqwasha emva kokunyuka kwesibalo sabantu abatholakala beneCoronavirus. Kuleli sonto, sikhuphuke seva enkulungwaneni isibalo sabantu abanaleli gciwane, labulala abali-12 ngokwezibalo zangoLwesithathu. ISouth Korea izwe lesibili elinesibalo esiphezulu sabantu abatholwa beneCoronavirus lilandela iChina. Kanti isibalo sabantu abaneCoronavirus kulindeleke ukuthi sikhuphuke kakhulu eSouth Korea njengoba izikhulu ziqala umkhankaso wokuhlola abantu abayizi-200 000 bebandla iShincheonji Church of Jesus edolobheni iDaegu. Kukholakala ukuthi ukubhebhetheka kwegciwane kuqubuke khona. E-Italy sekuphazamiseke imidlalo yebhola emveni kokuthi kubikwe abantu abayisikhombisa asebebulawe yileli gciwane, nokuholele ekutheni amanye amazwe ase-Europe athathe izinyathelo eziphuthumayo. Abantu abatholwe benegciwane e-Algeria, e-Austria, eBrazil, eCroatia, eRomania, eSpain naseSwitzerland kubikwa ukuthi bebeke bavakashela e-Italy. E-Iran, kubikwa ukuthi sekushone abangaphezulu kwe-15 Amanye amazwe asedale ukukhathazeka nosekubikwe khona abantu asebeshonile ngenxa yeCoronavirus.

Abantu abaningi abatholwe benegciwane emazweni ase- Middle East kuthiwa bebeke baya e-Iran. Njengoba kwanda ukukhathazeka ngokusabalala kwegciwane, Ithimba longoti beWHO likhuthaza amazwe omhlaba ukuthi aqinise imikhankaso yezempilo, ikakhulu ukukhuthaza abantu ukuthi bahlambe izandla njalo. Ngesikhathi bevuma ukuthi amazwe awabonakali ekulungele ukubhekana nalolu bhubhane, iWHO ithi kowasiza nokho ukuthi afunde kulo izwe lapho kuqubuke khona leli gciwane, i-China, alandele izindlela zayo ekulweni neCoronavirus.

Scroll To Top