Now Reading
UNtshingwayo akazange amlahle uZulu ngisho bemdwengula
Dark Light

UNtshingwayo akazange amlahle uZulu ngisho bemdwengula

INduna yaseSigodlweni saKwaGqikazi, uNtshingwayo kaMahole Khoza, yayinjengomuthi omkhulu onezingxabo ezijulile eMbusweni naseBukhosini bukaZulu. Ngesikhathi izwe likaZulu noBukhosi kudunguzela, amaNgisi efuna ukukuqeda nya, kubusa iSilo sasoNdini, iNkosi uCetshwayo kaMpande, iNduna uNtshingwayo kaMahole, isikhundla sayo ngaleso sikhathi sasilandela leso sikaNdunankulu uMnyamana kaNgqengelele Buthelezi okwasekuthiwe “nguyena yise wamadodana kaMpande”. Induna uNtshingwayo kaMahole yayingumkhuzi wamabutho KaZulu onke edidiyelwe. Eyiciko ekukhulumeni uMkhathini (abakwaKhoza). INduna uNtshingwayo uma kukhuluma yona ebandla kwakuthuleka cwaka, uma iqeda ukubeka iphuzu elithile noma isiphakamiso, wawuzwa ngemvunge kwenanelwa ekushilo noma kudume ihlombe. Ukubaluleka kweNduna uNtshingwayo eMbusweni KaZulu akuvelanga kwazenzakalela nje. Uvela emndenini wezikhulu futhi obalulekile eBukhosini.

Uyise weNduna uNtshingwayo, uMahole Khoza, wayeyintanga yeNkosi uSenzangakhona kaJama. Ngesikhathi uSenzangakhona esenguMntwana ehlangana noNandi, itshitshi laseLangeni (etsheni lentombi), “bangcweka” kulowo “mgcweko” kwavela uShaka (iLembe). UMahole wayeluse izinkomo noSenzangakhona, ngelanga ahlangana ngalo noNandi. INduna uNtshingwayo kaMahole ivelele KwaZulu sekubusa iSilo saKwaNodwengu, iNkosi uMpande kaSenzangakhona. Izibonda, izingwevu, neziqethevu zabanumzane abadala ababeyizinsika zoMbuso kaZulu, zibubonile ubuqotho bukaNtshingwayo kaMahole nokuhlonipheka kwakhe esizweni. Ngaleso sizathu wanikwa iSigodlo saKwaGqikazi, esasibalulekile eBukhosini bukaZulu. Kwathiwa akabe yiNduna yaso asengamele. Lesi Sigodlo sasakhiwe nguMntwana uMaphitha kaSojiyisa kaJama, esakhela iNdlovukazi uNgqumbazi (okaMbondi) ezalwa KwaZungu.

Abantwana beSilo uMpande uCetshwayo, uNdabuko, uMbhixabhixa, uDabulamanzi, uZiwedu (igenge laseMatheni), uZibhebhu kaMaphitha bakhulela KwaGqikazi, KwaMpunzana, phezu komfula iVuna esifundeni uNongoma. INduna uNtshingwayo yayiya naseSigodlweni KwaNodwengu iyokwenza imisebenzi yesizwe noma uma kulungiselelwa imikhosi. Kuke kwaba nokudideka eminyakeni embalwa eyadlule iHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal lifuna ukuhlonipha iqhaza leNduna uNtshingwayo kaMahole Khoza. Kuqhamuke abanye bakwaKhoza eShowe phezu komfula aMatigulu abazalana neNkosi uZwelombango Khoza bathi uNtshingwayo kwakungukhokho wabo. Kuthe uma sekucwaningwa, sekulandwa osomlando, kwatholakala ukuthi cha uxamu ugeja umgodi ngomunye uNtshingwayo lona abamshoyo akusiyena lo owayeyiqhawe laseNdlunkulu. Kwatholakala ukuthi yebo wake wabakhona uNtshingwayo kulowo mndeni kodwa abaphilanga esikhathini esisodwa neNduna yaKwaGqikazi. Le nto ifana nezithakazelo.

KwaZulu imindeni yayigcina isithakazelwa ngokhokho bayo. NjengaKwaXulu uma bethakazelwa uyabizwa uDonda, KwaKhumalo, eMaNzimeleni naKwaMbokazi nakhona uyabizwa uDonda. Lokhu akusho ukuthi lowo Donda obizwa kuzona zonke lezi zibongo ezahlukene yindoda eyodwa. Kufana noBongumenzi, ukhona owakwaJele (owaKwaGumbi) ukhona uBongumenzi KwaMkhize (owaseMbo), ukhona uBongumenzi KwaNtshangase (owaseMgazini) abekhona uBongumenzi kwaChiliza (owasemaDungeni) abekhona nakwaMajozi (amaQamu). Lokhu akusho ukuthi sekunokuhlobana ngalokho, amagama nje abakhona abemaningi adume ngaleso sikhathi. Abacwaningi bathola ukuthi uzalo lweNduna yaKwaGqikazi balukhomba eNquthu enyakatho nesifundazwe. Lokhu kufakazelwa ukuthi ngesikhathi kubheduka iMpi yaseSandlwana ngowe-1879, yiNduna uNtshingwayo eyayikhuza amabutho edidiyelwe ngoba yayiyazi leya ndawo.

See Also

UMatshana kaMondise Sithole, iNduna yaseQhudeni namadodana eNkosi uSihayo kaXongo Ngobese, uMehlokazulu noMkhumbikazulu babesazi iSandlwana yikho banikwa umsebenzi wokulawula amabutho. INduna yaKwaGqikazi ihlabane ngoxhaxha lweziqu ngenxa yobuqhawe bayo. Ngesikhathi uMbuso wamaNgisi udingisele iSilo uCetshwayo e-Oude Molen, ipulazi lewayini eWestern Cape, izwe likaZulu laklanywa iziqephu ezili-13. uMnu uJohn Shepstone owaqhamuka nalelo qhinga nohlelo. Izikhulu zezwe zazitshelwe ukuthi iSilo ngeke siphinde sibuye KwaZulu. INduna uNtshingwayo kaMahole yasikelwa nayo isiqephu sezwe, yasikelana umngcele noTlokoa kaMbunda (Moboeta) Molefe, iNduna uSekethwayo kaNhlaka Mdlalose noMntwana waKwaMfemfe uHhamu kaMpande benoNzibe. Induna uNtshingwayo kaMahole yasala eSigodlweni oNdini, uZibhebhu nabeLungu bakhe sebehlasela koMkhulu bebulala zonke izikhulu ezinohlonze nezinsika zoMbuso kaZulu. IDamu iChelmsford, elikhulu eNewcastle, liqanjwe kabusha lethiwa ngeNduna yaKwaGqikazi, sekuthiwa yiNtshingwayo Dam njengamanje. Mkhathini!!!!

Scroll To Top