Now Reading
Ubeyithemba lababesekudingisweni uMaDube wePan Africanist Congress
Dark Light

Ubeyithemba lababesekudingisweni uMaDube wePan Africanist Congress

Eduze kwayo yonke indoda ephumelelayo empilweni kusuke kukhona owesifazane oqotho eduze kwayo. Lokhu kubonakale empilweni kaMnu uJoe “Khwani” Mkhwanazi (ongasekho) obengumholi wepolitiki, ehola inhlangano iPan Africanist Congress of Azania (PAC). UNkk uNomusa Judith Mkhwanazi (uMaDube) ubeyinsika kaKhwani kwaze kwaba sekupheleni kwempilo yakhe. Ukhombise ukuba ngumama oqotho, onozwelo, ozaziyo izinseka hhayi kumyeni wakhe kuphela kodwa nakwabaningi. Umndeni waKwaMkhwanazi ubusekudingisweni ngesikhathi izwe ligubuzelwe yifu lobandlululo. Bebesemazweni ahlukene njengeTanzania, iSwaziland naseLondon.

UNkk wakwaMkhwanazi ubeyisikhukhukazi esifukamele amatshwele esingawachamiselanga, engumama wawonke amalungu ePAC nophiko lwayo lwezempi i-Azanian People’s Liberation Army (APLA). AbaKwaMkhwanazi, bobabili asebedlulile emhlabeni, bese bebuyile bezinze eWestville, eThekwini. Nguyena uNkk uMkhwanazi obeqoqa izibonelelo nezinsiza obekudingwa ngababesekudingisweni, ekuthutha kusuka e-United Kingdom (UK) kuya ezinkanjini zePAC eTanzania.

Nguyena uNkk wakwaMkhwanazi obehlelela amalungu ePAC ayesekudingisweni ukudla, izimpahla zokugqoka nemifundaze. Wayenguthisha ngokuqeqeshwa efunde e-Evangelical Teachers Training College (ETTC) eVryheid. Akafundisanga isikhathi eside ngoba ubesebenza umshoshaphansi nePAC kwazise umyeni wakhe wayesefudukele eSwaziland. UHulumeni wamaBhunu wawushaqa zonke izishoshovu nabaholi bepolitiki ngemuva kwesibhicongo saseSharpeville sangomhla zingama-21 kuNdasa ngowe-1960. NoMnu uMkhwanazi kwaphoqeleka ukuthi alifulathele elakuleli angaze abe ukudla kwejele ngoba amaBhunu ayebabopha abaholi bepolitiki. Uhambe kabuhlungu uMaDube eyohlangana nomyeni wakhe ekudingisweni. Wayesanda kubeletha uZanele, indodakazi yakhe yesibili, ngoMbasa we-1963. UMaDube wayezalelwe KwaDukathole, eGermiston (sekuseKurhuleni manje), mhla zingama-20 kuNtulikazi ngowe-1933.

Ngesikhathi elifulathela leli wayefundisa eMseleni Combined School, KwaMhlabuyalingana, abuye enze umsebenzi womshoshaphansi wePAC ngoba yayivalwe umlomo. Yize babefundile abaKwaMkhwanazi impilo ibingemnandi, ikakhulukazi iminyaka eyishumi yokuqala abayihlala eSwaziland. Babehlala endaweni kaloliwe (ezitimeleni). Izinhloli zikaHulumeni waseNingizimu Afrika zazingabanike thuba abaKwaMkhwanazi beseSwaziland ngoba babaziwa ukuthi bangosopolitiki. UMaDube ubekuthola ukwesekwa ngumndeni wakhe wakwaDube ngoba babephuma bengena eSwaziland. Ishwa livele sekwedlula emhlabeni abazali bakhe ngokugula beshonela eGoli. UMnu uMkhwanazi ubeyinxusa lePAC eSwaziland enza umsebenzi wenhlangano abuye abe ngubaba wekhaya okhulisa izingane.

See Also

Ngesikhathi kuqubuka izibhelu zaseSoweto ngowe-1976, umuzi wabakwaMkhwanazi eSwaziland wawuhlala ugcwele izingane ezazithutheleka khona ngobuningi, zibalekela isihluku samaBhunu ekhaya. UNdonga wayebuye athunywe ekomkhulu lePAC eDar es Salam, eTanzania, eyobika ukuthi kuqhubekani eSwaziland okwakuyindawo eyayisetshenziswa njengezibuko lokuwelela kwamanye amazwe ngoba zazingekho izinkambu zokuqeqesha amasosha e-APLA khona. UMnu uMkhwanazi esematasa nomsebenzi wePAC eSwaziland, waboshwa ngamaphoyisa akhona. UMaDube wayenovalo lokuthi bangamthatha bamphindisele emuva eNingizimu Afrika afike aboshwe noma anqunywe. AbakwaMkhwanazi baphuma ngesamagundwane eSwaziland sebebheke eLondon ngosizo lwenhlangano i-Amnesty International. Bafika eLondon banikwa isithunzi sokuba ngababaleki. UMaDube ufike eLondon mhla zingama-31 kuNcwaba ngowe-1978. Ngaleso sikhathi kwakukhona uMnu uPotlako Leballo, owabanguNobhala wokuqala wePAC, isaholwa nguSolwazi uRobert Mangaliso Sobukwe ngowezi-1959.

Scroll To Top