Now Reading
Kuyancomeka okwenziwa abeMDC kwezemidlalo
Dark Light

Kuyancomeka okwenziwa abeMDC kwezemidlalo

Idinga ukushayelwa ihlombe iMultichoice Diski Challenge (MDC) ngendlela eyenza ngayo izinto. Le ligi edlalwa ngamaqembu amancane alawa agijima ku-Absa Premiership zintathu izinto ezinhle ezenzayo, ukusakaza imidlalo yayo, ukufaka abantu mahhala ezinkundleni nokuyisa imidlalo kobantu. Kule mpelasonto idili lale midlalo lizobe liseMpumalanga Stadium, eHammarsdale, lapho kuzobe kusiphuka khona izidindi kwazise izobe ishube yonke imidlalo. Mine imidlalo ezobanjelwa kule nkundla, kubalwa eyabakhaya baKwaZulu-Natal, abasePitoli nabaseSoweto. Umdlalo ozovula uzoqala ngele-10 kusasa ekuseni lapho kuzotholana phezulu iMamelodi Sundowns Reserve neSupersport United Reserve.

ISundowns Reserve izofuna ukuwunqoba noma ikanjani lo mdlalo kwazise ihlulekile ukuqoqa amaphuzu agcwele ngeledlule njengoba idlale ngokulingana ngegoli elilodwa nhlangothi zombili neHighlands Park Reserve. Ukudlala kwayo ngokulinga kuyenze yanciphisa igebe phakathi kwayo neBidvest Wits Reserve ehleli endaweni yesibili kulogi. Ngokunjalo neSupersport United Reserve iyawafuna amaphuzu agcwele ukuze izoqhubeka nokubalwa namaqembu ayisi-8 aphezulu ukuze izodlala umqhudelwano womkhumulajezi wale ligi obizwa ngokuthi iMultichoice Diski Shield (MDS). Leli qembu lisendaweni yesi-7 ngamaphuzu angama-35 emveni kwemidlalo engama-23, iBrazillians iqhwakele ngamaphuzu angama-54 emidlalweni elinganayo.

Kusasa kusihlwa ku-Absa Premiership, umdlalo ozobe ubhekwe izinkumbi zabalandeli bakanobhutshuzwayo owa- AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows. Lo mdlalo uzothi udlalwa izobe isivele iqalile impi emini njengoba ngehora le-12 kuzotholana phezulu AmaZulu FC Reserve neLamontville Golden Arrows Reserve. Ngenxa yemiphumela edlule kanye nendawo olukuyo kulogi uSuthu, luyizimfivilithi kodwa njengoba umdlalo womkhaya uhlezi uba ngohlukile nakulo kulindeleke esifanayo. I-Arrows Reserve ihlezi endaweni ye-13 kulogi, uSuthu kweyesine. NgeSonto kuzovula umdlalo obandakanya iBidvest Wits Reserve neHighlands Park Reserve elele endaweni yesine kulogi ngehora le-11 ekuseni. Lo mdlalo uzoshuba kakhulu njengoba womabili la maqembu edlala ibhola elicokeme ikakhulukazi iZitshudeni (iBidvest Wits). Umdlalo ozovala uzokuba ngelokuqala emini lapho kuzotholana phezulu iKaizer Chiefs Reserve ne-Orlando Pirates Reserve. Kuyinto eyaziwayo ukuthi noma ngabe elinye lala maqembu libhedelwa yizinto kangakanani kodwa uma esebhekene kusiphuka izidindi.

Scroll To Top