Now Reading
Igciwane litatazelisa iChina namanye amazwe
Dark Light

Igciwane litatazelisa iChina namanye amazwe

Izwe iChina lisemjahweni wokuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane elisha coronavirus neliyingozi eliphazamisa ukuphefumula neselibulale abantu abangaphezulu kwekhulu manje. Leli gciwane okusolakala ukuthi liqubuke ngoZibandlela edolobheni iWuhan emaphakathi neChina, selitholakele nakwamanye amazwe afana ne-USA, iGermany, i-Australia, iJapan neFrance. Bambalwa abantu obabona emgwaqeni eBeijing. Kulabo ababonakala behla benyuka emigwaqeni cishe babili bathathu abangazifakile izinsitha (masks) ukusitha umlomo namakhala ukuzovikela ukuze bangatholi igciwane elisha icoronavirus elidala inyumoniya neselibhebhetheke izwe lonke. Bangaphezulu kwezinkulungwane eziyisithupha abantu asebetholakele benaleli gciwane, kanti bangaphezulu kwekhulu asebeshonile ngenxa yalo. Ngokuhamba kwesikhathi izibalo ziya zinyuka. Izikhulu zaseChina zikholwa ukuthi leli gciwane liqubuke emakethe lapho kudayiswa khona izilwane zasendle ngokungekho emthethweni edolobheni iWuhan, esifundazweni iHubei esimaphakathi nezwe. Ngokososayensi leli gciwane lisha, kuyaqala ukuthi libonakale kubantu.

UHulumeni omkhulu eChina usekhombise ukulithathela phezulu lolu daba. Sekuvaliwe ukungena nokuphuma kwabantu eWuhan namanye amadolobha, nokusho ukuthi akasahambi izimoto, izitimela namabhanoyi kulezi zindawo ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane. Lokhu kuvalwa kwamadolobha kukholakala ukuthi kuthinta abantu abayizigidi ezingama-60, nokuyisibalo sabantu esicishe silingane neNingizimu Afrika yonke. Imibiko eChina ithi balinganiselwa ezigidini ezinhlanu abantu abakwazile ukuphuma ngaphambi kokuthi kuvalwe. Ukuthi bangaki abese bethelelekile akwaziwa. Izinkampani seziyalele abasebenzi abebevakashele kwezinye izindawo nabasanda kubuya ukuthi bahlale emakhaya amasonto amabili phambi kokuthi babuyele emsebenzini. Lokhu kwenzelwa ukugwema ukuthelelana kwabantu.

Konke lokhu kwenzeka ngesikhathi iChina isemaholidini okugubha unyaka omusha iSpring Festival. Lesi yisikhathi lapho izigidi ngezigidi zabantu zigoduka khona ukuyoba nemindeni yabo. Icoronavirus isidale ukuthi abantu bangabungazi ngendlela ejwayelekile. Kanti abanye abazange bagoduke. UHulumeni uphinde wanweba amaholidi ngesikhathi usazama ukubhekana nalesi simo okubonakala ngezibalo ezilokhu zikhuphuke njalo zabathelelekile ukuthi sikhulu. Amanye amazwe ahlanganisa ne-USA, i-Australia neJapan asethathe izinyathelo zokutakula abantu bawo eWuhan. Izinkampani zezindiza nazo sezivale izindiza eziya eChina. Isigungu esiphezulu senhlangano ebusayo nesiholwa uMengameli uXi Jinping sibambe umhlangano ophuthumayo ukudingida izindlela zokunqanda leli gciwane eliyingozi. NgoMsombuluko, uNdunankulu waseChina uLi Keqiang uvakashele iWuhan ukuyohlola isimo. UHulumeni uphinde wazibekela isikhathi esingangesonto ukwakha kuqedwe isibhedlela esizokwamukela iziguli esezithelelekile kule ndawo. Amathimba abasebenzi bezempilo okubalwa nabasembuthweni wezokuvikela batheleke eWuhan ukuyolekelela ukubhekana nesimo kuleya ndawo.

See Also

Ezinyathelweni esezithathiwe uHulumeni ukunqanda ukubhebhethekwa kwaleli gciwane, kuphinde kuhlolwe ukushisa komzimba eziteshini, ezitolo nasemisebenzini. Abantu bayagqugquzelwa ukuthi basithe amakhala nemilono, bahlanze izandla baphinde bagweme izindawo ezigcwele abantu. Yize ikhona ingcosana yabantu abasezitolo nasemigwaqeni kodwa kuyabonakala ukuthi iningi likhethe ukuhlala emakhaya ukuze bahlale bephephile. Nokho akukacaci ukuthi lesi simo sizoqhubeka kuze kube inini. Ezinye zezitolo sezintula impahla okubalwa kuyo nazo izinsitha njengoba isidingo siphezulu. Ngokomyalelo weWorld Health Organization, kubalulekile ukuthi abantu abagqoke izinsitha baphinde bahlanze izandla, bagweme nezilwane zasendle kanye nokudla ukudla okungaphekiwe.

Scroll To Top