Now Reading
Uchungechunge: Izindlela zokuncitisana kulomdlalo
Dark Light

Uchungechunge: Izindlela zokuncitisana kulomdlalo

Umdlalo wegalofu njengazo zonke izinhlobo zemidlalo unezindlela ezahlukene zokuncintisana. Umdlali wegalofu angazidlalela yedwa engancintisani namuntu. Kuphuma kuye ukubhala amagalelo akhe phansi ngokweqiniso. Umdlali angancintisana nomunye; oyedwa, ababili noma abathathu. Okwamukelekile ukuthi abadlali baphume ngamaqoqo angekho ngaphezulu kwabadlali abane. Umdlali angangenela umncintiswano nomlingani noma adlale njengomfelandawonye wabathathu noma wabane.

Amaphuzu Lolu hlobo ngolimi lwabadeshi lubizwa ngestableford. Umgodi ngamunye uba nestroke okungukuthi uma umdlali enehandicap elingana noma engaphezulu kwestroke salowo mgodi, umdlali uthola kuthiwa unestroke. Lokho kusho ukuthi unephoyinti alitholayo ngaphezulu kunalowo onehandicap engaphansi kwestroke somgodi. Ihandicap yisikalo sekhono lomdlali. Ihandicap emadodeni iqala ema-24 yehle ize ifike ku-0, ukudlula lapho iqale ithi; -1, -2, limdinga njalonjalo. Ukwehla kwehandicap kusho ukunyuka kwezinga lekhono lomdlali. Isibonelo: umuntu onehandicap eli-10 udlala kangcono kunalowo onehandicap eli-15. Kwabesibhuda ihandicap iqala ema-36 yehle njalo ngendlela efanayo nale yabesilisa. Kule ndlela yokuncintisana, amagalelo ongawashaya emgodini ngamunye anqunyiwe. Umdlali akavumelekile ukudlula emagalelweni amabili ngaphezu kwesikalelo somgodi. Uma ehluleka ukulifaka emgodini aze adlule kula magalelo amabili ngaphezulu kwesikalelo somgodi, kufanele alicoshe adlulele emgodini olandelayo.

Imedali Enye yezindlela ekuchazwa ngayo le ndlela ukuthi “indoda idla amandla ayo”. Lokhu kushiwo ngoba lolu hlobo lokuncintisana alusebenzisi ihandicap uma kusadlalwa umgodi nomgodi. Akukaliwe ukuthi amagalelo mangaki umdlali angadlula ngawo isikalelo somgodi. Umdlali ulishaya igalofu aze alifake emgodini, noma ngabe usefike esibalweni esingakanani. Yingakho kukhona ababiza lolu hlobo lokuncintisana ngokuthi “umshayazafe”. Ekugcineni komdlalo ngamunye kuthathwa wonke amagalelo umdlali awenzile bese kususwa ihandicap yakhe.

Istrokeplay Lolu hlobo luyafana nemedali kodwa luhluke kuyo ngokuthi amagalelo athathwa njengoba enjalo. Ngamanye amazwi ihandicap akukho ndima eyidlalayo ekubaleni ukuthi ubani odle umhlanganiso. Yiyona ndlela ehlonishwa kakhulu egalofini ngoba izibalo zomdlali zifana nse nendlela akwaze ukudlala ngayo. Akukho “ukwenzelwa” wumthetho wegalofu kule ndlela. Amakilabhu ayisebenzisa ukuhlonza ingqwele yonyaka kanti nezinhlangano zegalofu ziyisebenzisela ukuhlonza ingqwele yezimfundamakhwela lapho kusuke kuqhudelana khona amakilabhu ehulekene. Nalabo abadlali igalofu elikhokhelwayo badlala ngaphansi kwale ndlela.

See Also

Imatchplay Lolu hlobo lokuncintisana lusebenzisa imedali. Umdlali ubhekana nomdlali oyedwa aphume naye, amehlule adlulele kolandelayo kuze kusale babe babili. Ophumelelayo abe yingqwele. Labo abajwayele ibhola likanobhutshuzwayo lolu hlobo lufana nomkhumulajezi. Nayo le ndlela ivamise ukusetshenziswa amakilabhu egalofu ukuhlonza ingqwele yonyaka.

Abesibhuda bavumelekile ukudlala igalofu kodwa njengezinye izinhlobo zemidlalo bancintisana bodwa ngoba amandla awalingani. Ngabe kudlalwa ngabo uma kungathiwa abancintisane nabesilisa. Nokho bakhona abesibhuda abanamandla anele “ukudla abafo”. Kuyenzeka abesifazane nabesilisa badlale ndawonye emncintiswaneni uma kudlalwa uhlobo ekuthiwa “amaqoqo axutshiwe”. Kodwa lapho basuke beyiqembu elilodwa elincintisana namanye.

Scroll To Top