Izinhlokodolobha sekwaba yizindawo zokudlala



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Emhlabeni jikelele ziqashelwa ngelokhozi izinto ezenzeka enhlokodolobha. Okwenzeka eLondon, eWashington, eParis, eTokyo, eFrankfurt naseJerusalem akugcini ngokunyusa izinhlonzi kubantu kepha kwenza izwe lelo lihlonipheke noma lingahlonipheki. Nakulaba abazisakaza ngamabhomu kubo inhlokodolobha iba yinoni ngoba uma ike yahlaselwa izwe lisuke lithunazekile. Kwamanye amazwe imithetho esebenza enhlokodolobha kayifani nesebenza kwezinye izindawo ngakho belu ubumqoka bendawo. Inhlokodobha ayigcini ngokuba wubuso bezwe noma isifundazwe kepha iyikhaya lezivakashi ezisuke zisezingeni lamazwe ngamazwe. Isibonelo nje uMengameli wezwe uma ezohlangana nomholi wakwelinye izwe inhlokodolobha yiyo eba yinkundla. Amanxusa amazwe nawo agoba amadlangala khona enhlokodolobha. Ezokuvakasha zivame ukuyivuma inhlokodobha ngoba phela abasuke bevakashile basuke besondela kuyo ngoba belandela khona ukuthi yilona dolobha elinomlando namagugu onke alelozwe.
Nokho okwenzeka muva nje ezindaweni eziningi eziyizinhlokodolobha eNingizimu Afrika kuveza ukuthi isithunzi salezi zindawo kasisekho. Inhlokodolobha yeNingizimu Afrika iTshwane isiyaphenduka inkundla yempi yepolitiki. Njengoba lizophela nje isonto kukhona ukududulana phakathi kwamaqembu akhe umkhandlu. Akukusha lokhu ngoba leli dolobha like langqongqa ngesikhathi izakhamizi zibhubhisa impahla zikhalela izidingo. Akugcinanga lapho ngoba nangamhla itholana phezulu eyabokufika nabakuleli yasukela khona eTshwane. Abakhele leli dolobha bayakhala ngezingxenye ezithile zedolobha njengakoSunnyside nabathi sezaba ngumuhume wabaphangi. Ayiyodwa iTshwane kulokhu ngoba naseNhlokodolobha yakwaZulu-Natal, uMsunduzi bekukhalwa esifanayo.
Ukungcola, ukungasetshenziswa kwezimali ngendlela ngenye yezinto izakhamizi ebezikhala ngayo. Lezi zikhalo zize zaphoqa iqembu elibusayo ukuthi lishintshe ubuholi kanjalo noHulumeni wesifundazwe wafaka uMasipala uMsunduzi ngaphansi kwesandla somlawuli. Ukungena kobuholi obusha kubuyisa ithemba lokuthi kukhona okungenzeka, abanye bathi sekonakele konakele. EBloemfotein nakhona kukhalwa ngengqalasizinda. Imigwaqo kuthiwa imigodigodi ungekw washo ukuthi usedolobheni, noma eNhlokodolobha. EBhisho nakhona kukhalwa esicishe sifane. ITshwane nje seyafana nentabamlilo njengoba lungekho uzinzo lwezepolitiki. Ubuholi bakhona sebalawulwa yizinqumo zenkantolo nokwenza kungaqondakali ukuthi uyothi uphela unyaka liyobe linjani idolobha. Siya koshicilela besekuvele kunezindaba zokuthi kukhona ukududulana phakathi kukaSomlomo noMphathiswa, sekukhona nosemisiwe. Akukho ukungabaza ukuthi nalolu daba luzophelela ezinkantolo, nokusaqhubeka nokudicileka phansi kwesithunzi seNhlokodolobha nezwe.