Kuyoba nini aboHlanga bephelela kolayini emanyuvesi


IDUMELA nenjabulo yokuphasa umatikuletsheni kubafundi abaningi boHlanga sekwaba yinto yesikhashana ngoba emuva kwalokho kuqala usizi nomqansa wokuphendla izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ngalesi sikhathi sonyaka kulabo abaphase umatikuletsheni nabawuphumelela eminyakeni edlule abafisa ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme kusuke kuyisikhathi esinzima empilweni ngoba yilowo nalowo usuke ebheke ukuthola isikhala ukuze aguqule impilo yakhe. Kulolu hide lwemigqa lwabafundi akuvamisile ukubona abebala nakuba bekhona kusuke kuyimithonseyana kodwa uma sekuqala ukufunda basuke sebekhona ngaphakathi ezikhungweni.
Kukhona ukukhuluma okuthi abafundi bezinye izinhlanga bafaka izicelo kusenesikhathi futhi ababheki isikhungo esisodwa kuphela, izicelo basuke bezifake nakwezinye izikhungo.
Imiphumela kamatikuletsheni yangonyaka odlule iveze ukuthi bayizi-170 000 abafundi abasethubeni lokwamukelwa emanyuvesi ngenxa yemiphumela yabo. Ngonyaka wezi-2017 lesi sibalo sasimi ezi-185 000, kodwa abafundi abagcina bekwazile ukungena emanyuvesi babengaphansi kwezi-50 000. Kukhona abagcine bengene kwezobuchwepheshe namakhono iTechnical and Vocational Education and Training (TVET) ngoba sebezilahla. Iqinisiso lithi iningi labafundi abaphase umatikuletsheni ngonyaka wezi-2017 langakwazi ukungena emanyuvesi, kulo nyaka libanga nalaba abaphase ngonyaka wezi- 2018.
Iningi labafundi lisuke liqhamuka ezindaweni ezikude kuphoqeleke ukuthi ligcine lilale ngaphandle kwamanyuvesi abanye baphenduke ukudla kwezigebengu ngoba nendawo basuke bengayazi.
Ukuvalwa ukwamukelwa kwezicelo emanyuvesi kugcine ngoMfumfu wezi-2018 kodwa kunabafundi abathi abakaze bathole lutho olushoyo ukuthi bazifaka izicelo. Kwezinye izindawo njengaseThekwini ihhovisi elamukela izicelo iCentral Application Office belisaqhubeka nokusiza abafundi ngenxa yokuthi abanye bathutheleke kulo beyofuna ukwazi ngezicelo zabo.
Kusuka ngonyaka wezi- 2015 uNks uSilindile Mzelemu waseNsimbini ngaseFolweni owaphasa ngamalengiso isifundo iPhysical Science, iMaths Literacy, ne-English akakalilahli ithemba lokuthi uyogcina ekwazile ukungena eNyuvesi enze izifundo zobunjiniyela.
UNks uMzelemu oseneminyaka yobudala engama-24 uthe usezame kaningi ukufaka isicelo esikhwameni esixhasa abafundi iNational Student Financial Aids Scheme (NSFAS) kodwa isicelo sakhe singaphumeleli okuyiyona mbangela yokuthi angakwazi ukuqhuba izifundo zakhe. Nakulo nyaka uphakathi kwabafundi abahlabe uhide eMangosuthu University of Technology (MUT) lapho ezama khona isikhala ngethemba lokuthi uzokwazi ukuzikhokhela njengoba esebamba amatoho enxanxatheleni yezitolo i-Abour Crossing, Ezimbokodweni. Kuzona zonke izikhungo zemfundo ephakeme ezweni kunenhlabaluhide yolayini yabafundi boHlanga abababele imfundo.
Uhlelo lokubhalisa lobuchwepheshe besimanje kubonakala lungabasizi abafundi. Iningi lalabo abakanise ngaphandle emanyuvesi lithi laqala ukufaka izicelo ngoNhlangulana kodwa kuze kube yimanje alizitholi izimpendulo yingakho seliqome ukuzifikela mathupha. Okwenzeka emanyuvesi namuhla sekwaphenduka insakavukela umchilo wesidwaba kodwa alukho ushintsho olwenziwayo.
Ongqongqoshe eMnyangweni Wemfundo Ephakeme bangena baphume kodwa usizi lwabafundi lusamile. Ngalesi sikhathi izikhulu zikaHulumeni zisuke zingayihhoyi eyohide bolayini ezikhungweni zemfundo ephakeme, kodwa okusuke kuhamba phambili izibalo zemiphumela kamatikuletsheni. Kwakumele sibe isifundo emanyuvesi nakuHulumeni isigameko sangowezi-2012 sokushona komzali e-University of Johannesburg (UJ) ngesikhathi kusuka esinamathambo kunyathelana abafundi bebanga ukungena kuqala esangweni. UNkk uGloria Sekwena owayeneminyaka yobudala engama-47 wayengomunye wabazali owayelangazelele ukuthi indodana yakhe uKgositsile Sekwena athole imfundo engcono.
Esaphethe uMnyango Wemfundo Ephakeme uDkt uBlade Nzimande wathembisa ukuthi bazolulungisa ngokushesha uhlelo lokubhalisa ezikhungweni emuva kwalesi sehlakalo kodwa isimo sesisibi kakhulu kunakuqala. UNzimande waze waveza nokuthi ukuthutheleka kwabafundi ezikhungweni zemfundo ephekeme ngalolu hlobo kukhombisa ukuthi bayilangazelele imfundo. Lesi siminyaminya singehla uma uHulumeni engabuyekeza eyokuvula amakolishi okuqeqesha othisha ngoba namanyuvesi amasha awakhiwa.
IDurban University of Technology ngesinye isikhungo esinabafundi abaningi abafake izicelo kuso.
Le nyuvesi inezikhala zabafundi abazokwenza unyaka wokuqala eziyizi-8 314 kodwa ithole izicelo eziqhamuka kubafundi eziyizi-83 331 okusho ukuthi kunabafundi abangaphezu kwezi -70 000 abazobhuquza emakhaya kulo nyaka. USolwazi uYunis Ballim onguSekela Mphathi weNyuvesi iSol Plaatje uthi bayazama ukusiza abafundi abafika emuva kwesikhathi bezobhalisa ngoba bezama ukugwema uhide lwemigqa kodwa nalokho akwanele. Ukuvalwa kwamagatsha athile e-University of South Africa (Unisa) kwatshelwa abafundi ukuba basebenzise uhlelo lokufaka izicelo nge-online kube ngenye yezinto edale ukuthi kugcwale kakhulu nakwamanye amanyuvesi.
Kunesikhalo sokuthi uhlelo lokubhalisa online lwase-Unisa lunobuhixihixi obuningi okugcina ngokuthi abafundi bangakwazi ukubhalisa. Amagatsha athintekile e-Unisa iTheku, uMgungundlovu, iGoli, iPolokwane neParow eKapa.