Inezingxabo inkohlakalo, uZondo ufuna ukwelulelwa isikhathi
Efingqa inkulumo ende esithangamini sabezindaba emini izolo (ngoLwesine) lowo onguSihlalo weKhomishini ephenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso uMehluleli uZondo uthe: “Okuphawulekayo ngalokho okuphenywa yiKhomishini wukuthi inkohlakalo ihamba ibanga elide kakhulu kuleli lizwe. Empeleni esisakuphenyile yingxenye encane kabi kunalokho esibhekene nakho.” Ubukhulu bomsebenzi obhekene neKhomishini kaZondo yibo kanye obenze ukuthi afake enkantolo iSouth Gauteng High Court isicelo sokwelulelwa isikhathi abesibekelwe ngonyaka wonke. Ephawula ngalokhu uthe: “Uma singelulelwa isikhathi kuzoba nenhlekelele ngoba angeke sibe nesikhathi esanele sokwenza uphenyo oluqondile, sethule nombiko abantu abangawethemba,” kusho uZondo. IKhomishini iqale ukuhlalela ubufakazi bezinsolo zokugwamandwa kombuso zingama-20 kuNcwaba wezi- 2018 kanti sekuqhamuke okuningi okushaqisayo kudalulwa abaphekwa ngemibuzo. Yize ofakazi sebeqephuze bakhipha okuningi, nokho uMehluleli uZondo ubukeka engakaziboni kumele awuvale umsebenzi weKhomishini.
UMehluleli uZondo uthe angaqeda umyalezo wakhe esithangamini sabezindaba kwavulelwa imibuzo yezintatheli. Umbuzo obe seqhulwini kube yilowo wezimali esezimoshwe yileKhomishini kube kungabonakali bantu abashushiswayo. Omunye umbuzo kube owezikhalazo zokuthi lowo owayenguMengameli wakuleli uZuma uyancengwa kule Khomishini njengoba sekungokwesibili engaphumeleli ukuvela phambi kwayo ngezizathu ezehlukene. Kulokho uMehluleli uZondo uphendule wathi, “Bonke abantu ngibaphatha ngokulingana nangenhlonipho.” Kuzokhumbuleka ukuthi uZuma bekuhlelwe ukuba avele ngaphambi kweKhomishini kaZondo kuleli sonto kodwa kwabuye kwahlehliswa ngemuva kokuthi abammeli bakhe batshele uMehluleli uZondo ukuthi ngeke akwazi ukuvela ngoba ugula kakhulu. UZuma wagcina ukuvela ngaphambi kweKhomishini ngoNtulikazi wonyaka odlule lapho afike wazichitha zonke izinsolo ezazibhekiswe kuyena zokuthi wavumela umndeni wakwaGupta ukuba ugwamande amandla ombuso.
Ngesikhathi ethula ubufakazi uZuma wathi kusukela izinhlangano zivulwa umlomo ngowayenguHulumeni wobandlululo akakaze akuthole ukuphumula njengoba izitha zakhe zangaphandle nangaphakathi enhlanganweni ye-African National Congress (ANC) zaphuma umkhankaso wokungcolisa igama lakhe kwezepolitiki ngenhloso yokumvimba ekutheni aqokelwe
esigungwini esiphezulu se-ANC. lKhomishini kaZondo eqale ukusebenza ngoNcwaba wezi-2018 yayibekelwe izinyanga eziyisithupha ibe isiwuphothulile umsebenzi wayo.
UZondo waphoqeleka ukuba afake amaphepha eNkantolo eNkulu ecela ukuba elulelwe isikhathi kuze kube nguNhlolanja wenyanga ezayo njengoba manje esefuna okunye ukuphinde alulelwe isikhathi kuze kube nguZibandlela wale nyanga ngenxa yobuningi bomsebenzi ongakaphothulwa. UMehluleli uthe kungenzeka ukuthi lesi sicelo sakhe silalelwe ngomhla ziyi-11 kuNhlolanja wezi-2020 nathe kuyoba yinhlekelele uma lesi sicelo sabo sichithiwe ngoba angeke akwazi ukukhipha imiphumela yophenyo asebelwenzile ngobufakazi asebebuqoqile. “Seluluningi kakhulu uphenyo oselwenziwe manje sesibonile ukuthi isikhathi asenele yingakho sicela ukuthi selulwe.
Lesi sicelo sethu singenxa yokuthi sibuka umsebenzi osewenziwe nalowo okusamele wenziwe. Asikwazi ukuphenya kuphela kuphela ngokwemingcele esibekelwe yona,” kuqhuba uZondo. UMehluleli uZondo uphethe ngokuthi abanaso isiqiniseko sokuthi inkantolo iyovumelana nesicelo sabo. UZondo wale waphetha ukudalulela abezindaba ngesamba semali esisebenzile selokhu leKhomishana yaqala ukusebenza. Uthe yonke imininingwane ngezindleko izothunyelelwa abezindaba maduzane ngoba kusekhona izibalo ezidinga ukuhlanganiswa.