Usopolitiki, iMeneja yoMnyango kanye nosomabhizinisi



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ngalesi sikhathi iNingizimu Afrika ikutakutana ngodaba lokubuyiselwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, KwaZulu-Natal kusachotshwa izintwala zomgunyathi wokubuyiselwa komhlaba kwabathize nokubuye kuvele ukuthi kwabe kungafanele. Leli phephandaba kule minyaka emihlanu likhona selibike kakhulu ngalokhu. Olunye udaba yilolo oluthinta usomabhizinisi waseRichardsbay, uMnu uMthokozisi Nxumalo nowayehlomule ngepulazi lomoba iLucky Star. Ukuthola kwakhe leli pulazi kwakungaphansi kohlelo lukaHulumeni lokusisa uhlelo iProgressive Land Acquision Strategy (PLAS). Njengabanye ngowezi-2007 uNxumalo wafaka isicelo sokusiselwa ipulazi iLucky Star nelabe lithengwe yiDepartment of Agriculture, Land Reform and Rural Development (DALRRD). Saphumelela isicelo ipulazi laguqulwa igama kwaba iJozi Ka Magiya Cane Estate CC. UNxumalo uthi ukukhuluma kwaqala lapho.
“Isikhulu sakwaDALRRD esasingisiza ekungithengeleni leli pulazi nguNks uThembeka uNdlovu owayeyiMeneja Yesifunda yakwaDALRRD eMfolozi. Kuthe ngoMasingana wezi-2009 uNks uNdlovu wangifonela ethi kuzomele ngifake uMnu uBheki Ntuli njengomunye wabazohlomula ngaphansi epulazini, iJozi Ka Magiya Cane Estate CC,” kusho uNxumalo. Bathe oZul’azayithole besaqopha lolu daba uNxumalo wacacisa ukuthi empeleni lo Ntuli okukhulunywa ngaye nguMphathiswa Wezokuthutha Nezokuphepha KwaZulu-Natal. “Ngenqaba ukufaka uNtuli ebhizinisini lomndeni wami. Ngamtshela uNks uNdlovu ukuthi okungcono angamane leli ipulazi alinikeze uNtuli kunokuba angihlanganise naye ngoba ngangibona ukuthi ungenzisa inkohlakalo eyayizobuye ingifake enkingeni ngelinye ilanga. Ngaphinde ngathi kuNks uNdlovu kungcono ngingabhekelwa elinye ipulazi uma kungukuthi leli ufuna ukulinikeza uNtuli.
Ngemuva kokusho lokho, uNks uNdlovu wavele wavala ucingo sisakhuluma,” kuqhuba uNxumalo. Uthi ngemuva kwezinsukwana wabe esefonelwa nguNtuli uqobo lwakhe naye emtshela ukuthi kuzomele amfake njengomhlomuli epulazini ngoba uNks uNdlovu ufuna ukubahlwayela namanye amapulazi. “Naye uNtuli ngamchitha ngelokuthi mina angihambisani nesicelo sakhe ngoba angiyithandi into kusasa ezongifaka ekukhulumeni. Ngokusho kwami kanjalo kwabe sengigadlile kuNtuli njengoba kwaba sekuba yisiqalo sokuhlukunyezwa kwami,” kusho uNxumalo. Uqhube wathi: “Ngemuva kwezinsukwana ngancinzwa indlebe ngumngane wami uThulani Mashaba (umufi) owathi kuzomele ngigawule ngibheke njengoba uNtuli engisongela ngokuthi uzongifundisa isifundo engingasoze ngasikhohlwa ngoba ngenqabe ukumfaka njengomhlomuli epulazini,”
UMashaba wedlula emhlabeni ngowezi-2016 engozini yemoto eyenzeka emgwaqeni uM4 onguthelawayeka ngaseBalitto, wayenguNobhala we- African National Congress (ANC) esifundeni iMusa Dladla “UMashaba wathi uNtuli wamtshela ukuthi mina ngizoyikhotha imbenge yomile ngokwenqaba kwami ukumenza ozohlomula epulazini. UMashaba waphinde wathi uNtuli uthe abantu abaphambana naye uyaqinisekisa ukuthi abakakutholi ukuphumula,” kuqhuba uNxumalo.
UMkhatshwa uthi izinkinga zakhe ziqale kakhulu ngowezi-2009 ngesikhathi ezidonsela amanzi ngomsele ezitheni zakhe ngokuthi wasuke wenza iphutha ngokuthi abhidlize ingxenye yesakhiwo sendlu ayeyiyifice epulazini. Uthi isizathu esenza wabhidliza ingxenye yalesi sakhiwo yingoba wayehlose ukusilungisa kabusha ngenxa yokuthi kwasekuyisakhiwo esasesisidala futhi sinetha. “Kwabe ngizithintele kuNks uNdlovu njengoba wangishushisa ngalokho ethi sengephule isivumelwano ngokubhidliza le ngxenye yesakhiwo sabo ngingayitholanga imvume kubona. Ngaleyo ndlela kwabe sekwakhiwa itulo lokuba ngephucwe ipulazi naphezu kokuthi ngase ngixolisile ngephutha engalenza nokuthi ngangithembise ukuthi ngizosibuyisela esimweni esasikuso. Ukuxolisa kwami kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada njengoba ngagcina ngephuciwe ipulazi,” kuqhuba uNxumalo.
Leli pulazi lombango like lanikezwa uMnu uSipho Ngxongo okwathiwa akalibhekele uMnyango, nokuthe esedlulile emhlabeni lanikezwa abesigayo somoba iMfolozi Sugar Mill. UNxumalo usola uNks uNdlovu ngokuthi wasebenzisa udaba lokubhidlizwa kwalesi sakhiwo njengento yokuziphindiselela kuyena ngokwenqaba kwakhe ukufaka uNtuli njengomhlomuli epulazini.
Ebuzwa uMnu uNtuli ngalezi zinsolo ezibhekiswe kuyena nguNxumalo uzichithe zonke njengamampunge. “Uyangisukela lowo mfana. Angazani nale nto ayishoyo. Futhi mina angihlangani nezindaba zamapulazi. Yebo ngiyazana naye. Ngimazi njengabafana bami ekanye nabanye okubalwa noThulani Mashaba ongasekho emhlabeni engangibasiza ekubathuthukiseni kwezamabhizinisi. Manje lokhu asekusho impela angazani nakho,” kuzihlangula uMnu uNtuli. “Uma kungukuthi uNxumalo unenkinga ngodaba lwepulazi kumele akakhulume noNks uNdlovu okunguyena ababexhumana naye ngodaba lwalo, angafaki mina kulezi zinkinga ezenzeka phakathi kwabo. Okokugcina angithandi nokuchitha isikhathi sami ngokuphawula ngodaba lwepulazi engingahlangene nalo,” kuqhuba uNtuli