Now Reading
Intombi (iNingizimu Afrika) iqonyiswa amaxhegu
Dark Light

Intombi (iNingizimu Afrika) iqonyiswa amaxhegu

Iciko lakwaNongoma, uMfazi Omnyama wake waba neculo nayilapho ayenxusa khona ukuba itshitshi likhule, likhule lize liqome ngakubo kwaNongoma. Lapha leli ciko lalidweba isithombe somuntu ofisela ingakubo into enhle njengoba leli tshitshi ngokulale ingoma labe linobuhle bonke. Uma lokhu sikubuyisa kupolitiki yakuleli, itshitshi lapha yiNingizimu Afrika. Leli lizwe linakho konke okucabangayo, abantu, umnotho, imvelo nokunye. Selokhu kwathi nhlo lilandelwa ngabafana, bonke bathi kaliqome ngakubo. Yake yaze yathunjwa le ntombi iminyaka engaphezu kwamakhulu amane, ithunjwa ngamakoloni kanye noHulumeni wobandlululo.

Kwaba ngenxa yokuzabalaza kwabakwabo yaze yaphuma intombi le ebugqilini. Nokho ibuyela kwabo nje isimo kasisihle njengoba kwabe kulindeleke ukuba iqale phansi impilo okwabe kuyinto elikhuni ngoba izinto nezimo zabe zingasefani. Izintaba zangakuyo intombi eyabe izazi ngamagama zabe sezibizwa ngamanye, umnotho kungasesiwo owakwayo. Abazalwa nayo sebaba yizintothololo, izingxibi nokhangezile. Ineminyaka iNingizimu Afrika nokuyiminyaka esho ukukhula ngokwanele kepha kwamanye amazwe iselivukana. Lesi simo esingenxa yomlando wokuthunjwa sibi ngoba senza ngisho abaholi bezwe bethi baqhamuka nokuthile kepha kufane nje.

Kubhidlizwa yibo ontabakayikhonjwa abangalifiseli lutho izwe. Kulezi zinsuku kukhona nokusola kanjalo nokwesaba ukuthi ukungami kahle komnotho kungahle kuphoqe ukuthi abaholi bezwe babe nezivumelwano namanye amazwe (amaxhegu) azidlisa satshana okungathi ayalithanda izwe kanti inhloso wukuliqhoqhobala. Phakathi kwala maxhegu kukhona i-United States of America (USA) ishinga uqobo. Linonya leli lizwe umgolo walo wenza lenze noma yini ukuze kuqonywe lona. Akhona namaNgisi ukuyizesheli ezindala , intombi inezibazi nje yiwo amaNgisi abe eyingxenye yombuso wamakoloni. Sekukhona amabili amasoka amasha, ashesha ngendlela eyinqaba. Kukhona iRussia neChina okungathi uma ukude uthi bayilungele intombi le kanti ushaye phansi kwashunqa uthuli.

Akuzigcawu zomnotho lapho intombi le ihlale ibizelwa khona, bonke bethi uma ingaqoma bona indlala kuyoba yinganekwane. Lezi zigcawu zihlanganisa oWorld Economic Forum, Africa-Russia Summit muva nje sekukhona i-UK-Africa Investment Summit nezinye. Unyaka esikuwo umqoka ngoba uma kukuthi lokhu uhulumeni akade ethi uyakuvubela akukhuphuki kungenzeka izwe lingene kuvobe nokungasho inhlekelele. Lesi simo senza izingqapheli zomlando zesabe ukuthi intombi lena kungenzeka igcine izibuyele ebugqilini , kungenzeka iqonyiswe amaxhengu. Naku maxhegu akunalutho Kwabanye ukuqoma amaxhegu lawa kungcono kunedlala. Nokho iqiniso lithi nawo amaxhegu lawa kawaqomisi ngoba emi kahle. Inhloso wukuzochamisela nje lapha ukuze kukhule iminotho yasemakubo. Isibonelo nje amaNgisi aphuma ku European Union nje anegcindezi yokuthi akhulise umnotho wawo. INingizimu Afrika nayithatha njengomlomo wokungena eAfrika ayifuna phansi. IRussia nayo igajwe ngezayo izodondolozela ngeNingizmu Afrika ukuze iphume odakeni. Lesi yisikhathi esimqoka kulabo abanendaba nabasondelene nentombi ngoba uma kuke kwaqhamuka isinqumo esingaphusile, ihambile into futhi iyobe isihambe umphelo.

See Also

Akuzigcawu zomnotho lapho intombi le ihlale ibizelwa khona, bonke bethi uma ingaqoma bona indlala kuyoba yinganekwane. Lezi zigcawu zihlanganisa oWorld Economic Forum, Africa-Russia Summit muva nje sekukhona i-UK-Africa Investment Summit nezinye. Unyaka esikuwo umqoka ngoba uma kukuthi lokhu uhulumeni akade ethi uyakuvubela akukhuphuki kungenzeka izwe lingene kuvobe nokungasho inhlekelele. Lesi simo senza izingqapheli zomlando zesabe ukuthi intombi lena kungenzeka igcine izibuyele ebugqilini , kungenzeka iqonyiswe amaxhengu. Naku maxhegu akunalutho Kwabanye ukuqoma amaxhegu lawa kungcono kunedlala.

Nokho iqiniso lithi nawo amaxhegu lawa kawaqomisi ngoba emi kahle. Inhloso wukuzochamisela nje lapha ukuze kukhule iminotho yasemakubo. Isibonelo nje amaNgisi aphuma ku European Union nje anegcindezi yokuthi akhulise umnotho wawo. INingizimu Afrika nayithatha njengomlomo wokungena eAfrika ayifuna phansi. IRussia nayo igajwe ngezayo izodondolozela ngeNingizmu Afrika ukuze iphume odakeni. Lesi yisikhathi esimqoka kulabo abanendaba nabasondelene nentombi ngoba uma kuke kwaqhamuka isinqumo esingaphusile, ihambile into futhi iyobe isihambe umphelo.

Scroll To Top