Now Reading
Umlando wokubhaka usukela emandulo
Dark Light

Umlando wokubhaka usukela emandulo

NgokoSolwazi bezokudla, amakhekhe ayebhakwa ngezikhathi zakudala ayehluke kakhulu kwesiwabona namhlanje. Ngalezo zikhathi, ikhekhe lalenziwa libukeke njengesinkwa. Umehluko phakathi kwesinkwa nekhekhe kwakuba yizithako ezazifakwa kuphela.

Njengesinkwa, ikhekhe nalo lalifakwa izithako ezimbalwa kakhulu okubalwa kuzona izithelo, amantongomane kanje nojinja bese kufakwa uju ukuze linambitheke olimini.

Amakhekhe aqala ukwehluka ngendlela abhakwa ngayo ngezikhathi zekhulunyaka le-17, nokwaqala ukubonakala e-England. Kusuka ngalezo zikhathi, lukhulu kakhulu uguquko oselwenzekile emkhakheni wezokubhaka.

Lolu guquko silubona kusuka emishinini yokubhaka, izithako ezisetshenziswayo, ukutholakala kalula kwezincwajana zemiyalelokwenza, kuya endleleni yokuwabumba nokuwahlobisa amakhekhe. Lolu guquko lwenza kungabe kusaba umshikashika ukubhaka, kwabakuthandayo.

NjengaboHlanga kuvamisile ukuthi uma omunye wethu esezinhlungwini (kungaba ukugula noma isifo) noma egubha (usuku lokuzalwa okanye umshado, njalonjalo) ubone abantu beqiqinga namabhakede agcwele amaskonzi, amamafini, nezinye izinhlobonhlobo zemibhako bebheke khona.

Leyo kusuke kuyindlela yethu yokududuza osezinhlungwini kanye nokuhalalisela loyo ogubhayo. Lokhu kwenza amakhekhe abe ingxenye ebalulekile yemicimbi yethu eyahlukahlukene.

Kule ngosi, sizodingida ngezihloko ezahlukene ezithinta umbhako, sabelane ngolwazi lokubhaka kanye nezindlelakwenza noma ubani angakwazi ukuzilandela kalula. Kulesi siqephu sokuqala sizokwabelana ngendlelakwenza evamile, nelula kodwa okulula ukuphambuka kuyona uma ingalandelwanga kahle. Leyo eyamaskonzi enziwe ngebuttermilk

Ngenxa yobuningi bezindlelakwenza amaskonzi, amanye awo atholakala kalula ku-inthanethi, kunzima ukwazi ukuthi iyiphi okumele uyilandele. Njengomfundi nomlandeli waleli phephandaba usenhlanhleni ngoba leyo angeke kusaba enye yezinkinga obhekana nazo.

See Also

Ngiyathembisa ukuthi zonke izindlelakwenza ezizoshicilelwa kule ngosi, zizolandeleka kalula ziphinde zikhiqize okwehla esiphundu. Zonke ngizobe ngizizamile ekhishini lami ngaphambi kokuzishicilela.

Emva kokuzama le ndlelakwenza, angeke uphinde ufise ukulandela enye, ngiyakwethembisa!

Uyizame namhlanje bese uphathisa izingane esikoleni uphinde uphathele nozakwenu emsebenzini, uzozizwa izincomo ozozithola! Nansi ke…

Scroll To Top