Now Reading
U-2020 unyaka wokuqomisa owandulela owokuklonyeliswa
Dark Light

U-2020 unyaka wokuqomisa owandulela owokuklonyeliswa

Unyaka esikuwo ungomqoka kupolitiki yaseNingizimu Afrika. Wonke amaqembu kanye nosopolitiki cishe banezinyanga ezili-12 ukuba baqomise nempendulo yakhona bezoyithola ngonyaka ozayo nxa sekunokhetho loHulumeni Bendawo. Lona kungabukeka kuwumsebenzi olula kepha ubufakazi bemiphumela yokhetho eyedlule isho okwehlukile. Ubufakazi obukhona ngobuthi abavoti sebeyawaqonda amandla abanawo ngesikhathi sokhetho, sebeyazi ukuthi amandla okuklomelisa (ukuvotela) kanye nokujezisa (ukungalivoteli iqembu) akubo. Sebeyahamba nje uma bebiziwe, bathole izikibha zenhlangano leyo kube sekuphelile. Lufi ke usuku lokuvota bese iqoma lapho ithanda khona.

Njengokwejwayelekile iqembu elibusayo yilo eliqala kuqala esitikini njengoba kule mpelasonto linomgubho weminyaka eli-108. Lo mgubho uzobe useKimberley. Izigemegeme zangaphakathi nangaphandle kweqembu zizophoqa ukuthi uMengameli walo uMnu uRamaphosa ahambe ngokucophelela uma ethula inkulumo yakhe. Lokhu kudalwa wukuthi emuva kweminyaka engama-25 wedemokhrasi akuselula ukwesulela kwabanye uma kunenkinga. Inkinga nje kagesi ngenye angeke asakwazi ukuthi ngabanye ngoba wathi ingangaye. Yize ezoke athi ukugxila emiphumeleni yemfundo nekhomba ukuthi kusetshenzwe kahle, bayomeluleka abaseduze kwakhe ukuthi angagxili kakhulu ngoba ziphumelele nje izingane ziphasela endlaleni nasobhukwini lokuswela umsebenzi.

Iqembu eliholwa nguRamaphosa noHulumeni wakhe basenkingeni yomnotho. Ngesikhathi engena esikhundleni uRamaphosa kwabe kunenkolelo yokuthi uyimpendulo ngoba uyisazi samabhizinisi nomnotho. Nokho kwabanye amathemba aseyashabalala. Muva nje izinkampani ezimbili okuyiS&P neMoody’s zilisondeze kuvobe elakuleli. Lokhu bekubhekiswe ekubukeni ukudodobala kokukhula komnotho nesikweletu sikaHulumeni esesingafi nyelela kuma-70% omkhiqizo wezwe ngowezi-2023. Ngokosomnotho izimeneja zemali seziqalile zitshala imali emazweni angaphandle, okumanje le mali ilinganiselwa ezigidigidini ezili-$150, okungenyusa izindleko zokuboleka kwezwe imali. IsiZulu sithi indlala ibanga ulaka nokusho ukuthi uma lesi simo siqhubeka siba sibi akukho ukungabaza ukuthi abavoti bangase balijezise leli qembu.

Olunye udaba olungahle lubahlehlisele izikhuni ngolomhlaba. Ngeshwa kulokhu, iqembu elibusayo lisenkingeni noma lenza lokhu okufunawa yiningi laboHlanga kokubuyisa umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo noma ukunyanyalata njengoba abanye ikakhulukazi abazuza ngobandlulo befi sa, leli qembu lizozithola lisekukhulumeni.

Amaqembu aphikisayo

See Also

Inkinga ikhona nakuwo amaqembu aphikisayo nasephenduke uteku njengoba kule minyaka engama-25 edemokhrasi ehluleke ancama ukuginga uKhongolose. La maqembu ahluleka ngisho uKhongolose usuyenda ngenxa yokulanyaniswa nenkohlakalo nezimpi zangaphakathi. Iqiniso lithi kuze kube yimanje alikho iqembu eliphikisayo elisondelayo kuKhongolose ngezinombolo. Okufi ke kwesinde kuwo wukuthi imizamo yawo yokubambisana ekugingeni iqembu elibusayo iyehluleka njengoba kubonakele komasipala abakhulu iJohannesburg, iTshwane kanye neNelson Mandela Bay lapho buchitheke sebugayiwe. Enye inkinga ekhona wukuthi amaqembu amakhulu kwaphikisayo okuyiDemocratic Alliance (DA) ne-Inkatha Freedom Party (IFP) kuqala unyaka nje banobuso obusha. Yize lena kungeyona into embi ngoba phela kulandelwe inqubo yangaphakathi, inkinga wukuthi lokhu kusho ukuthi kumele achithe isikhathi ethengisa abaholi abasha kubavoti okungekho lula. Abe-IFP basenesimilamongo okungathi uma bekusingathe kabi ukukhuluma kubaqhelisele izikhuni. Lesi similamongo wudaba lokuvota noKhongolose eGoli nokuyinto okungacaci noma yenziwa ngabathile eqenjini noma ubuholi bonke. Elinye iqembu elikhulu kwaphikisayo i-Economc Freedom Fighters (EFF) ibukeka yenze kangcono kule minyaka emincane yasungulwa. Leli qembu kumele likhethe ukuthi elikufunayo wukuvotelwa yibo bonke abantu bakuleli noma ingxenye ethize. Uma lokhu lingakusingathi kahle kungahle kulenze libe mandla ekukhulumeni kepha izinombolo zingaguquki. Izimbangi ze-EFF nezizuzayo ngalokho yiFreedom Front Plus (FFPlus). Leli qembu elibheke kakhulu izimfuno zamaBhunu libe nesibunge okhethweni lukazwelonke ngowedlule hhayi ngenxa yemigomo kepha ngenxa yombono ikakhulukazi kubelungu, wokuthi yilo elizobavikela odabeni lomhlaba. Nonyaka kulindeke ukuthi lizuze kunkulumompikiswano ngomhlaba njengoba zikhona izinkomba zokuthi lingase liyise uHulumeni enkantolo limsola ngokwephula umthethosisekelo odabeni lokubuyiselwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Ubude becala bungenza lizuze kakhulu. Kanti amanye amaqembu amancane asengcupheni yokushabalala koHulumeni Bendawo ngenxa yokuphela kokwesekwa kanye nokungabi nayo imali yokuqhuba imikhankaso. Kulawa, lo nyaka uyoba mqoka ekutshaleni ukwethenjwa kubavoti.

Ngamafuphi lona ngunyaka lapho wonke umuntu kumele aqomise ngoba abavoti sebeyakwazi abakufunayo, sebeyawuqonda umdlalo wepolitiki. Ukufakazela lokhu engxenyeni yesibili yonyaka wezi-2020 kuzoba nemibhikisho engakaze ibonwe yezimfuno hhayi ngoba kutheni ngakho belu ukuthi intombi (abavoti) igagazisa amasoka.

Scroll To Top