Now Reading
Izintwala zayizolo: Usizi lwaboHlanga luseyiva elingafuni ukubanguleka
Dark Light

Izintwala zayizolo: Usizi lwaboHlanga luseyiva elingafuni ukubanguleka

Kuphele unyaka obunzimana kwaboHlanga kwangena omusha lapho izakhamuzi zaseNingizimu Afrika bezithembe ukuthi amakhizane awo onyaka odlule azosala ngemuva zingene kunyaka wezi-2020 nokuthula futhi zinethemba lokungcono ezweni eziphila kulo kanye nempilo yazo kodwa ukucinywa kukagesi kukujikise konke lokho kwabuyisa imicabango yosizi oludala lwezakhamuzi zaboHlanga.

Leli phupho laboHlanga akuthathanga nesikhathi eside ukuba liphele ngoba ngalo isonto lokuqala onyakeni kwabuya ukucinywa noma ukuhamba kukagesi okuwugqamucishi. Lokhu kubuya kokucinywa kukagesi kuchaza izinto ezimbili; okokuqala ngukuthi lokhu kusengaba yisiqalo sokucinywa kukagesi futhi okungase kube nzima ukudlula izikhathi ezedlule ngoba uma ugesi ucima kusaqala unyaka kuchaza ukuthi kuningi kuseza kuphinde kubeke uMengameli wezwe enkingeni ngoba ngonyaka odlule wathembisa ukuthi ugesi uzongacima kusuka ngoZibandlela kuze kuye kumhla zili-13 kuMasingana kodwa leso sithembiso sakhe kufana nesingekho ngoba ukucima kukagesi kubuye ngomhla ziyisi-5 kuMasingana.

Lokhu kucima kukagesi kungase kuqhubeke njengoba kusazovulwa amabhizinisi amakhulu, izimboni kanye nezimayini okuyizo esizebenzisa ugesi kakhulu ukufeza izinhloso nezibopho zakho. Lokhu kucima kukagesi kuyisithombe esingesihle ngempela ngoba uma ugesi uhluleka ukukhanya izimboni zingakavuli kuchaze ukuthi kuzoba nzima ukuthi kukhanye uma sezivulile ngoba uma zingakavuli shuthi kukhona ukukhululeka okuncane okubakhona ekuphakweni kwagesi kodwa makusokolwa manje zivaliwe mhla sezivula isimo sagesi sobe sesinzima kakhulu lokho kuyinkinga ezimpahleni zomphakathi kodwa futhi nezwe ngoba ukucima kukagesi kuchaza ukwehla komnotho wezwe.

Ukwehla komnotho wezwe kuyinkinga kakhulu ezakhamuzini ngoba kuzoholela ekwandeni kokwentuleka kwemisebenzi namathuba emisebenzi, kwande ubugebengu kuphinde kukhule ububha ezweni.

Onyakeni esiphuma kuwo kubonakele ubunzima eNingizimu Afrika obuhlasele aboHlanga ngobubha futhi akubanga imfi hlo ukuthi yibo abanezibalo ezinkulu zabantu abahlaselwe ngububha eNingizimu Afrika. Lokhu kucima kukagesi kuphaka esinye isisindo noma kubeka elinye ijokwe kubo aboHlanga kule mpi ababhekene nayo yobubha.

Ngonyaka odlule ukucima kukagesi kuholele ekumoshekeni kwezinto eziningi ikakhulukazi kwamabhizinisi amancane noma asakhula ngoba wona awanayo imishini ephehla ugesi, amajenereytha, okuchaze ukuthi ziyavalwa imkhiqizo edinga ugesi iyonakala okuholela ekutheni kulimale amabhizinisi asakhula ngakwezomnotho.

See Also

Wona u-Eskom umi ephuzwini elilodwa ngokucinywa kukagesi elavela ngonyaka odlule elithi kuvele ukuthi omasipala noMnyango Wezimboni bakweleta izizumbulu zezigidigidi zamarandi. U-Eskom uyahlukela manje ukuqhubeka nokuphakela ugesi ngenxa yezikweletu eziwuhlale entanyeni ngenxa yabantu abakweleta wona. Lokhu sekuwuginqogonqo phakathi kuka-Eskom nabantu abawukweletayo. Nesimo sokwehla komnotho naso asisizi kulolu tavatava ngoba kuchaza ukuthi uMasipala ngeke uthole mali ezakhamuzini ukuzama ukukhokha isikweletu okuchaza ukuthi nayo iminyango uqobo izobe ingenayo imali yokunika omasipala.

Okuthusayo ngalokhu kucima kukagesi kusaqala nonyaka ngukuthi uma izwe liqale unyaka omusha ngobumnyama ngabe lokho kuchaze ukuthi lisazophila ngabo lobo bumnyama kuze kube nini kulo nyaka omusha. Umbuzo okufanele aboHlanga bazibuze wona ngothi ngabe lobu bumnyama buyisikhangiso sonyaka oza nosizi kuphela kubo noma kuhambisana nesisho esithi, ‘Kuba mnyama kakhulu uma sekuzosa’.

Scroll To Top