Now Reading
I-USA ithe ibangula iva kwabhibha isilonda
Dark Light

I-USA ithe ibangula iva kwabhibha isilonda

Cishe imilomo iyavunana emhlabeni ekutheni imicibilisholo yomlilo ebivela e-United States of America (USA) ebulale umkhuzi wamabutho wase-Iran uJenene uQassem Soleimani nabanye ayenabo kujenga lwezimoto esikhumulweni sezindiza eBagdad eIraq ayigcinanga nje ngokubhubhisa labo abebeqondiwe kepha kube namachaphazelo emazweni kanye nakubantu abehlukene.

Okuphinde kwenzeka kuleli sonto wukuhlasela kwe Iran izinkambu ze- USA ezise Iraq ngaphansi komkhankaso i-‘Operation Martyr Soleimani’. Isitatimende esikhishwe yi-Iran Islamic Revolutionary Guard emuva kwalokhu kuziphindiselela sidwebe umugqa kwacaca ukuthi osekuqalile uma kuqhubeka kungathinta namanye amazwe. Kusitatimende bathe: “Uma i-USA iziphindiselela sizogadla kuwo wonke amazwe kwisifunda asebenzisana ne-USA”.

Kulesi sifunda kuvele kuhlukwene phakathi njengoba abahambisana ne-USA nokuhumesheke ngokuthi isitatimende siqonde kubo kuyi: i-Israeli, i-Iraq, iJordan, iKuwait. iBahrain, iQatar, i-United Arab Emeriti, i-Omani neSaudi Arabia.

Amazwe nohulumeni bomhlaba kanye nabantu phansi behlukene phakathi ekuhumusheni isenzo se-USA. Bakhona abathi ibizibangula iva njengoba uSoleimani ubengunqondongqondo ekukhomozeni amakhulu ngamakhulu abantu emazweni ama-Arabhu ngenhloso yokuphikisana nalokho abekuthatha njengokugwamanda kwe-USA amazwe ama-Arabhu. Ukuthembela kwabaholi base-Iran nezihonga zamaArabhu ebuhlakanini bakhe

Nokho abanye basingxekile isenzo sikaMengameli wase-USA uTrump nokunguye ogunyaze ukuba uSoleimani agudluzwe. Laba babuke lesi senzo njengobudedengu obungafaka umhlaba otakwini lwempi ‘yesithathu yomhlaba’. Okusobala wukuthi imikhonto icije nxa zonke futhi okwamanje ayikho okubonakala ukuthi izimisele ngokugoba uphondo. Ukwesaba kusekutheni ukuzazelana kwe-Iran ne-USA kungahle kukhinyabeze ipolitiki yesimomazwe ikakhulukazi umnotho njengoba umnotho kawoyela kuyiwo ohlanganise la mazwe.

Abaholi base-Afrika kakhulukazi iNingizimu Afrika nxa kukho konke lokhu kuphithizela ikhathazeke ngomthelela ongaba khona ezwenikazi i-Afrika. Njengamanye amazwe emhlabeni, umnotho wase-Afrika uncike kuwoyela. Khona lapho iNingizimu Afrika iyahweba ngandlela thize namazwe ama-Arabhu nalawo aseNtshonalanga. Khona lapho iNingizmu Afrika inobuhlobo ngezakhamizi kuleli ezinobuzwe obubili nezingumsinsi kwamanye alamazwe abhekene ngeziqu zamehlo. Yikho nje usazozwa imikhankaso yabalapha eNingizimu Afrika beseka izinhlangothi ezithize ezithintekayo. Okunye okuyisondeza eduze iNingizimu Afrika kulokhu wudaba oluthinta enye yezinkampani ezinkulukazi zakuleli iMTN. Ngokwemibiko le nkampani izoshushiswa nabanye e-USA ngamacala ‘okwephula umthetho’ ngokuhwebelana ne-Iran ekubeni ingaphansi komswinyo lawo amaMelikana. Ayikwazi ke lenkampani neNingizimu Afrika ukuquba ngoba uma kuyikuthi lokhu okwenziwa kwinkampani yezokuxhumana i-Huawei nesolwa ngokufanayo kungenziwa kuyo kungasho inhlekelele.

See Also

Okunye okuzokwenza amehlo athi njo kuleli yingoba kungekudala uMengameli uRamaphosa uzoba nguSihlalo we-African Union (AU) nokuzosho ukuthi ngalesi sikhathi esinzima uyobe engabhekeli nje iNingizimu Afrika kepha uyobe ebhekele nokungaba wumthelela omubi ezwenikazi nalo elingavamile ukuba nezwi elilodwa uma kufika kulezi zindaba.

Kulindelekile ukuthi amazwe ase- Afrika ahlukane phakathi kwazise amanye anobudlelwano namazwe asentshonalanga kanti amanye yize engenabo ngqo ubudlelwano ne-Iran kepha leli lizwe linobudlelwano neRussia neChina enobudlelwano namazwe ase-Afrika. Nakanjani lokhu kuzodinga ubuholi obuhluzile nobukwaziyo ukudlala ilabani yepolitiki yesimomazwe. Lobu buholi kumele kwazi ukuthi akuyona indlala okumele iqhube inqubomgomo yawo ngoba phela amanye amazwe avumelana nawasentshonalanga, iRussia noma iChina hayi ngoba kungumgomo kepha ngoba ebanjwe ngamakhwahla kwazise kayikhonkothi nethambo.

Kule nhlekelele ama-Afrika asethubeni lokuma aqonde mpo, asho akufunayo nangakufuniyo. Uma engakwenzi lokho azozithola esengena izimpi zabanye abantu njengoba kwenzeka empini yokuqala neyesibili lapho sazithola sesilibutho lamazwe athize ngoba ayesicindezele.

Scroll To Top