Amathambo asemithanjeni yobuciko
USolwazi uPitika Ntuli oyiciko kwezokuqopha insimbi nokhuni uzobamba umbukiso ozimele wodwa wemisebenzi yakhe ayiqophe esebenzisa okuqoshwe ngamathambo. Lo mbukiso uNtuli uwenza ngaphansi kwesihloko esithi: Divining the State of the Nation, Zibuyela Emasisweni (Returning to the Source) kanti uzoqoqela ndawonye imisebenzi engama-20 kuya kwengama-30 eqoshwe kusetshenziswa amathambo kuphela neyenziwe ngenhloso yokuba yingxenye yalo mbukiso kanti iyimisebenzi engakaze ivezelwe umphakathi esikhathini esingaphambili.
Amathambo azosetshenziswa lapha ngawendlovu, ubhejane, indlulamithi nehhashi, kodwa futhi kuyoba khona ubuhlalu, amagobolondo, amaketango, izikhumba zezilwane, izimabula, ophini namabhodi ekhompiyutha ayoba yingxenye yombukiso njengophawu olusobala lokuphazamiseka kolwazi lokuzenzela nokuqamba izinto ezintsha ngendlela yase-Afrika.
Mayelana nokubaluleka kwamathambo kwezobuciko uNtuli uthi: “Amathambo anamandla angabonakali angokomoya, ukubekezelela izimo ezehlukene kwawo kwaziwa yizizukulwane. Siyazazi ukuthi singobani, nokuthi sivelaphi ngenxa yokubhekisisa ngesineke lokho amathambo asitshela khona! Amathambo angubufakazi bokuthi eminyakeni eyizigidi ezi-3.5 eyedlule, nokuthi wona athwele okuyimicabango yethu yosekwedlule. Lokhu kokuthi amathambo wona akwazi ukuhlala ingolokodela yeminyaka sekukudala thina sedlula emhlabeni kudida ingqondo. Selokhu kwathi nhlo ngimangaliswa wukomelela, amandla nomphefumulo osemathanjeni. Ngokosikompilo lwamaYoruba, u ‘Mvelinqangi’ wathumela izilwane emhlabeni ukuzoletha u‘Ashe’ (okungamandla okwenza izinto zenzeke nokuthi zikwazi ukuguquka.)
Emiphakathini engeyokudabuka e-Afrika labo abanesiphiwo sokubona izinto ngokomoya bakwazi ukuhlonza okungahambi kahle esintwini besebenzisa amathambo. Ngokosikompilo lwesiNguni ukuchitha amathambo kuchaza ukulungisa isimo ngokukamoya nokusiza ukwelapha isimo esingesihle. Izangoma yizona zingumgogodla womoya wobu-Afrika kanti amathambo asemqoka ekwenzeni ngempumelelo umsebenzi wazo emphakathini. Amathambo abalulekile uma kwelashwa ngokwejwayelekile nangokukamoya. Ngingumelaphi. Ngichitha amathambo ukuze ngihlambulule isimo sesizwe ngesikhathi sokugula kwaso! Njengesangoma ngibona lawa mathambo enamandla okuphulukisa. Ngikholelwa ekuthini amathambo anamandla kamoya nawokuqonda okufihlakele, yilokho engiqonde ukukuveza ngalo mbukiso.” (Pitika Ntuli)
Ngokusho kukaSolwazi uNtuli kunebhuloho lamathambo elixhumanisa izwekazi i-Afrika nabantu balo abahlakazeke umhlaba wonke. Izigidi zamathambo alele ezinzulwini zolwandlekazi i-Atlantic. Lawa ngamathambo ama-Afrika aminza nangcwatshwa olwandle ngesikhathi sokuthunjwa kwawo. Umbukiso uyindlela yokuhlonipha leli bhuloho nabo bonke abasinda kulesi sibhicongo, labo izizukulwane zabo esezibizwa nge ‘Diaspora’.
Kwathi labo bakithi ababeyizigqila bangawufeza umsebenzi ababebekelwe wona balahliswa okwenyongo yenyathi. Ukubandakanya okulahliweyo kulo mbukiso wokuqoshwe ngamathambo kukhuluma ngokusobala ngalesi sihluku nesidingo sokuvuselela okungamagugu kithi siphinde sivuselele kabusha ubuntu bethu. Izinto zonakele ezweni lakithi nabantu balahlekelwe yisimilo nokonakala sekuyinto yansukuzonke. Umbukiso iDivining the State of the Nation ihola ngengalo lowo oze embukisweni ukuthi ahlolisise lokhu kungcola ngokomphefumulo kusetshenziswa izinto eziphathekayo nalezo eziyimifanekiso yokuthile. Imisebenzi ikhombisa lokho kuxhumana phakathi kolwazi lwendabuko e-Afrika, nalokho kubuka kufakwe amahanisi ngabenqubo yobukoloni, nesimo iNingizimu Afrika ekusona ngokwezwe njengamanje. Umbukiso uwonke ubuka uthando i-Afrika enalo ngezinto ezinhle, imvelo nalelo nalelo siko.
Ngaphezulu kwalokhu, umbukiso unethemba lokwenza umnikelo ekuqondeni kangcono ngezobuciko base-Afrika obasebuqalile buzakhela eyabo i ‘mpucuzeko’ eyaze yaphazanyiswa wukufika kwabasentshonalanga. Umbukiso kaZibuyela emasisweni ukhomba indlela yokucabanga ngobuciko base-Afrika ingakaphazanyiswa. USolwazi uPitika Ntuli uzama ukukhombisa amandla obuCiko base-Afrika akwazi ukukhuluma ngokuyikho ngenamuhla, ukuvuselela izolo nokuthuthukisa ikusasa.
Ngubani uPitika Ntuli? Esemncane kakhulu ngeminyaka, uNtuli wesabela uma ebizwa ngabangasekho bakubo waphinde wesabela ebizwa ngowayengumholi wePan Africanist Congress (PAC) uRobert Mangaliso Sobukwe. Wayeneminyaka engamashumi amabili kuphela ngesikhathi uPitika Ntuli efulathela iNingizimu Afrika eya ekudingisweni. Emva kweminyaka engama-32, esehambe amazwe amaningi, esemayikayika ngamajazi emfundo, esehlanganise imisebenzi eminingi neyehlukahlukene yobuciko uPitika waba yingxenye yezinkulungwane zabaseNingizimu Afrika ezabuyela ekhaya kade ziphume zingafunwa nalapho zihambe khona. Manje uPitika uyinsizwa esiqinile impela eneminyaka engama-73.
Kubaluleke ngani ukuthi igama likaPitika lihlale lisematheni kithi?
Siswele imilomo eyinkulungwane yokubonga ngenhlokomo kokaMphemba ngokulokotha kwakhe indaba yaseMarikana futhi ayilokothe ngendlela engajwayelekile esebenzisa amazwi amatshe, amathambo, izinsimbi nakho konke okubukeka sekuyizinto zokulahlwa ezingubuxhakaxhaka besimanje. Sidinga ukumbonga okaMphemba ngokukhombisa kwakhe isibindi sokukhuluma lapho abanye sebavumela ukwesaba kuvalele ngaphakthi lokho okuyimibono yabo yangempela. Siyambonga uPitika ngokuthatha leli gxathu lapho abanye sebathatha ucwaningo lwabo nomuzwa wokwehlulela ngesigameko saseMarikana bakwenza kwaba ngumthwalo wekhomishini ephenya ngokwenzeka kulesiya sibhicongo esiyihlazo. Umbuzo uthi kungenzeka kanjani ukuthi ikhomishini kube yiyo esilawula ngokuthi sizizwe noma sicabange kanjani ngokwenzeka eMarikana?
Siyabonga Mphemba ngokuveza imizwa yezibilini zethu esingenakuyiphumisela ngomlomo. Siyabonga ngokusivezela ngokugqamile lokhu esidingayo ukukubona nokukwazi, kodwa ngenxa yokwesaba sizibe singabheki lapho kufanele iso lethu libuke ngakhona. Ngalo mbukiso wobuciko ongeMarikana, uPitika Ntuli usisiza ukuthi sijeqeze emuva lapho sivela khona, usinxenxa ukuthi sibheke ngokuqaphela ukuthi sikuphi siphinde sibheke phambili kulo mgwaqo esihamba ngawo obukeka usibhekise ngelikhulu ijubane kwelimagede ahlabayo.