Now Reading
UMuholi nombukiso emazweni aphesheya
Dark Light

UMuholi nombukiso emazweni aphesheya

UMTHWEBULI wezithombe osezakhele igama ngokweneka obala impilo yobungqingili ngezithombe uZanele Muholi uzoba nombukiso eStedelijk Museum e-Amsterdam, eNetherlands kanye nase-Autograph ABP e-United Kingdom.

Lo mbukiso owaziwa ngeSoFa Bra, uzoqala mhla ziyisi-8 kuNtulikazi uze usongwe mhla zili-15 kuNcwaba. “Izithombe zakhe zinesigqi futhi zixoxa indaba noma okuningi kwakho kudalwa indlela izithombe zakhe ezikhanyiswe ngayo. Emsebenzini wakhe wokuveza impilo yobungqingili ngezithombe uMuholi uveza olunye uhlangothi ngokuba “Mpisholo” lapho eveza khona umlando, isiko nakho konke okuhambisana nobumpisholo. Kuleli qoqo lezithombe uveza okuyikho ngabantu besifazane abampisholo aphinde avule inkulumongxoxo ngendlela abesifazane abampisholo ababukwa ngayo. Omunye umbukiso wakhe ohamba phambili iSomnyama Ngonyama (Hail the Dark Lioness). Umbukiso wakhe owazuza imiklomelo iFaces and Phases usuqukethe ezinye izithombe ezintsha ezazingekho phambilini.

Emibukisweni yakhe kunengxenye yegumbi lapho kugcinwa khona imisebenzi yamaciko ampisholo angamalungu eLesbian, Gay, Bisexual, Transgender, Queer or Questioning, and Intersex (LGBTQI). Eminye isike yashicilelwa enkundleni yokuxhumana iblog eyasungulwa uyena uMuholi ngowezi-2013 ngenhloso yokuzwakalisa imizwa ngezithombe, ukubhala nokudayisa  lemisebenzi kwabezindaba.

See Also

Ngaphambi kokuthi alibhekise eNertherlands, uMoholi ongowokuzalwa eMlaza uzoqala ngokuhambela eLondon lapho ezobonisa khona uchungechunge lombukiso wakhe, iSomnyama Somnyama e-Autograph ABP mhla zili-13 kuNtulikazi. Kulo mbukiso awukhiphe ngowezi-2015 ezithombeni ezingama-60 uMoholi usebenzisa umzimba wakhe ukubhekana ngqo nesihlava sokulwa nepolitiki yobuhlanga.

Scroll To Top