Lukhulu luyeza luyanyelela ngogesi
NGONCWABA wezi- 2013 uNgqongqoshe Wezamandla kuleli wakhipha umbiko owawukhuluma ngezinhlelo zokusatshalaliswa kukagesi ezweni. Phakathi kokunye lo mbiko wawugxile ezinhlelweni zokulungiswa kwengqalasizinda esindala, nokuthi yikuphi elakuleli elikwenzayo ukulwa nokunqamuka kukagesi okukhinyabeza umnotho. Lo mbiko wawubizwa nge-Integrated Resource Plan kanti laba likhulu isasasa ngokukhishwa kwawo ngoba wawuzoletha impilo engcono kuphenduleke nemibuzo eminingi ngokucima kukagesi. Emuva kokukhishwa kwalo mbiko kwaba nesivumelwano sokuthi njalo emuva kweminyaka emibili izinhlelo zokusatshalaliswa kukagesi luzobuyekezwa ukuze kwenziwe isiqiniseko sokuthi lusahambisana nesikhathi.
Enye yezinhlosongqangi zalolu hlelo kwakuzoba ukulungisa isimo sokungabikhona kukagesi ezindaweni ezithile naphezu kweminyaka eminingi yenkululeko. Kwavela ukuthi isibalo sabantu baseNingizimu Afrika sesandile kodwa ukuthunyelwa kukagesi kusahamba kancane. Phakathi kwezinto ezazivezwa yilo mbiko ukubaluleka kwezimayini zamalahle eNingizimu Afrika ekuphehleni ugesi.
Kulelo phuzu kukhona ukukhuluma okuthi elakuleli lingakugqugquzela kanjani ukwandiswa kwezimayini ezweni ekubeni liyingxenye yamazwe azibophezela kuParis Agreement okuyisivumelwano esimayelana nokuguquguquka kwesimo sezulu emhlabeni, lapho amazwe ayingxenye yaso asayina ezibophezela ekusebenzeleni ukwehlisa isisi esingcolisa umkhathi.
Ngenye indlela lokho kwakusho ukuthi iNingizimu Afrika izifaka ogibeni lokuthi ivale ezinye izimayini zayo zamalahle umphumela wakho okuwukulahleka kwemisebenzi. Ukungalandelelwa kwalo mbiko kunawo umthelela ezinkingeni ezibhekene nezwe namuhla ngokunqamuka kukagesi njengoba noNgqongqoshe Wamabhizinisi KaHulumeni uMnu uPravin Gordhan esevuma ukuthi enye yezinkinga ezikhona ezinomthelela ekunqamukeni kukagesi ingqalasizinda endala. Kuyavela ukuthi ukukhishwa kombiko wangonyaka odlule wezinhlelo zokusatshalaliswa kukagesi kwakulandela umbiko owawugcine ukukhishwa ngowezi-2011 nawo okuningi kwawo okungalandelelwanga.
Umbuzo okubantu baseNingizimu Afrika njengamanje ngothi uHulumeni bawuthembe kanjani odabeni lukagesi njengoba nanamuhla ephika ukuthi kungenzeka ukunqamuka kungene esigabeni sesihlanu. Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni uNgqongqoshe uGordhan wathi angeke bafike esigabeni sesine, uHulumeni uzokwenza konke ukulungisa izinkinga ezikhona ukuze ukunqamuka kugcine esigabeni sokuqala. Namuhla ukunqamuka kusesigabeni sesine lapho sekudingeka abantu bahlukaniselani ngogesi ongama- 4000MW phakathi kwezindawo zokuhlala namabhizinisi. Nakuba uHulumeni ephika, kodwa akulula ukuthi umphakathi ungayithathi njengeyiqiniso imiyalezo esabalele ezinkundleni zokuxhumana ethi kungekudala kuzongena esigabeni sesihlanu nesithupha ukunqamuka kukagesi. Uma ungena kusizindalwebu sakwa- Eskom sikhuluma ngokunqamuka kukagesi okuze kudlule nesigaba sesithupha okusho ukuthi lukhulu luyeza luyanyelela.
“Siyavuma ukuthi sisenkingeni futhi kuzoba umzabalazo onzima ukudlula kuyo,” kuvuma uGordhan okokuqala esithangamini sabezindaba abasibambe ngokuhlanganyela no- Eskom kuleli sonto. “Sikhuluma neHhovisi likaMgcinimafa ukuba kwenziwe uhlelo ngokushesha oluzokwenza ukuthi u-Eskom ukwazi ukubhekana ngokushesha nezinkinga eziqhamukayo. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyazivimba zonke izinto ezizosidalela izinkinga ikakhulukazi eziqhamuka ngaphakathi kubasebenzi,” kusho uGordhan.
Uveze ukuthi banawo udizili abawuthengile ngaphandle ukulekelela ekutheni isimo singabi sibi. Izolo umkhumbi obuthwele amabhareli kadizili uthelekile kuleli, kodwa kuzoba isikhathi esingakanani ngoba le nkinga kubonakala iqhubeka. Sekusungulwe amathimba amathathu ahlanganisa ongoti nezingcithabuchopho emizamweni yokuxazulula inkinga kagesi eNingizimu Afrika.
Ithimba lokuqala elaqokwa uMengameli uRamaphosa seliwethulile umbiko walo kuKhabhinethi, kunebhodi lakwa-Eskom nalo eseliwuthulile umbiko walo kanye nabaphathi bale nkampani abethule uhlelo lokuguqula isimo. Ngaphezu kwala mathimba kunabanye onjiniyela okuhlanganisa abakwa-Eskom nabazimele abenza olwabo ucwaningo ngalesi simo. AbeNational Energy Regulator of South Africa (Nersa) bathi inkinga yokunqamuka kukagesi bayibeke phambili kuzona zonke izinqumo abazithathayo okuhlanganisa nesithinta ukwenyusa ugesi ngama-9.41% nama-5.2% esikhathini esiyiminyaka emithathu ezayo.
Njengoba eyokunqamuka kukagesi yenzeka zishoshela nezinsuku zokhetho iqembu elibusayo likuqonda kahle ukuthi kungenzeka ibe nomthelela okhethweni ngoba abantu abayifihli intukuthelo yabo ngalesi simo.
INhloko Yokhetho ku-ANC uMnu uFikile Mbalula uthi amaphaphu phansi kubantu ngoba akekho ongathintekile ngendaba kagesi. “Kulesi sikhathi esibhekene naso engingakusho kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangathukutheli. Senza konke ukulungisa le nkinga. I-ANC ifundile emaphutheni ayo, manje sesiyazi ukuthi yikuphi okumele sikwenze ukuguqula izinto.”

