Unyaka wezi-2019 ube unyaka omuhle kokuningi kwezemidlalo


Unyaka wezi-2019 ube nezigameko ezijabulisayo nezibuhlungu kwezemidlalo. Kuningi kakhulu okwenzekile kwezemidlalo kuleli, nakuba singeke sakulandelanisa, noma sikubhale konke kepha nakhu esikubona kuye kwahlabahlosa.
Ukwenza kahle kwaMabhokobhoko
Indlela aMabhokobhoko enze ngayo eminyakeni emibili edlule abengathembisi ukuthi engenza kahle kulo nyaka. Aqale lo nyaka edlale imidlalo engama-25 kuleyo midlalo anqobe eli-11 ahlulwa kweli-14 nokuyinto engajwayelekile.
Konke lokhu kuguqukile njengoba ebuye ngezinkani kuyona yonke imidlalo ahlulwe emdlalweni owodwa. Lowo mdlalo kwakungowokuvula kweYoMhlaba, ahlulwa yiNew Zealand ngamaphuzu angama-23 kwali-13.
Yize ahlulwa kodwa lokho akuwathenanga amandla njengoba kwagcina kuba yiwo ompetha balo mqhudelwano owawubanjelwe eJapan. Okugqame kakhulu ukuthi uSiya Kolisi ube ngukaputeni wokuqala woHlanga ukuphakamisa iNdebe YoMhlaba eyaziwa ngokuthi iWebb Ellis.
Ngaphambi kokunqoba iNdebe YoMhlaba aqale ngokunqoba iRugby Championship ngoNcwaba. Lo mqhudelwano udlalwa amazwe amane aseningizimu yomhlaba okuyi- Australia, iNew Zealand, i-Argentina neNingizimu Afrika.
Ukwenza kahle kukaPercy Tau
UTau ononyaka owodwa ephesheya emva kokwenza ezibukwayo kuMamelodi Sundowns ngesizini yangowezi-2017/18. Ukuphindile lokho ephakamisa ifulegi lakuleli egijima eqenjini laseBelgium i-Union Saint Gilloise, udlale imidlalo engama-34 washaya amagoli ali-11 wakhanda ali-13. NgoMbasa ube eseqokwa njengomdlali ovelele kuligi ebizwa ngokuthi iProximus.
Njengoba uTau esabolekiswe yiqembu lase-England iBrighton & Hove Albion, uthathwe iClub Brugge yaseBelgium nalime indima enkulu kuyona ukuthi ikwazi ukudlala umqhudelwano omkhulu emhlabeni i-UEFA Champions League. IClub Brugge egijima kuBelgian Pro League iyona ezihola phambili kulogi.
Emva kwemidlalo eli-17 inamaphuzu angama-42, uTau udlale imidlalo eli- 13 washaya amagoli amabili wakhanda amathathu.
Unyaka omuhle weSpar Proteas
Leli qembu lakuleli leNetball unyaka wezi- 2019 alusoze lawulibala neze emladweni. Lingene emqhudelwaneni weNdebe YoMhlaba elingabhekiwe kangako, kodwa lakwazi ukuthi ligcine lilale endaweni yesine. NgoMfumfu nonyaka linqobe umqhudelwano i-Africa Netball Cup, okuwumqhudelwano okwakukhona kuwona iMalawi, i-Uganda, iLesotho, iTanzania kanyeKenya.
Emiklomelweni yakuleli iSouth Africa Awards iSpar Proteas, inqobe indondo enkulu yeTeam of the Year lapho yayiqhathwe ne-50 km Athletics kanye neSheep Shearing. Inhlangano emele iNetball kuleli nayo yanqoba indondo yeFederation of the Year, yona yayincintisana neGymanistics SA neRollers Sport SA. KweyoMhlaba umdlali wasemumva uKarla Pretorius waqokwa njengomdlali ovelele.
Ukungabuyi nandondo eDoha
Yize elakuleli laya emqhudelwaneni womhlaba obizwa ngokuthi i-International Association of Athletics Federations (IAAF) World Championships, kwakubhekwe okungenani nithole noma izindondo zamasiliva kodwa lutho.
Laya kulo mqhudelwano owawubanjelwe eDoha, eQatar ngaphandle kukaCaster Semenya noWayde van Wyk. Kwahluleka ngisho okuyibo ababethenjiwe uLuvo Mayonga owayevikela indodo yegolide, no-Akani Simbine ongumpetha webanga lama-100m koweCommonwealth Games
Bekungekhona okokuqala ukuthi iNingizimu Africa ingabuyi nandondo kulo mqhudelwano. Kwenzeka ngonyaka wezi- 2007 Ngesikhathi elakuleli liyingxenye yalemidlalo eyayibanjelwe e-Osaka, Japan.
Izigameko ezenzeke kukhilikithi
Emveni kokuphuma kweProteas kwiNdebe YoMhlaba zibekwa kulethe izinguquko eziningi kwikhilikithi yakuleli njengoba kuhlonzwe izikhundla ezintsha esomqondisi wekhilikithi ozongamela ikhilikithi yakuleli, esomqondisi weqembu okwanqokwa u-Enoch Nkwe. Labe selihambela e-India ukuyodlala imidlalo yochungechunge lapho lathola induku.
Kuphinde kwanomdonsiswano phakathi kwenhlangano ebhekele izimfuno zabadlali iSouth African Cricketers Association (SACA) neCricket South Africa baze bayisana enkantolo ngesizathu seCSA ukufuna ukuhlela kabusha ikhilikithi yakuleli idlalwe ngezifundazwe okuyinto ezoshiya abanye abadlali bengenamaqembu
Ukungabi khona kozinzo kulenhlangano kushiye abaxhasi bemanqika ngekusasa njengoba uze wakhetha ukuhoxa njenga baxhasi uStandard Bank. Lokhu kuza emveni kokumiswa kuka Corrie Van Zyl obeyibamba mqondisi wekhilikithi ngezinsolo zokungabakhokheli abadlali imali yokusetshenziswa kwezithombe zabo ekukhangiseni iMzansi Super League. Kuphinde kwamiswa isikhulu esiphezulu uThabang Moroe ngenxa yokungaziphathi kahle. Indawo yakhe ivalwe uJacques Faul njengebamba okuzosiza atakule lomkhumbi ozikayo.
Kulindeleke kuphinde kuqokwe uGreame Smith njengomqondisi kwekhilikithi. Bayobe sebebambisana ukuqoka umqondisi weProteas kanye nabaqoki babadlali beProteas.
INational Women’s League
IBanyana Banyana iqophe umlando nonyaka ingena okokuqala emidlalweni yeNdebe YoMhlaba ebisingethwe iFrance. Lokhu yakwenza ingenayo iligi yabesifazane ekhokhelayo. Kwaba umlando ngesikhathi kusungulwa iSouth African Football Association Women’s National League. Lokhu kubuyisa ithemba ekukhuleni kwalo mdlalo esigabeni sabesifazane . Le ligi yashayelwa izindla yiSAFA nawumqeqeshi weBanyana uDesiree Ellis ngoba izonika abadlali abasebancane ithuba lokuzibonakalisa bazibeke nasemathubeni okuyodlala phesheya kwezilwandle. Kulindeleke nabaqeqeshi maqembu esizwe baqoke kuyo leligi abadlali.
Izinguquko kwiMDC.
IMultichoice Diski Challenge ivundulule amakhono nakulo nyaka. Yenze izinguquko ezimbili, okuwukuthi imidlalo isizoba ngama-30 ezodlalwa iqembu ngalinye eminyakeni edlule iqembu belidlala imidlalo eli-15. Olunye uguquko olushiye abantu abaningi bekhala ukuthi kuthiwe abadlali asebezodlala le ligi abaneminyaka engaphansi kwengama-21, eminyakeni edlule bekudlala noba ubani.
Iqembu noma iliphi bedlalisa umdlali walo okade elizwa ngendaba ijezi eqenjini elikhulu, abanye babadlali akade bedlale kuMDC uBrilliant Khuzwayo owayengunozinti weKaizer Chiefs uNduduzo Sibiya weLamontville Golden Arrows nabanye abaningi.
Iqembu lakuleli eliya eToyko
Elakuleli labaneminyaka engaphansi kwengama-23 bekumele libalwe namaqembu amathathu abeyingxenye ye-African Cup of Nation (AFCON) ebise- Egypt ngoLwezi, ukuze lizokwazi ukuya eTokyo ngonyaka ozayo lapho kuzobe kusingethwe khona umqhudelwano we-Olympics. Yize lawuqala kanzima leli qembu umqhudelwano we-AFCON, njengoba amaqembu ayala ukhasha nabadlali kodwa lakwazi ukuzibekela indawo eToyko.
AMaglug-glug aqede endaweni yesithathu emva kokuhlula iGhana ngamagoli ayisi-6 kwamahlanu sekukhahlelwa amaphenathi.