UMkhumbane uyohlala uyinqolobane yomlando


UMnu u-Alfred Nokwe owayenomuzi esigcemeni kwa E emgwaqeni uMnyamana, KwaMashu, enyakatho yeTheku, wayeyinqolobane yomlando waseMkhumbane. Ubaba uNokwe njengoba wayebizwa kanjalo wayengazalelwanga eMkhumbane kodwa wayekhulele khona, ezalelwe ePort St Johns, e-Eastern Cape. Akasekho ubaba uNokwe emhlabeni kodwa washiya eqophe izinto eziningi ngoMkhumbane. Uthi ngaphambi kokuba leya ndawo engamakhilomitha ama-5 kusuke enkabeni yedolobha iTheku, yaziwe ngeCato Manor wawungaphansi koBukhosi baKwaNgcobo (amaQadi) kukhona abantu baKwaCele, abaKwaNqondo,abaKwaNtuli, abaKwaMakhaya ababakhe khona.
Yayibizwa ngokuthi kuseMkhumbane ngenxa yomfula uMkhumbane, ogeleza khona. UMnu uGeorge Christopher Cato, waba yiMeya yokuqala yoMkhandludolobha iTheku ngonyaka we-1843. UMkhandlu weTheku wanika uMnu uCato indawo phesheya komfula uMkhumbane, umbonga ngemisebenzi eyenzele izakhamuzi zaseThekwini. Kusukela ngeminyaka ye-1860, leya ndawo eyayisibizwa ngeCato Manor, yadatshulwa iziqeshana, yanikwa abahwebi boMdabu baseNdiya, ababetshala izithelo nemifino ukuze bakudayise. AboMdabu baseNdiya babefike ngenyanga kaLwezi ngowe-1860, befike ngomkhumbi iTruro bezotshala umoba KwaNkosibomvu (oThongathi).
AboMdabu baseNdiya babe ngabahwebi ekuhambeni kwesikhathi, banikwa indawo eMkhumbane ngoba babekhonze ukutshala. AMaNdiya yiwona ayenikwa amatayitela eMkhumbane nedlanzana laboHllanga. Ngemuva kwempi yesibili yomhlaba lathuthuka iTheku, zanda nezimboni, bababaningi abantu abafudukela kuleli dolobha. eMkhumbane kwakuhlala aboHlanga namaNdiya kuyisidlidli semijondolo. Izinga lempilo laliphansi kakhulu, izingane zazifa zisencane ngenxa yezifo nemitholampilo ingekho. Abantu baseMkhubane ikakhulukazi abesifazane babeziphilisa ngokugaya utshwala babudayise. Ngonyaka wezo- 1948 ngesikhathi kuthatha izintambo uHulumeni wamaNeshinali (iNational Party), isibalo saboHlanga naMaNdiya eMkhumbane sabe sesifinyelele kwizi-30 000.
Ngoba aboHlanga namaNdiya babehlala ngokuzwana eMkhumbane, uHulumeni wamaNeshinali wafaka isandla esinoboya, wabaxova. Lokhu kufakazelwa wuqweqwe lommeli ongasekho, uMnu u-Ishmail Meer. Indaba isuke ngomhla zili-13 kuMasingana. Umfana uDerick Madondo wayephusha isigadla kuGrey Street (osubizwa ngoYusuf Dadoo) manje iNdiya lamdonsa lo mfana lamphosa esitolo wasikwa ngamawindi, walimala kanzima.
INdiya lathi wayentshontsha. AboHlanga bathukuthela kabi, baqala bahlasela amaNdiya, impi yasakazeka uMkhumbane wonke, neTheku lonke kusocogwa aboMdabu baseNdiya.
Abaphathi beTheku bacela iSilo uBhusha (INgonyama uBhekuzulu Cyprian kaSolomon) ukuthi akazobhula umlilo eThekwini kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. ISilo sasihamba ngemoto, simemeza ngombhobho, sikhuza aboHlanga ababeshaya bedlwengula amaNdiya, kodwa lutho ukuzwa abantu baqhubeka bahlasela amaNdiya. Abantu baseMkhumbane babakhombisa ukuvuthwa kupolitiki futhi bayilandela. Uma kunemikhankaso kaKhongolose kuZwelonke, abantu baseMkhumbane babeyeseka ngendlela eyisimanga. Amadoda ayephuza utshwala eMatsheni enkabeni yedolobha iTheku, engayingeni indaba yomzabalazo. Abafazi nezishoshovu zomzabalazo zakha icebo. Bahlela ukuthi bagasele eMatsheni nakwaLuhhohho lapho abantu babephuza khona utshwala babathele induku.
Kwasuka isidumo esinamathambo abantu beshaywa lapho babephuza khona utshwala. UMnu uSighart Bourquin, owayephethe izindaba zaboHlanga ngaleso sikhathi, waxhumana noMntwana uPhika kaSitheku Zulu owayengumsizi wakhe bathi utshwala besiNtu abugaywe inkampani, bufakwe ezintweni ezihloniphekile. Ngonyaka we-1954 ngesikhathi kunoMthetho iGroup Areas Act, indawo yaseCato Manor wahlonzwa njengeyaba mhlophe. AboHlanga bathengelwa indawo eyayizimoba zikaSir Marshall Campbell (uMashu) bakhelwa izindlu khona abanye bathuthelwa phesheya komfula uMlaza (eMlazi).
Abantu bokuqala ukususwa eMkhumbane kwakunguNdasa ngowezi-1958. Abantu babefuna izeluleko zomthetho ngoba abanye basebakhe izindlu ezinkulu ngesikhathi bephoqwa ukuthi basuke eMkhumbane. Abantu babulala amaphoyisa ayisi-9 ayebasusa ngenkani. INkosi u-Albert Luthuli yayingapheli eMkhumbane iqhuba izinhlelo ze-ANC khona. Umjondolo wokugcina ukudilizwa eMkhumbane waba ngomhla zingama-31 kuNcwaba ngowe-1964.
AboHlanga namaNdiya ababehlala eTwo Sticks, KwaMjafethe, eCabazini, eziMangweni, basuswa. AmaNdiya athuhelwa eChartsworth nasePhoenix enyakatho yeTheku. Abantu abasuswa eMkhumbane uHulumeni wamanje uyabanxephezela. Ngeminyaka ye-1990 abantu babuyele eMkhumbane ngoba kwasungulwa izinhlangano ezazilwela ukuthi babuyiswe khona iCato Manor Residents Association.
Ngonyaka wezi-2002 kwakhiwa isibhedlela iNkosi Albert Luthuli Central eMkhumbane. Kufakwe izinhlelo zentuthuko ezicele ezigidini ezingama-200 eMkhumbane. Khona nesigcinamagugu esisezingeni lomhlaba njengoba kutshalwe kabusha iNdlovukazi uThomozile Jezangani Emelda MaNdwandwe Zulu ezala iSILO esibusayo njengamanje. UMnu uKofi Annan usenguNobhala we-United Nations wethula ngokusemthethweni iCato Manor Peace Festival.