Iphutha ukuthi uDingane wathi ‘Bulalani abathakathi’
Aphinde futhi loyo muntu ethule uSigonyela nezinkomo zakoMkhulu. Kodwa bavumelana bonke ukuthi ngeke bamnike uDingane izibhamu zikaSigonyela ngoba zazingahlangananga naloku okwakufanele bakubuyisele emuva.
Bagcina bebambe umhlangano ngomhla zili-16 kuMasingana ngowe-1838, ethendeni likaRetief wokuthatha isinqumo samanqamu ngalendaba. Igwala elalinya amanzi uGert Maritz wathi mabangayikokhonza, futhi uDingane anganikwa zibhamu, ukudla nezinkomo lezo, bese benza uSigonyela isigqila sabo.
Akekho owavumelana naye. Baphinde baphikisana isikhathi eside futhi kodwa bagcine bevumelene ukuthi angeke bamhambise uSigonyela kuDingane ngoba wabathembisa udukathole womhlaba.
Bavumelana nanokuthi babezodla izinkomo eziningi zakhe uDingane. Kwagcina sekuzinikele amadoda cishe ayengama-70 ayenesibindi sokuyobhekana noDingane, phakathi kwabo kwakhona nendodana kaRetief, nayo yayibizwa ngoPiet (Pietjnr), indodana kaMagdalena, u-Abraham Greyling, uBarend Liebenburg, uPiet Meyer, uJan Robertssen, uHercules Malan kanye nabebala ababengama-40. Baya esigodlweni ngomhla zingama-25 kuMasingana ngowe-1838.
Kodwa ngaphambi kokuba bahambe, u-Erasmus Smit wahola umthandazo wezibusiso entathakusa ethendeni likaRetief Baklabalasa behuba amahubo asekuseni elesine nelesithupha. Kwakushubile lapho babekanise khona, badubula emoyeni sebephuma.
URetief yena waze wabhakuzisa ithende likaMaritz wamemeza wathi: ‘Sala vaka ndini’, (tot siens, bang broek), bagqabashiye baze bayosithela. UMaritz wayekusaba kabi ukufa akazange aye nokothandaza, wazifi hla ethendeni lakhe. ORetief bafi nyelela koMkhulu emuva kwezinsuku ezaziyishumi ngomhla ziyi-3 kuNhlolanja lapho banika uDingane izinkomo ezazingama-300 kuphela futhi kungekho naSigonyela lowo.
Wathelwa ngamanzi uDingane ebabona behlome kakhulu kodwa bephethe idlanzana lezinkomo engekho noSigonyela. Kodwa wenza sengathi uyabakholwa ukuthi kazange bamthole uSigonyela, kanti wayesungula icebo lokubazuma. Wabavumela ukuba bakhonze wabenzela nomcimbi, bajutshwa ukungabuyeli eDoornkop okwesikhashana. Bavuma.
Kwaqhutshekwa kwasina kwagiya imihla nezolo. Bahlaliswa eduzane nasesigodlweni, kulapho uRetief washo khona ukuthi uDingane wamnika izwe elibanzi embonga ngokubuyisa izinkomo ezabe zebiwe.
Ngomhla ziyi-5 kuNhlolanja amaBhunu aveza ukungcola kwawo, abonakala elunguza imidlunkulu yeSilo ebusuku. Into yokuqala eyayaziswa uwowonke umuntu wokufi ka KwaZulu, nangaphambi kokuba atshelwe ngamacala entambo noMthethosisekelo wakwaZulu, kwakunguthi angalokothi aye kuleyo ngxenye yesigodlo.
Leyo ngxenye yesigodlo kwakungeyokuthokozisa amehlo eSilo sodwa. Bawabhaqa lamaBhunu ezungeza iSigodlo begibele amahhashi, becingana nentuba yokungena kuleyo ndawo yesigodlo.
UHalstead, owayengumhumushi wawo wathi babefunana amahhashi abo ayelahlekile, yize kwakuphakathi kwamabili. lqiniso kwakungukuthi amaBhunu ayekhanuka imidlunkulu eyayiyinhle ngoba phela ayengezanga nesifazane sawo.
UHalstead waseluleka abangani bakhe ukuba beqe ekuseni ngoba izimpilo zabo zazisengcupheni.
Loku kucishe baphumelele ukungena kwabo, lwabikelwa uDingane ekuseni mhla ziyi-6 kuNhlolanja sathelwa ngamanzi, ayesezimbele ithuna. UNdlela noNzobo bababophela amanqina enyathi, uDingane wavumelana nabo. Kwathi ezovalelisa kuDingane kwathiwa ayongena enkundleni yasesigodlweni ngoba kwakunomcimbi wokuwavalelisa. Bavuma ukushiya amahhashi, imithwalo, izikhwama, nokunye nje kwabo, izihlalo zamahhashi, kanye nezibhamu esangweni lesigodlo.
Ekhungathekile amaBhunu ebuka imidlunkulu eyayigqoke ikhakhazile, bagixatshezwa ngenyama eningi nangemiphongolo yotshwala, baphuza impela
Bathatheka ukuhuba kaThulwana neHlaba ayeholwa nguMntwana uCetshwayo. Ayehuba elempi:
Yiya, yiya, yiya
Muntu wami KwaZulu
Babezithela obishini
Muntu wami KwaZulu
Abafokozana babethi kayikungena eNgome
Wangena nawe Nhlanganiso
Wawuphika inkani ukuthi
Kayryikuwushisa uMhlahlandlela
Awusekho, awusekho
Heyaye, heyaye
Muntu wami KwaZulu
Wangena, wakhuza
Iwawa,
Mbo
Igama ayelilindele egoseni kwabe kungu ‘iwawa’ bese ayavuma athi, ‘mbo’ okwabe sekungukuwahlasela, enenkanuko futhi edakwe nokudakwa. Awadumela, ase ewadonsela ngaphandle ngoba kakuvunyelwe ukuchitha igazi phakathi esigodlweni. Ezincengela wamemeza kakhulu uHalstead esedonselwa phandle wathi: ‘Lalelani, ngidedeleni bo, ngifuna ukukhuluma nenkosi …’ kodwa bamshaya indiva, naye bamphihliza ngesagila waze wafa. Ukuthi uDingane wathi: ‘Bulalani abathakathi’ yinto engekho. URetief namaBhunu ayengama-71, izinceku zabaThwa ezazingama-30 nezigqila zabantu inani lawo lingaziwa babulawela eweni likaMatiwane. Amagama amaBhunu abhalwe etsheni lesikhumbuzo elilapho: UPiet Retief, u-Abraham Greyling (indodana kaMagadalena), uM Oosthuijzen, uJ Oosthuijzen Mzn, uPiet Retief (Jnr) (indodana kaPiet), uD Liebenberg, uK Oosthuijzen, uK Opperman, uD Auckamp, uW Easson, uC De Beer, uC De Beer, uJ De Beer, uM De Beer, uS De Beer, uBVD Berg, uPVD Berg, uPVD Bergjzn, uJ Beukes Czn, uJ Botha, uC Bothma, uC Bothma Lzn, uJ Brede, uB Klapper, uL Klapper, uF Laubschagne,u H Malan, u]VD Merwe, uF Pretorius, uM Pretorius Mzn, uM Pretoriusjnr, uJ Robberts, uG Scheepers, uS Scheepers, uS Smit, uG Visage, uJ De Wetjzn, uP Meyer, uB Liebenberg, uP Breed, uP Breedjzn, uC Breijtenbach, uL Klaassen, uP Cilliers, u-A Van Dijk, uM Estherhuijzen, uS Estherhuijzen, uH Fourie, uR Grabbler, uJ Hattingh, uT Holstead, uJ Hugo Pzn, uJ Jooste, uP Jordaan, u-A De Klerk, uJ De Klerkjzn, uJ De Klerk, uG Klapper, uP Klapper, uH Labuschagne Snr, uB Oosthuizen, uJ Opperman, uJ Pretorius, uM Pretoriusjzn, u-I Robberts, uP van Schalkwijk, uJ Scheepers Fzn, uM Scheepers Szn, uM Taute, uS van Vuuren, uH de Wet Pzn noC Mare.
Amathambo kaRetief atholakala eduzane nebhodlela lakhe elalinophawu lwamaFreemason. Leli bhodlela yilona elenza ukuba kuthiwe uRetief wayeyilungu laleli qembu lemfi hlo. URetief wansondo wafa edakiwe, washiya umkakhe uMagdalena enguphuya waseMshwathi. Owagcina esehlala ngasePotchefstroom ebuswezi ezama ukuncenga impilo ngokuthengisa amakoeksusters, okusamagwinya amaBhunu anoshukela. Wafa ezisola ukuthi wayeboneni kule sehluleki esasinolimi olubushelelezi esinguRetief isigebengu soqobo. lbhoxongwane uWilliam Wood lalikhona eMgungundlovu kubhujiswa amaBhunu. Laphonseka lagibela unqenqema laze lafi ka emzini ka-Owen elamfi ca efunda iBhayibheli ayengazi namlando owawuqhubeka eduzane naye.
Kwase kungena amamishinali ase-United States of America okwakunguHenry Venables noJames Brownlee abafi ca u-Owen ethikamezekile. Wathi u-Owen uma ebheka ngezipopolo zakhe, wabona amaBhunu ayebulewe, wathi nsansanana. Kwathi lapho amaMelika ezama ukumvusa, kwafi ka umbiko kaDingane wokuthi impilo yabo iphephile. Kodwa abamkholwa ngoba emuva kwezinsuku ezintathu bonke babalekela kwabanye abelungu eSibubulungu. Namanye amamishinali ayesekade ashiya imishini yawo kwaKhangela ngoba ayengaboni ngaliso linye namaZulu ayecabanga ukuthi angahle asindiswe ngemikhuba kaNkulunkulu wabamhlophe.