Siqhubeka nezingwazi zeTheku negalelo kuJazz


Ngesonto eledlule sikhe phezulu amaciko eTheku abe nomnikelo omkhulu emculweni ijazz eNingizimu Afrika. Nakuleli sonto sikwethulela ezinye izingwazi ezibambe elikhulu iqhaza kulo mculo.
UNonhlanhla Wanda UNks uNonhlanhla Wanda uzalwa eChesterville emndenini wabantu ababekhonze umculo kanti ijazz yabe iyingxenye ebalulekile yomculo akhulela phansi kwawo. Esikoleni wayekhonze ukuculela abangane bakhe kwathi kamuva wethulwa kumdlali wopiyano uMnu uHlakanya owayedlalela izivakashi ehhotela uMhlanga lapho naye uNonhlanhla aqala khona ukucula akhokhelwe njalo uma kungamaSonto. Ngowe-1991 uNonhlanhla wazihlanganisa nePeace Train kaSharon Katz ongowokudabuka eBhayi. Inhloso kwakuwukugqugquzela ukuthula kusetshenziswa amaphimbo ekhwaya lezingane eziqhamuka emasikweni nasemiphakathini eyehlukene. Leli khwaya lazungeza i-United States of America nezwe lwakwa-Israel ngowe-1991. Ngayo iminyaka ye-1990 uNonhlanhla wazihlanganisa ne-African Jazz Connection ne-IVA. Ngowezi-2005 bethula i-albhamu abayibiza nge-Africa abazithwalela izindleko zayo.
Kulo nyaka wezi-2019 uNonhlanhla noSharon baqeda iminyaka engama-25 besebenza ndawonye futhi bezungeza amazwe ngomculo. Ekuqaleni kwalo nyaka babe namakhonsathi omculo eThekwini, eGoli naseCape Town. Baphinde bavakashela e-USA, eCuba naseMexico lapho bacula khona nezingane eSan Diego naseTijuana eMexico. Kubaculi abavelele uNonhlanhla aseke waqopha nabo kukhona uSting, uTina Turner, uSir Elton John, uDolly Rathebe u-Abigail Kubheka neLadysmith Black Mambazo.
UMelvin Peters
UMelvin Peters ongumdlali wopiyano wazalelwa eThekwini ngonyaka we-1963. Wagibela okokuqala esteji eneminyaka eyi-14. Wafunda umculo eNyuvesi yaseNatal ngaphansi kukaDarius Brubeck lapho aphothula khona iziqu zeBachelor of Arts nezeMasters kuJazz Performance. UMelvin wabe eseyofundisa ijazz e-University of Durban Westville, eyaseNatal neyasePretoria. Ngonyaka we-1998 uMelvin wathola umfundaze owamwelisela eHavard University kwathi ngowezi-2000 wavotelwa njengeSouth African Jazz Artist of the Year. Kubaculi abavelele asebenze nabo kubalwa oWinston Mankunku Ngozi, uBarney Rachabane, uDuke Makasi, uThandi Klaasen, u-Eve Boswell noGloria Bosman. Kuma-albhamu asewaqophile kubalwa iJazzanians; iCounterculture, iThe Melvin Peters Trio neWorld Leaders. UMelvin ungumqondisi womculo esontweni iSt Pauls eThekwini.
UMageshen Naidoo
UMageshen Naidoo uzalwa eThekwini kanti umculo ayewukhonze ekhula kwakuyigospel, iblues, ifunk nefussion. Ngowe-1997 wangenela izifundo zomculo e-Nyuvesi yakwaZulu-Natal lapho azuza khona iziqu zeBA neMasters emculweni wadslula lapho wayozithuthukisa e-University of Southern Carlifonia eLos Angeles. Wazakhela ibhendi yakhe eyajikeleza amazwe ngokubambisana neMosaic neSekunjalo ebe eqhubeka nezifundo ezweni iSweden. Wabamba iworkshop eRoyal Academy of Music eLondon esebenza ngokubambisana futhi ne-International neSouth African Association of Jazz Educators. Ngowezi-2001 uMageshen waklonyeliswa ngeFulbright Scholarship for postgraduate studies wakwazi ukubhalisela izifundo zobudokotela emculweni ezazihlanganisa ukuqopha umculo wamafilimu nokusebenza komqondo ekufundiseni umculo. EseLos Angeles uMageshen waqopha umculo wengqayi kaSteven Spielberg estudiyo sakhe uSpielberg. Umsebenzi agcinwe ewenza owokuba umfundisi ophezulu womculu eNyuvesi iKwaZulu-Natal noMqondisi wesikhashana weCentre of Jazz and Popular Music.
USimon Kedarchi
USimon Kerdachi odlule emhlabeni ngowezi-2014 wazifundisa yena ukudlala upiyano waqala ukuludlala eneminyaka eyi-15. Wabe esenza iclassical, ijazz nepopular piano nokuguqugula indlela adlala ngayo nemigomo ehambisana nokushintshashintsha izwi uma umuntu ecula. Lapha wayeqeqeshwa ngaphansi kwesandla sikaLen Cohin noJohn Mehegan. Ngowe-1972 uSimon wasungula iSimon Kerdachi Academy of Music khona lapho ehambisana nezinkhakha zomculo ezifana noGeorge Hayden, uBrian Thusi, u-Eve Boswell, uJudy Page noBasil Metaxas. Enye yamakhonsathi kaSimon yayiqhubeka yena elandisa abantu ngomlando wejazz piano. Kunamuhla uSimon usaqhubeka ufundisa umculo, uqamba izingoma aphinde awuhlele umculo. Waqondisa umculo emdlalweni waphesheya kwezilwandle obizwa ngeGuys and Dolls.
Ulwazi luhunyushwe lususelwa encwadini: iJazz, Blues & Swing: Six Decades of Music in South Africa