Now Reading
Ihlomele ehlathini eka-Advocate uMkhwebane
Dark Light

Ihlomele ehlathini eka-Advocate uMkhwebane

Abeveva njengamalakazane amalungu ezinhlangano ezingekho ngaphansi kukaHulumeni, ngesikhathi ehlangene noMvikeli WoMphakathi, u-Adv uBusisiwe Mkhwebane, eThekwini, ngoLwesithathu.

Izinhlangano lezi yizona ebezimeme u-Adv uMkhwebane, zithi zizomqinisa idolo ngoba abaphethe kuHulumeni bahlose ukumenza isilo sengubo. Bathi ngeke bathule babukele iHhovisi elenza umsebenzi omkhulu kangaka ezweni libukelwe phansi.

Phakathi kwalezi zinhlangano, bekukhona abemboni yamatekisi, ezabaholi bezeNkolo, ezamalungelo abantu, ezepolitiki okuyiBlack First, Land First (BLF), i-African Transfomation Movement (ATM), iholwa nguMengameli wayo uMnu uSabelo Zungula oyilungu lePhalamende, ne-African People’s Convention (APC), iholwa nguMnu uThemba Godi. Bekukhona noMnu uMayibuye Mandela, ongumzukulu kaMengameli wokuqala wedemokhrasi kuleli, uMnu uNelson Mandela.

Balibeke ngembaba elokuthi bayofa lapho efa khona u-Adv uMkhwebane ngoba uhlukunyezelwa ukwenza umsebenzi wakhe ngobuqotho futhi ukhuthele.

UMvikeli WoMphakathi, uphenya ngemali okuthiwa yakhishelwa ukukhankasela uMengameli uCyril Ramaphosa ebanga isikhundla sokuhola i-African National Congress (ANC) engqungqutheleni eyayiseNasrec, ngoZibandlela wezi-2017.

IHhovisi loMvikeli WoMphakathi, laqala uphenyo ngamabhange ahlangana abumba i-Amalgamated Banks of Southern Africa (ABSA). Laliphenya ngemibiko yokuthi la mabhange ayethola uxhaso kuHulumeni wobandlululo.

Ngemuva kokuqala lolo phenyo u-Adv uMkhwebane, wafakwa eNkantolo. Kwagcina sekuthiwa akakhiphe izi-R900 000 wezindleko zecala ngoba uphenyo walusingatha budedengu.

See Also

“Uma bembopha siyongena naye ejele. Uma bembulala siyongena naye egodini. Sesisungule isikhwama sokukhokhela u-Adv uMkhwebane imali okuthiwa akayikhokhe. Umuntu ngamunye (othandayo) angakhipha okungenani i-R10 elizongena esikhwameni.

“Umuntu onecala nguNgqongqoshe Wezezimboni ZikaHulumeni, uMnu uPravin Gordhan okunguyena olwa noMvikeli WoMphakathi. Yena lo Gordhan wakhona, usebhodini abuye abe nguMqondisi ezinkampanini eziningi nasemabhange,” kushwabula uMnu uThabo Mtsweni, oweseka u-Adv uMkhwebane.

Abanikazi bamatekisi ahamba amabanga amade, bathe uma izikhulu ezithile zikaHulumeni ziqhubeka zihlukumeza uMvikeli WoMphakathi, bazovala zonke izintuba ezingena neziphuma eKing Shaka International Airport, bavale naseMtateni.

Scroll To Top