UNgqongqoshe ujube uphenyo embuthweni wezokuvikela
Lelo nalelo lizwe uma lithumela amasosha ezindaweni ezigubuzelwe izinxushunxushu lisuke linezinhloso ezinhle zokudala ukuthula nokubuyisa uzinzo lapho kusuke kunezinkinga khona.
Kwenzeka okwehlukile embuthweni wezokuvikela eNingizimu Afrika njengoba kubikwa ukuthi amasosha akuleli athunyelwa emazweni angaphandle afike ahlukumeze ngokocansi ozakwabo besifazane kugcina sekuqhululwa izingane esikhundleni sokuqhuba umsebenzi wezempi nokuvikela.
UNgqongqoshe Wezokuvikela Nezingwevu Zezempi uNkk uNosiviwe Mapisa-Nqakula usekhiphe isexwayiso esishubile esibhekise emasosheni atshalwe ngaphandle kwakuleli ukuba apheze ukwenza lokhu.
UNgqongqoshe kuthiwa ubekhuluma esithangamini sezokuxhumana embuthweni wezokuvikela esihlanganisa osigaxamabhande ukuthi uphoxekile ngezinga eliphezulu lezigameko zocansi ezithinta amasosha akuleli asemazweni angaphandle.
Kulesi sithangami bekukhona uphiko lwamasosha asemoyeni iSA Air Force, olwasolwandle iSA Navy, iSA Army, neSA Military Health Service.
Ngokusho kwesitatimende seHhovisi likaNgqongqoshe, iNingizimu Afrika ikleliswe phezulu ohlwini lwamazwe anamasosha asezinhlakeni ze-United Nations (UN) zokudala ukuthula anezigameko eziningi ezibikwayo zocansi.
Uthi kunombiko wokuthi amasosha alapha anezingane eziningi ezitholakala ngaphandle lapho esuke etshalwe khona ngaphansi kohlelo lwe-United Nations.
“Lesi simo siyasikhathaza kakhulu sisho nokuthi kumele sibuyekeze indlela esisebenza ngayo kanjalo ne- UN ibheke ukuthi sisenza ngakho yini. Lokhu kusibeka esimweni esingesihle nokuthi kumele kube ngamasosha ethu ahoxiswayo njengoba kwavela ngesikhathi kune-United Nations Organization Stabilization Mission in the Democratic Republic of the Congo, neForce Intervention Brigade,” kusho uNgqongqoshe.
Zonke lezi zindawo ziphume ngesikhathi kuhlangene umbutho wezokuvikela ekomkhulu leSA Military Healthy Service (SAMHS) Training Formation, ePitoli. Uthe usezwile nokuthi leli chilo alikho kuphela ngaphandle kodwa nangaphakathi embuthweni.
“Sengithathe isinqumo sokuqala uphenyo, olungase lufane nekhomishini oluzosingathwa ngabantu abaqhamuka ngaphandle ngalesi sihlava.”
Uthi uthathe isinqumo sokucela abantu bangaphandle ngoba engakholwa ukuthi osigaxamabhande bangaphakathi embuthweni bazokwazi ukumnika umbiko ozomgculisa ngoba bebazi ngalezi zehlakalo kodwa bethule.
Eqhuba uthi izikhulu eziphezulu embuthweni wezokuvikela nabasophikweni lwezobunhloli bekumele engabe bakwazile ukuthola ngalokhu babikele ihhovisi lami noma iNhloko yombutho wezokuvikela.
UNgqongqoshe uthe ulindele ukubambisana nophenyo kubona bonke abathintekayo.