Now Reading
Amahalanjonjo kaHulumeni wakwaZulu
Dark Light

Amahalanjonjo kaHulumeni wakwaZulu

Ngonyaka we-1972 kwasugulwa uMaziphathe waKwaZulu uhambisana nesiShayamthetho (KwaZulu Legislative Assembly). UHulumeni wobandlululo wawukhuthaza oHulumeni bezabelo ukuthi bathathe “ozimele geqe”.

Isifunda saKwaZulu sashaya phansi ngonyawo, siholwa nguMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, sathi ngeke sona sithathe u”zimele geqe”. Sancamela ukuthi sihlale sibe nguMaziphathe.

INkosi uButhelezi yayikhethwe ngaMakhosi ukuthi kube yiyona ehola uMaziphathe waKwaZulu. Ekuhambeni kwesikhathi iTranskei, iCiskei, iBophuthatswana neVenda bawuthatha “uzimele geqe.”

Imihlangano yayibanjelwa KwaNongoma, emaHhovisi eNxusa Jikelele uMnu uHenry Torlage. Kulawo maHhovisi sekusesigodlweni KwaLinduzulu. ISishayamthetho saKwaZulu sokuqala sasakhiwe ngaMakhosi noma abantu abamele izifunda zaMakhosi. KuKhabhinethi yokuqala iSILO sasikhona njengelungu. UMntwana uMcwayizeni Israel kaSolomon, owakede ebambele iSILO isihlalo naye wayekhona kuleso sigungu. UMntwana waKwaPhindangene nguyena owakhethwa waba nguSihlalo weKwaZulu Legislative Assembly yokuqala.

INkosi uMntwana u-Owen S’gidisabathembu Lancelort “Mabulal’ehleka” Sithole waba nguMphathiswa wokuqala Wezolimo NamaHlathi. Wayephethe isizwe saKwaSithole, eMhlumayo, eMnambithi ezalwa yiNkosi uBhande kaS’bankwa Sithole nenkosazana yaseNdlunkulu kaZulu (eNdlini yaseMatheni). INkosi uSithole yayinguthisha ngokwemfundo yenze nezifundo ezahlukene zezolimo. Kunekolishi lezolimo eMpangeni eliqanjwe ngayo iNkosi u-Owen Sithole.

INkosi u-Everson Thobigunya Xolo yasogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal waba nguMphathiswa Wezemisebenzi Yomphakathi. Isizwe eyesiphethe sasisuka ezansi neSayidi siyoshaya eZinqoleni. INkosi uXolo yayifunde esikoleni sezingane zaMakhosi, eBhekuzulu College, KwaNongoma. Kunomgwaqo Olundi oqanjwe ngeNkosi uXolo. INkosi uXolo yashonela esibhedlela eThekwini, isiyilungu lePhalamende kuZwelonke imele i-African National Congress (ANC). Ishona nje iNkosi uXolo ibinezibazi zokudutshulwa umzimba wonke, ithi yayidutshulwa ngabantu beNkatha, abakhe endaweni yayo.

Kwakukhona esinye isigagayi kuyona le Khabhinethi, uMnu uBarney Dladla. UDladla waqala engusomabhizinisi eMtshezi. Wenziwa waba nguMphathiswa Wezangaphakathi, egxile ezintweni ezithinta izisebenzi. Wayenelinye ikhanda umnumzane uDladla lona.

Kwasuka iziteleka KwaMagenqe (Corobrick) eThekwini ngonyaka we-1973. INkosi uButhelezi yayingekho ngaleso sikhathi iphesheya kwezilwandle. UNkk. uHelen Suzman noMnu. uColin Eglin ababengamalibherali, baxhumana neNkosi uButhelezi bethi ayibuye phesheya izobhula umlilo weziteleka ezazikhungethe izwe.

UMnu. uDladla waphumela obala wazeseka izisebenzi ezazitelekile. Wagcina eshiyile eSishayamthetho, akahambanga kusekuhle. Isizathu salokho ukuthi waphumela obala weseka iziteleka.

Esikhundleni sakhe uMnu uDladla kwaqokwa uMnu. Steven Sithebe, waseMhlumayo, eMnambithi ukuthi abe nguMphathiswa Wezangaphakathi.

Kuso leso sigungu sokuqala sango we-1972 kwakukhona uMhlonishwa uJames Nxumalo (hhayi lona obeyiMeya yeTheku). Wayephathiswe Ezemfundo. UZwide unikwe lesi sikhundla esemdala kodwa enolwazi olunzulu kwezemfundo. Kunesikole phesheya komfula uNolele, eMfolozi, eMahlabathini, esiseqophelweni eliphezulu esiqanjwe ngaye uMkhatshwa.

UMhlonishwa uWalter Khanyi, waseKhenana, waKwaNongoma waqokwa waba nguMphathiswa Wezomthetho. Lo Mnyango yiwona owawubhekele futhi izindaba zabaholi boMdabu.

Laba baholi babengamalungu eNkatha yeNkululeko yeSizwe, egcine isiyi-Inkatha Freedom Party (IFP) kusukela ngowe-1990. Leli qembu lethulwa ngokusemthethweni mhla zingama-21 kuNdasa ngowe-1975, eMishini yamaSheshi, eMthinemide (KwaMagwaza noma KwaNzimela). UMbhishobhi u-Alpheus Zulu noCannon Phillip Mbatha (uShayikhanda) noSolwazi uS’busiso Mandlenkosi Ernest Bhengu, babesekhaleni kusungulwa iNkatha.

Sihambile isikhathi abaholi laba bathatha umhlalaphansi, abanye bedlula emhlabeni behlatshwe ukugula. Kuqhamuke uDkt. Oscar Dumisani (OD) Dhlomo esuka kuNatal Workshop for African Advancement (NWAA) eyayi noMnu. uSteve Bantu Biko noMfundisi uBarney Pityana abagcina sebesungule iBlack People’s Convention (BPC).

UDkt Dhlomo, wayefundisa eNyuvesi yaKwaZulu (Ongoye) kanti walethwa nguSolwazi uS’busiso Bhengu esigungwini esikhulu seNkatha yena esehamba eya eGeneva.

UDkt uDhlomo wagcina esenguNobhala Jikelele weNkatha, ethatha isikhundla esasishiywe nguSolwazi uBhengu. Waqokwa waba nguNgqongqoshe Wezemfundo KwaZulu. Waletha isifundo “uBuntu- Botho” ezikoleni. Engcwatshwa ePitela, eMbumbulu, iNkosi uButhelezi yathi iNkatha ayikakaze imthole uNobhala Jikelele owedlula uDinangwe. Ushiye kwezombangazwe ngowe-1990, wangena emabhizinisini.

See Also

Kulandwe uDkt Frank Themba Mdlalose eMnambithi wafakwa esigungwini seNkatha naseSishayamthetho saKwaZulu. Uphathiswe Ezempilo waba nguNgqongqoshe ongenaMnyango futhi ekuhambeni kwesikhathi.

Uke waqokwa uDkt uMdlalose waba nguSihlalo kaZwelonke weNkatha. Nguyena owaba nguNdunankulu wokuqala waKwaZulu-Natal ngowe-1994. UDkt. uMdlalose wayefunda eNyuvesi iFort Hare noMntwana waKwaPhindangene.

UMfundisi Celani Jeffrey “CJ” Mtetwa ngomunye wongqondongqondo beSishayamthetho saKwaZulu. Ulandwe eMsinga esizweni saKwaMajozi (abasemaQamini), lapho ayengumeluleki wesizwe nosomabhizinisi khona.

Bekuthunywa yena u“CJ” uma kunezinto ezibucayi KwaZulu ngoba ubeyisethenjwa. Ubevama ukuphelekezela uMntwana waKwaPhindangene uma eba nomhlangano noHulumeni omkhulu ePitoli. UNyambose wayekhona emhlanganweni owagqabula igoda phakathi kwe-ANC neNkatha ngomhla zingama-30 kuya zingama-31 kuMfumfu ngowe-1979. Nguyena u“CJ” obexhumanisa iSilo nesiShayamthetho. Phambilini abezindaba uma befuna “ukotha” iSILO bebeqala ku “CJ” abanike imvume. Ubeba khona uma izintatheli zihlangana noMdala. Uphathe uMnyango Wezomthetho kunguyena obegcoba aMakhosi. Uphathe noWezemisebenzi Yomphakathi ngemuva kowe-1994.

INkosi uSimon Hulumeni Gumede, wesizwe saKwaMakhasa, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude, iqokwe yaba yiPhini likaNobhala Jikelele weNkatha. ESishayamthetho ibe nguMphathiswa Wezemisebenzi Yomphakathi. INkosi uGumede ibihlala emabhodini eziqiwu KwaZulu-Natal futhi ingusomabhizinisi. INkosi uButhelezi ithi yazana neNkosi uGumede njengoba yayingumngani weSILO. INkosi yaKwaMakhasa yake yahamba eNkatheni yabuye yabuya.

Yizona izinsizwa namadoda-ke lana uMntwana waKwaPhindangene agadla ngazo kusaphethe iNkatha eKZN. Kube khona uMntwana waseNdlunkulu kaZulu, eNdlini yaKwaMinyamanzi kuKhabhinethi yaKwaZulu nakuSishayamthetho. UMntwana uGideon Layukona kaMnyayiza kaNdabuko kaMpande, ube yilungu leSishayamthetho KwaZulu kusukela ngonyaka we-1978. OKaNdaba ubehlala emakomidini ehlukene kodwa egxile kakhulu ezindabeni ezithinta abaHoli boMdabu.

Sezalala kobandayo zonke, lezi zinsizwa nabanumzane, ngaphandle kukaDkt uMdlalose osekhona epulazini lakhe, eNtendeka, eNewcastle, njengamanje. UNyanda usekhulile ngokweminyaka, akasebambe qhaza kwezombusazwe yize abanye sebemkhomba eqenjini leDemocratic Alliance (DA).

Scroll To Top