Bayibambe ishisa abaholi bombutho wabesifazane be-IFP


UMholi we-Inkatha Freedom Party (IFP) osethathe umhlalaphansi, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, ubengaqedi ukwethula inkulumo yakhe kunoma iyiphi ingqungquthela yeqembu engabatusanga, abaholi bophiko lwabesifazane be- IFP. UMntwana waKwaPhindangene, ubethi abaholi namalungu jikelele e-IFP Women’s Brigade, bayisibonelo esihle emphakathini. Ubethi laba baholi namalungu abathinteki ezenzweni zenkohlakalo, futhi akukho phunga lokukhwabanisa elibalandelayo. UMntwana waKwaPhindangene ubethi uma ebanika umsebenzi abe- IFP Women’s Brigade, bawenze ngokukhuthalela nokwethembeka. Lezi “zindlovukazi” zingaba yizimeya, ngamakhansela, ngothisha nothishanhloko bezikole, abaphathi bemitholampilo nezibhedlela, izimeneja ezinkampanini ezithile, noma bengasebenza endlini yakho, angeke uzwe ukuthi bazulelwa ngoKlebe phezu kwamakhanda abo, babaphenyela ukukhwabanisa nenkohlakalo. I-Inkatha Yenkululeko Yesizwe isungulwe zingama-21 kuNdasa ngowe-1975, ngowe 1977 kwasungulwa uPhiko Lwabesifazane, (Women’s Brigade), ngowe-1978 kwasungulwa uPhiko Lwentsha (Youth Brigade).
UMholi wokuqala we-Inkatha Women’s Brigade, ngowe-1977, uNkk u-Ella Nxasana, uthwale obukhulu ubunzima. Ubenomuzi eLamontville, eningizimu yeTheku. Kule ndawo i-Inkatha yayingafunwa, yikho umuzi waKwaNxasana ubuhlale ujikijelwa ngamabhomu ezandla. Yize noma kwakunalobo bunzima, uMam’ uNxasana umile eNkatheni, akazange avume ukwesatshiswa nokuguqulwa kwakholelwa kukhona. UMam’ uNxasana ubeyiKhansela ngaphansi kweNingizimu Community, kuKopeletsheni weTheku. UbeyiKhansela noMnu uHarrison Msizi Dube, naye waseLamontville wodumo lwe”Asinamali” kodwa besezinhlanganweni ezingadlelani. Umuzi kaMam’ Nxasana, wajikujelwa ngebhomu lesandla ngowe-1986 khona eLamontville. Ngawo lowo nyaka kwaba nomkhankaso wokuhlasela bonke abaholi nabantu ababephumela obala beseka i-Inkatha, eThekwini. Ngawo lowo nyaka, kwabulawa uNkk u-Evelyn Sabelo, eMlazi, owayeyisishoshovu se-Inkatha Women’s Brigade, futhi eyinkosikazi kaMnu uWinnington Sabelo, ilungu leSishayamthetho saKwaZulu.
Elinye ilungu le-Inkatha Women’s Brigade, elaliqavile eMlazi, uNkk uSylvia Ntshangase, wadutshulwa wabulawa emzini wakhe, umyeni wakhe wayengekho, engumhloli wezikole, eMadadeni, eNewcastle. USolwazi uLawrence Schlemmer, owayenguNobhala weButhelezi Commission, iHhovisi lakhe lathungelwa ngomlilo, eNyuvesi yaseNatal (eThusini). Lokhu kwamhlukumeza kakhulu uSolwazi nomndeni wakhe. Osomabhizinisi ababengamalungu e-Inkatha futhi beyixhasa bashiselwa izinto zabo. UMnu uGobizizwe Bhengu waKwaMashu, enyakatho neTheku, washiselwa izimoto zakhe negaraji likaphethiloli. UMnu uSipho Ngwenya, eseyilungu le-IFP, owaba yiMeya yokuqala yeTheku ngaphansi kwenqubo yentando yeningi, naye washiselwa amabhizinisi akhe eNanda ngoba eseka Inkatha. Kwenzeka konke lokhu njalo kuhlukumeza amakhosikazi nezingane zalaba banumzane.
Lo mbhidlango wokuhlasela imindeni ye-IFP wakapakela naselokishini KwaMakhutha eningizimu yeTheku ngonyaka we-1987. Uma kuhlaselwa, kwakubhuqwa abanumzane kanye namakhosikazi abo, nezingane zabo. UMnu u-Ephraim “Sindebulawa” Buthelezi, oseyiNyosi yoMntwana waKwaPhindangene njengamanje, umuzi wakhe wajikijelwa ngamabhomu izikhawu ezinhlanu ngonyaka owodwa KwaMakhutha. Kwaphoqeleka ukuthi athuthe aphindele eMahlabathini. UMnu uGideon Ngema noMnu u-Edwin Mbatha imizi yabo yahlaselwa nayo KwaMakhutha. Phezu kwabo bonke lobu bunzima le mindeni ayigudlukanga eNkatheni. UNkk u-Abbey Mchunu waseNgwelezane, eMpangeni, ogwini olusenyakatho neKwaZulu-Natal nguyena owalandela uMam’ Nxasana ekuholeni iWomen’s Brigade.
UNkk waseMachunwini wayekhuthaza omame be-Inkatha ukuthi bakhuthalele imisebenzi yezandla, bakhuthale nasemasimini, balime. Ezingqungqutheleni ze-Inkatha nasemihlanganweni yayo wawubona omame bedayisa amacansi neminye imisebenzi yezandla abazenzele yona. UNkk uFaith Xolile Gasa, wayegogodile kwezemfundo enguthishanhloko eKhula High School, eSikhaleni, ngaseRichards Bay, wayihola naye iWomen’s Brigade. Ebuholini bukaNkk wakwaGasa, sabona i-Inkatha iqhakambisa ukukhuliswa ngendlela efanele izingane zamantombazane. Ukulwa nodlame kwabesifazane nezingane kwakhuzwa ngaso isikhathi sobuholi bukaNkk wakwaGasa. Ngowe-1998 kwavela umshophi eqenjini i-Inkatha. Ibhasi elaligcwele amalungu e-IFP Women’s Brigade, ayesuka KwaMavundla, ePort Shepstone, ephikelele engqungqutheleni oLundi, lashayisa iloli likaphethiloli, eJohn Ross Bridge, ngasemfuleni uThekela, eMandeni. Kwabhujwa kule ngozi, uNkk u-Eillen MaNkosi Shandu, owayengumholi we-IFP Women’s Brigade, ngalowo nyaka, wakhala waze waba nesibibithwane, kubuhlungu. Noma kunjalo zaqhubeka “izindlovukazi’ zaya phambili, azidikibalanga, aziphelanga amandla.
UNkk uMaNkosi Shandu waba nguMphathiswa Wezemfundo, KwaZulu- Natal. Ubekhuthele ngendlela eyisimanga ezifikela mathupha ezikoleni. Umkhakha wezemfundo ubungaphakathi emizweni yakhe. UNkk uThembeni KaMadlopha Mthethwa ubeyiMeya yaseJozini, eMkhanyakude, ngaphambi kokuba abe yilungu leSishayamthetho KwaZulu- Natal. Uyiholile i-IFP Women’s Brigade esikhathini esinzima, amanye amalungu aleli qembu ebaleka eyojiyina iNational Freedom Party (NFP) kaNkk uZanele KaMagwaza Msibi. Ngonyaka wezi-2019, i-Inkatha ikhethe uMntwana uPhumzile Buthelezi, ozalwa nguMntwana waKwaPhindangene noNdlunkulu uMaMzila njengomholi walolu phiko. UMntwana uPhumzile uyilungu leSishayamthetho KwaZulu-Natal futhi usenesikhathi eside ekupolitiki. Kunozinzo ku-IFP Women’s Brigade njengamanje, ngoba nasezikhungweni zemfundo ephakeme abafundi besifazane bayazimbandakanya nayo. Uhlangana nabo bembethe amabhayi eWomen’s Brigade enxanxatheleni yezitolo eGateway, eMhlanga, enyakatho yeTheku naseGalleria, eManzimtoti.