Owesibhuda ufisa ukudedela abanye ngendondo yokugcina



UXimba uyintatheli yezemidlalo nezobuciko.
Useyibambe isikhathi eside engunompempe nejaji esibhakeleni osekwenze kwakhona abambiza ngevulandlela labesifazane abanye bathi ngushampeni kwazise umsebenzi awenzayo ugcwele abesilisa. Lowo nguNkk uSiya MaVabaza Booi oseneminyaka engama-31 enza lo msebenzi ngaphansi kweBoxing South Africa (BSA). Ukuzalelwa ekhaya lesibhakela elokishini iDuncan Village e-Eastern Cape nokuthandana noMandla Booi owayesidlala isibhakela, ikho okwenza kwabalula kuyena ukuqoma lo mdlalo ngowe-1989. Nokho uthi ukungena kwakhe akufananga nokushibilika kommese ebhoteleni kwazise ubandlululo lwalusadla lubi ngaleso sikhathi. Indlela yakhe ebheke ekuqaqeni amaketango obandlululo yamnqwamanisa nemithetho eyayicwasa neBoxing Act yowe- 1954 eyayivimba abesifazane ukuthi bazihlanganise nesibhakela.
“Ngaziqumba phansi zonke lezo zithiyo ukuze ngiqophe umlando ngokuba unompempe nejaji lesifazane lokuqala ezweni. Nokungenelela kukaMhlonishwa uSteve Tshwete owayenguNgqongqoshe Wezemidlalo kwangisiza kakhulu ngowe-1994,” kukhumbula uNkk uMaVabaza Booi. Eqhuba uthe. “Kwakungelula nokho. Abesilisa babengaqondi ukuthi yini ngempela efunwa umuntu wesifazane eringini. Mhlawumbe babebambelele emqondweni wokuthi indawo yomuntu wesifazane isekhishini kuphela. Kodwa cishe ngabageza ubebebe ngokudlalisa kahle ezimpini ezimbalwa njengoba ngaqokwa nabanye ababili ukuba ijaji empini kaZolile Mbityi owayeqhathwe no-Igor Gerasimov waseRussia eMdantsane Stadium ngowe-1995.” Ngemuva kwalokho uNkk uMaVabaza Booi akaphindanga walehlisa izinga njengoba enyuke ngegiya eliphezulu. Kukhulunywa nje usehlabane ngemiklomelo yeBSA ngisho noweWorld Boxing Federation (WBF) yaseGermany. Waqala ngokunqoba umklomelo wokuba ngovelele emkhakheni wabesifazane ngowezi-2001, walandela ngowezi-2009 wagcina ngowezi-2010.
Ngemuva kokudlalisa kahle izimpi zeWBF le nhlangano imchome uphaphe lwegwalagwala ngokumqoka njengonompempe wonyaka wezi-2019 emcimbini owawuseMedebach eGermany. Uthi wayengakulindele ukuqhakanjiswa komsebenzi wakhe ngalobo busuku njengoba wayehambele ukuyodlalisa emqhudelwaneni owawuqhathwe khona. Ejeqeza emuva uNkk uMaVabaza Booi, uthi ngeke akhohlwe ngesikhathi edlalisa umzala wakhe uWelcome “The Hawk” Ncita empini angqimuza kuyona uCarlos Rocha wase-USA eFort Hare University ngowe-1995. “UNcita wayesanda kuphucwa ibhande le-IBF Junior Featherweight nguKennedy McKinney wase-USA ngowe-1994. Okunye okwaba isibusiso esikhulu ukuqokwa njengejaji ezimpini zikaCassius Baloyi esengumpetha we-IBO.” Uthe omunye umuntu angeke amkhohlwe uDon King wase-USA wodumo lokuqhatha izimpi ezinkulu ezifana neRumble in The Jungle okwakududulana kuyona uMuhammad Ali noGeorge Foreman eZaire ngowe-1974.
“Yize ayedume umhlaba wonke futhi ehamba yedwa ekuqhatheni umdlalo, ngathola elinye ikhasi ngaye. Wayezithobile. Wangimema ngayohlala nomndeni wakhe eFlorida. Kukhulu engakufunda kuleya ndoda,” usho kanje ejobelela ngokuncoma noLoyiso Mtya ngeqhaza alidlalile ekukhuleni kwakhe. Uphonsele inselelo iBSA ukuthi imnike iLifetime Achievement Award ukuze engabe esafakwa ohlwini lwabagaqele umklomelo wovelele. Uthi ngokwakhe usekwenze konke kulo mkhakha. “Kumele ngidedele ozakwethu abasemuva kwami futhi abanekhono eliyisimanga oPumeza Zinakile noNamhla Tyuluba base-Eastern Cape noSylvia Mokaila waseNorth West. UPumeza noSlyvia sebeke bahlabana ngale miklomelo yeBSA okukhombisa ukuthi basemgqeni futhi kungathenjelwa kubo,” usho kanje.
UNkk uMaVabaza Booi ubedlalisa impi yeWBF Junior Bantamweight phakathi kukaGcina Makhoba noMsawenkosi Ndwandwe eGlencoe, eDundee, ngempelasonto esiphuma kuyo. Ukukhombisa ukuthi unesipiliyoni kugqame ngesikhathi ebona ukuthi iso likaMakhoba liyopha kakhulu, wanquma ukuyiqeda impi ukugwema ukulimala kwekusasa likasomankomane. Okugqamayo ngaye ukuthi osomankomane bayayilandela imiyalelo yakhe uma ebakhuza ukuthi bangabambani, bangashayani phansi kwebhande noma ngendololwane nekhanda. Ezinye izimpi aseke waqokwa ukuzidlalisa ngeyeWBF Featherweight phakathi kuka-Unathi Myekeni noNozipho Bell neyesicoco sikazwelonke kuJunior Featherweight kududulana u-Innocent Mantengu no-Ayabonga Sonjica.
Ukukhombisa ukuthi ezemidlalo zisemithanjeni yegazi kuNkk uMaVabaza Booi ukubaneDiploma yeMarketing and Administration egxile kwezemidlalo ayithole eWalter Sisulu University. Uma engekho eringini ungunkosikazi nomama wamadodana amabili. UGabula “Slashing Tiger” Vabaza owayengumpetha wakuleli kuFlyweight neWorld Boxing Union (WBU) Junior Bantamweight ungumshana kaNkk uMaVabaza Booi. Umyeni wakhe uMandla Booi wake walwa nesihlabani uPeter “Terror” Mathebula ngowe-1983. Uvale ngokuthi uma seyikhalile impempe yokuthi kumele aphume ekudlaliseni izimpi zeBSA ngeke angabonakali kulo mdlalo njengoba ethi uzogxila ekukhuliseni abasafufusa. UVabaza-Booi akayena owokuqala kwezamankomane ukuyibamba ishisa. E-DR Congo kunoWivine Tshidibi oseyiqalile indlela kwabesifazane. USparkle Lee naye usebakhombisile ozakwabo e-USA ukuthi lo msebenzi uyenzeka. Waba owokuqala ukunikwa ilayisense New York State Athletic Commission yokwenza lo msebenzi. Usebonakale kaningi edlalisa ezimpini ze-World Boxing Council neze-World Boxing Organisation.