Kwakunobuntu obumangalisayo kubantu baKwaMashu
Kwaqopheka umlando owawunganakwanga ukuba ungabhalwa encwadini ngabaningi ngisengumfundi ngeminyaka yowe-1970. Kwakunomama uMaNdlela kaNomusa ‘uNo’ Khanyile nomzukulu uThe baKwaMashu esigcemeni kwa-H emgwaqeni uBhubesi. Wayenesipho nesiphiwo sokwelapha ngemithi yendabuko endaweni engahlulwa sifo.
Ngabe angikho emhlabeni ngenyanga uMandulo noMfumfu ngonyaka we-1979 ngisafunda esikoleni Isibonelo High. Emva kwalezi zinyanga ngacela ukudedelwa okwesikhashana esibhedlela iKing Edward VII ukuba ngiyobhala isivivinyo sokugcina kumatric ngaphumelela ngiphuma esibhedlela.
Ngangichame amahlule egazi kungekho ubuhlungu sekuhluleke imithi yaseNtshonalanga ngisesibhedlela. Ngangibezwa bebhunga odokotela babelungu esibhedlela ukuthi babekweshwama ukugula okunje. Ngakhotha umuthi wesizulu owawenziwe nguMaNdlela ngehlisa ngamanzi ngalulama ngisesibhedlela ngisho sengiphumile wabanika abasekhaya owokuphuza ngalapheka.
Akungithusanga ngoMsombuluko mhla zili-13 kuNhlangulana ngowezi-2018 ngibona umzukulu kamama uMaNdlela ukuthi uyithwasa. Ngambingelela ngabe sengimnika eminye yemibhalo kaDkt uVVO Mkhize ukuba antongele.
Uyaye achaze uDkt uMkhize ukuthi ukuthwasa kwenye inkathi kusuke kungasho ukuthi usuzoba yisangoma uhlole, umprofethi, ubengumthandazi, welaphe nokunye. Kusuke kuyithongo elifuna noma eliziqokela umzimba womuntu wasekhaya ophilayo ukuze lizogezwa ngaye. Kuyothi uma selihlambulukile selenelisekile kube yima lowo muntu esesebenza ngoba nalo ithongo lihlanzekile.
Kuwo lomgwaqo kwakunobaba kaBusisiwe esithi ‘uthula mabotho’ ubaba uDlozi Mdletshe owayezalwa nguMaMvasha baso-Obonjeni owayelapha enganakekile. Wasiza ubaba uGumede ngowe-1975 owayehlala kwababa uMngcwanguli owayenesifo esasesihlule odokotela kodwa uMagida wamnika umuthi wasinda uQwabe.
Kube ubaba kaMlungisi Vincent Maphumulo khona emgwaqeni uBhubesi, uMashimane owayedume ngokuthi uJomela ezibongela ethi uyiNsimbi kayigobi, igobela eGerman wayenesiphiwo esinganakekile kwabambebuka ukuthi wayephuza utshwala.Wawusala kanjalo kuMashimane ungasizakali uma uluhlobo lomuntu olubukela phansi omunye umuntu ube nawe uphansi usesemhlabeni wenyama.
Uzibona ukubamba kwembungulu. Wayehlekisa uMashimane ngoba wayemandla ekuhloleleni, ekutsheleni, nasekuphrofetheleni abantu uma esedle kahle amponjwana. Wawufa insini umphakathi ngakusasa esekhohliwe ngenkathi abanye ethe aboletha amakhandlela nezinkukhu sebefi ke nakho.
Ngamqaphela uMashimane ngowe-1974 ngisanda kubuya esibhedlele ngenxa yengozi yemoto eyithintathinta imilenze yami esedakiwe ngempela, etshela umama nganginguthisha futhi unesipho nesiphiwo kanti nomkhwenyana uSayi Mazibuko kadadewethu uThandiwe wayengibiza ngothisha, kepha angibanga ilothisha ababemucaphuna.
UMashimane waphrofethela udadewethu uZodwa ngowe-1981 ukuthi kwakufanele athenge ingubo yokulala, ayobonga umama ekhaya Eshowe owamkhulisa yikho yayingalungi imendo yakhe yaphambilini. Wamthengela umama wase-Eshowe isipho. Nembala kwabanjalo usengomlobokazi wabakwaNgidi baseMbumbulu Odidini, udidi olumashoba.Washaya emhloleni ebelesela umnewami uGie ethi umbona enengane yomfana ngaphandle.
Kanti izimpawu zikaMashimane seziwele kuMlungisi owayeboniswa izingozi ezazizobehlela basinda ngowe-1990, eboniswa nababengebahle kuyena ngempela kunjalo. Wayethethiswa nanguFox uBafana Thabethe ngokungalaleli izexwayiso aboniswe zona. Umzukulu uVovada Maphumulo uyibeka akuthi umkhulu wakhe uDladla wasesigcemeni sakwa-F wayeyinyanga, okwaqanjwa umgwaqo uDladla
Nginethemba ukube ubesadla anhlamvana umama uMaNdlela, ubaba uMdletshe nomkhulu uDladla ngabe sebalithola ikhambi lokwelapha siphele nya isifo sengculazi nesandulelangculazi. Nginethemba ukuthi kuleminyaka yamanje babezohlangana bacebisane, bashiyelane eshungwini baphume nomuthi osemthethweni bese uyathengwa ngokwebhizinisi ezigcemeni zakwa-F,H nakwezinye izindawo. Nginethemba ukuthi uMashimane wayezohlola bese ekudlulisela kulaba abathathu ukuba bakwelaphe.
Ngeshwa nangenxa yemali nokuba amadlegwavuma ukwelapha nokudluliselana iziguli okwakwenziwa abelaphi phambilini ngeminyaka yowe-1960, 1970, 1980 ngisakhula akusenjengakuqala, sekwathuntubezeka.
Sizokhumbula emlandweni ukuthi kwaMhlabuyalingana kwakunabelaphi, izangoma, izinyanga, abathandazi nabanye abayenza yaduma lendawo ngokubambisana kwezempilo nokunye esikwaziyo. Baningi kabi abantu abathola usizo baze bachuma baduma umhlaba abanye babo, abangasafuni ukukubalula lokhu. Bacasha ngegama leNkosi uJesu Khrestu.
Kanti owaweyisangoma ebhula, owayeyinyanga nowayelapha wayezidlulisela iziguli kozakwabo ezazinalokhu kugula ababengaphathisiwe kona ukukwelapha. NgokwaseNtshonalanga kusenzeka lokhu.
Izinyanga zakwaMhlabuyalingana zazihlangene ngale minyaka engiyibalulile, zabe sesikhokhelwa imali ngumphakathi ukuba zibethele izitobhi okwakwehliwa kuzona ebusuku, kusagitshelwa amabhasi amaPullman akwaLoliwe, manje sekuwuTransnet. AboHlanga babeshiya izimpahla ezisindayo bazilande ekuseni. Owayezintshontsha wayebambeka kungahambeki, uma ehambile wayezula ephindelela kuleyondawo kube sekubonakala ukuthi uzebile izimpahla ayeziphethe.