Now Reading
Ingqungquthela yesibili yabatshalizimali
Dark Light

Ingqungquthela yesibili yabatshalizimali

INingizimu Afrika isemgqigqweni okuyiwonawona maqondana nendlela eyaphambili ngendaba yokutshalwa kwezimali. Uma kwenziwe ngendlela eyiyo lokhu, kungalisiza izwe ukuthi liphume otakwini lwezokungabi namisebenzi kwabantu abaningi. Kuzokhumbuleka ukuthi kunokuthi sehle isibalo sabantu abangaqashiwe sesiphinde sanyuka futhi eNingizimu Afrika. Izinqumo eziyizo neziqavile uma sezithathiwe, zingalibeka ebalazweni lomhlaba leli, kugcine kusizakala abantu abaningi ukuphuma ebubheni. Kulokhu uHulumeni ahlale ekubiza ngokuthi isitha esingunxantathu, okungukusweleka kwemisebenzi, ukwanda kobubha, nokukhula kwegebe phakathi kwabantu abanotho nabaswele, esingeke sakuqinisekisa ukuthi lo mgqigqo wezokunxenxa abatshali zimali baphakathi nangaphandle, uzokwazi yini ukunciphisa igebe lokungalingani kubantu baseNingizimu Afrika?

Ungabazane lolu lulethwa ngukuthi abasuke bezotshala izimali kuvame ukuthi kube abantu abafanayo kumbe abavele sebecebile abasuke befuna ukuphindaphinda ingcebo yabo ngokwezimboni ezahlukene. Okunye futhi, ngukuthi amaqoqo kaHulumeni waseNingizimu Afrika, akungabazeki ukuthi anomkhuba onganambithisiseki wokuthi nxa esebenzisana nabatshalizimali, acheme vese nabantu abafuna ukwenza umehluko omkhulu kunabangaphakathi kuleli abasuke besafuna ukuqala kumbe ukuthola uxhaso lwezimali ukuze bakwazi ukuqala ezabo izimboni

Yize ukuthakasela imibono yokwandisa amabhizinisi nokuwasabalalisa kuyinto enhle, kepha ekumele masikubheke eNingizimu Afrika, ukusizakala kwalabo abadinga kakhulu ukuqala phansi amabhizinisi abo. Uma bekungathiwa kuba khona ingxenye yale ngqungquthela ehlonzinga abatshalizimali abaqondiswe ngqo kulabo abasafufusa ungabakhona umehluko. Emigomeni kaHulumeni yokufukula aboHlanga, nasebevele befakile izicelo zabo ezizindeni zezezimali, zahlonzingwa lezi zicelo, futhi zamukeleka, kungaba khona omkhulu umehluko ekunciphiseni igebe labanotho nabangenalutho.

Masingathi janti kweyangaphambilini ingqungquthela, uMengameli uRamaphosa wazibekela umgomo wokuthi yena nethimba lakhe elimsizayo bafakele leli imali cishe eyizigidigidi ezili-$100 ngeminyaka emihlanu nje vo. Le mali ilinganiselwa cishe kusigidintathu ongu-R1.4. Ngonyaka owodwa nje, umbiko wale nkomfa edlule uthi sebekwazile ukuthola imali elinganiselwa kuma R300 bn, bakwazi futhi ukuthola abatshalizimali abanjengenkapani yase Ruwanda yomakhalekhukhwini ebizwa ngeMara esivele itshale izimali cishe ezilinganiselwa kusigidintathu ongu-R1.2 eThekwini. Konke lokhu kuchaza ukuthi sekuseduze ukufi ca umgomo wezigidigidi ezili-$100 azibekela yona uMengameli.

Ekhuluma lowo ongumluleki kaMengameli kwezomnotho benoNgqongqoshe Wezezimboni Nokuthuthukiswa Kwezomnotho abanumzane uTrudi Makhaya no- Ebrahim Patel, bacacise ukuthi ezintweni okumele le ngqungquthela eqale ziyisi-5 kuya kweziyisi-7 kuNcwaba nonyaka izibhekelele yilezi eziyisihalnu ezilandelayo:

Ithuba lokuthi uHulumeni nosomabhizinisi babe nezingxoxo. Lapha ke kulindeleke ukuthi ingxenye yonke yeKhabhinethi ibe lapha

Ithuba lokuthi osomabhizinisi baseNingizimu Afrika ngokumeleleka kwabo, bahlanganyele nozakwabo bamazwe aphesheya afi sa ukutshala izimali kuleli. Yingakho lapha kulindeleke ukuthi cishe isithathu sabantu kube yilabo abavela ngaphandle kwaleli

Yithuba futhi leli lokuthi labo abenza izinqumo nyakenye kanye noHulumeni balethe imibiko ukuthi kwabakunquma nyakenye sebekuphi nakho. Lapha, bayokwazi nokutshengisa osekwenzekile maqondana nezimboni esezakhiwe kusuka ngonyaka odlule.

Yithuba futhi leli lokuthi abatshali zimali bazibophezele kabusha ngabasafuna ukukwenza futhi eNingizimu Afrika maqondana nokutshalwa kabusha kwezimali. Lokhu abatshali zimali bazokwenza ngokubuka izifundazwe ezifi sa ukuzenza ngezinye maqondana nokwakhiwa kwamabhizinisi akuzo

Okokugcina, le ngqungquthela kumele ibheke kabusha isimonhlalo sabantu baseNingizimu Afrika. Lokhu kusho ukubheka isimo sezepolitiki ukuthi sisakuvumela yini ukuthi abatshali zimali bafake izimali zabo ngokukhululeka. Lokhu kuzokwenziwa ngokuthi kwakhiwe kabusha ubudlelwano phakathi kwaleli ne-USA, kanjalo nobudlelwano kuleli neJapan.

See Also

Mhlawumbe kuzomele sikucacise ukuthi, nabantu basemakhaya kanjalo nasemalokishini bafanelwe ngokungcono. Lokhu sikusho ngoba kuyabonakala ukuthi siyezwakala kancane isikhalo sokuthi lezi zingqungquthela zingagcini nje kulezi zindawo ezibizwa ngezesilungu koSandton. Sikusho lokhu ngoba, usuku lokugcina lwale ngqungquthela luzoba selokishini iSoweto.

Kepha kumele kuphawuleke ukuthi ngisho ngabe ingefi ke ezindaweni zasemakhaya le, kepha imigomo emisha esanda kushwaywa uHulumeni, njengeyezifunda. Kumele ibhekelele kakhulu ukukhulisa ingqalasizinda ezokwazi ukuheha bona laba batshali zimali ukuthi bagcine befune ukuzifi kela mathupha ezindaweni zasemakhaya, ukutshala izimali phela.

Uma kusavela izinombolo ezitshengisa ukuthi oHulumeni Bendawo abakakwazi ukusebenzisa imali ngendlela, enye futhi imali igcina ibuyela emuva kuHulumeni ophezulu, lokhu kusho ukuthi kusekude phambili ngentuthuko okumele ilethwe yilaba batshalizimali.

Okubalulekile ukuthi le ngqungquthela ayikhulumisane nemigomo kaHulumeni futhi ihambisane nesimo sokuletha uguquko okuyilona lona lapho ludingeka khona ngempela.

Scroll To Top