Now Reading
Ukuhwebelana kwe-Afrika namazwe omhlaba
Dark Light

Ukuhwebelana kwe-Afrika namazwe omhlaba

Ngeledlule bekuhlangene cishe abaholi abangama-43 base-Afrika nabaseRussia. Kuvuka imibuzo eminingi ngale mihlangano eyenzekayo nomAfrika nabezizwe. Phakathi kokunye ukuthi ingabe singase sibone okungcono ngalo mhlangano noMnu uVladimir Putin nabaholi be-Afrika.

Singakandi ngomlomo okwembenge, ngifi sa sike sithi janti emibikweni yeWorld Poverty Clock nenhlangano ye-United Nations yakamuva ehambisana nesimo sezwekazi i-Afrika. Emazweni alishumi ahamba phambili ngobuhlwempu emhlabeni wonke jikelele ase-Afrika, yilawa: iMadagascar, iComoros, iSouth Sudan, iLiberia, iMozambique, iNiger, iMalawi, iDemocratic Republic of Congo, iCentral Afriaan Republic kanye neBurundi.

Wonke la mazwe anazo zonke izinto ezingawenza aqede ububha, ukweswela nenhlupheko yabantu bawo. Ngomqondo ophusile nezifi so ezihambisana nokukhuculula lesi simo kula mazwe, kanye nokukwazi ukusetshenziswa kahle phakathi kokunye kwezinto ezimbiwayo nezolimo kanye nezokuvakasha ngeminyaka elishumi nje vo la mazwe angabe esebalwa namazwe athuthuka ngesivinini esikhulu e-Afrika nasemhlabeni jikelele.

Eminye imibiko ephume kamuva nje, ibalula ukuthi kubantu cishe abangama-200 wezigidi baseNigeria, ingxenye yabo seyiphila ngaphansi kwamadola amabili ase-USA ngosuku. Laba bantu asebecela ezigidini ezilikhulu abahlwempu basezweni lenala, lapho izikhulu zakhona nosopolitiki bephila impilo yobukhosi. Lobu bubha bedlula noma yisiphi isimo esake sabakhona selokhu lathola inkululeko leli lizwe.

I-Afrika yaboHlanga esekuneminyaka ihlukunyezwa, idlwengulwa ngokwezomnotho amanye ala mazwe, namuhla ayibizela ezigcakini zezentuthuko. Ingabe yintuthuko egcwele futhi engenachashaza yini lena ebizwela kuyo. Engcindezelweni nasenhluphekweni ebonakala isadla umunyu namuhla ikakhulukazi kwezentuthuko yomnotho, ingabe i-Afrika isaholelwa oPhathe yini futhi nanamuhla.

Engqungquthelweni yakamuva phakathi kwamazwe ase-Afrika neRussia, bekwethamela inqwaba yabaholi, bezodinginga kabanzi ngekusasa lamazwe abo neRussia. Lesi senzo sesijwayelekile lapho yinoma yiliphi izwe emhlabeni libona ukuthi ukungazibandakanyi namazwe ase-Afrika kungawenza asilele emuva.

Uma ulandelela okuxoxwa ngaphakathi kulezi zinkundla zalaba baholi, kuyezwakala ukuthi eyokutshala eyokunothisa elase-Afrika nokwengeza amandla kwenakho i-Afrika ithiwa halamuzi, kepha exoxwa kakhulu eyokuletha uzinzo, ukuletha ukuthula emazweni ase-Afrika, ukusiza i-Afrika ngezibonelelo nokuthengwa kwezikhali yizo izindaba ezihamba phambili.

Ezinkundleni zokuxhumana namazwe ase-Afrika esezike zabakhona ngaphambilini, singabala lezi ezilandelayo:

EyeChina ne-Afrika ebizwa ngeFOCAC

EyeJapan (Tokyo) ne-Afrika ebizwa

ngeTICAD

Eye-USA ne-Afrika

EyeFrance ne-Afrika

Eye-India ne-Afrika

See Also

EyeRussia ne-Afrika

EyeGermany ne-Afrika

Zonke lezi zingqungquthela zibonakala zizinhle ngaphandle, kepha umongo wazo omkhulu ukuzama ukusimamisa iminotho yala manye amazwe asuke ezibizile. Yingakho nangendlela ezethiwa ngayo zitshengisa ilaka lalelo lizwe nge- Afrika. Okunye okumele masikubhekisise, yindlela la mazwe amema ngayo abaholi belase Afrika.

Uzothola ikakhulu ukuthi la mazwe amaningi wawo ngaphandle kwelaseRussia, i-India neChina kwesiwabalile, ayekade enesandla enqubeni yobukoloni e-Afrika, ikakhulu awase-Europe. Lithi lilodwa nje izwe lase-Europe, likwazi ukushaya umlozi maqede bagijime bonke abaholi be- Afrika, libe lishiya umakhelwane walo obekungangcono mhlawumbe ukuba limumemile. Isibonelo asikho isidingo sokuthi elaseGermany libize bonke abaholi base-Afrika libe lingumakhelwane neFrance.

Abaholi be-Afrika abasazibuzi nokuthi kwenziwa yini lokhu. Yize i-Afrika idinga usizo emndenini wamazwe omhlaba, kepha izinhloso zalezi zingqungquthela uma zingebhekisiswe ngendlela zingaba nomthelela omubi kakhulu ukwedlula ububi obenziwa e Afrika yiningi lalamazwe ngaphambilini. Njengoba iChina beligubha iminyaka engama-70 yenqubo yobuKhomanisi, selikhulule ebubheni abantu abangama-850 wezigidi eminyakeni cishe engamashumi amabili nje vo.

Kwenziwa yini ihluleke i-Afrika ukwenza lokho ibe kade yakhululeka. Nalo leli laseNingizimu Afrika aliphephile kule ngcuphe yokwehluleka osekwehlele amazwi amaningi e-Afrika, siloba nje, kuphuma izinombolo zenhlangano yocwaningo lwezibalo zezwe ethi sesiphinde senyuka futhi isibalo sabantu abangenamisebenzi safi nyelela kuma-29.1 wamaphesenti

Sekuyisikhathi sokuthi i-Afrika ibukisise lobu budlelwano namazwe omhlaba, iphinde futhi isebenzele ukuthuthukisa abantu bayo ngokwakha izingqalasizinda eziyizo njengemigwaqo, izibhedlela, amabhange anozinzo, neminotho ngokwehlukahlukana kwayo. Abaholi abathi nxa behlangana nala mazwe kucace ukuthi bangabaholi abathenjwe abantu bamazwe abo, abantu abafuna ukuthuthuka ikakhulu kwezomnotho hhayi nje ukudayiselwa izikhali nokuba okhamisa ngithele, ngezibonelelo vele ezimsuka wazo umnotho wase-Afrika.

Scroll To Top