Umkhuhlane wakamuva weDA uzophilisa Inkatha noKhongolose



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ngalesi sikhathi abantu ngaphakathi nangaphandle kweDemocratic Alliance (DA) besetshisa okwenzeke kamuva kuleli qembu, leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi lo mkhuhlane olihlasele ususondeze amaqembu amabili amakhulu aboHlanga, okuyi- Inkatha Freedom Party (IFP) ne-African National Congress (ANC). Emasontweni amathathu edlule leli phephandaba libe nengxoxo ekhethekile nomholi we-IFP uMnu uVelenkosini Hlabisa nolibeke ngembaba elokuthi iqembu lakhe ngeke lihlangane ne-ANC ngaphandle nje kwezingxoxo zokulungisa umlando wala maqembu osunezidumbu phansi.
“Ngiyafi sa amalungu, ubuholi kanye nabantu nje baseNingizimu Afrika bangadideki. Inkatha ayidingi ukudondolozela nge-ANC ukuze ime.” Nokho izigameko zakamuva kupolitiki yamaqembu aphikisayo kuleli zingase zenze le nkulumo kaHlabisa ihunyushwe ngenye indlela. ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi abakhongi nhlangothi zombili bese beziqalile izingxoxo zokusebenzisana ezingeni likaHulumeni Wendawo, nayilapho elinye iqembu lizodondolozela ngelinye ukuze lihlale lisemandleni.
Noma izingxoxo bezihamba kancane wonke umuntu ecophelela, ekuqaleni kwaleli sonto onkulunkulu bepolitiki baphoqe ukuthi abakhongi bakhathule njengoba ukusula isigubhikane kweMeya uHerman Mashaba kuphoqe ukuthi basondelane. Esicephwini kunomasipala abane, okuyiJohansesburg, iZululand, iJozini naBaqulusi. KuKhongolose ukubuya kukaMasipala iJohanesburg kuzosho lukhulu kwazise yiwo oyisizinda somnotho kuleli nasezwekazini i-Afrika. Leli qembu langena ehlazweni ngesikhathi
amaqembu aphikisayo enza umbimbi lokuliginga nokwaba ngokokuqala kusuka ngonyaka we-1994 ukuba leli dolobha lingaphathwa yiqembu elibusayo.
Ngakolunye uhlangothi iZululand iyinhliziyo ye-IFP. Ngaphezu nje kokuthi umholi wokuqala uMntwana wakwaPhindangene ulapha, kuseZululand lapho uHulumeni wakwaZulu enomlando omuhle wokuletha izidingo kubantu. Idolobha uLundi elingaphansi kweZululand lingesinye sezibonelo zokuphumelela kukaHulumeni wakwaZulu wokuguqula indawo yasemakhaya ibe yisizinda somnotho. Ike yagqenywa engeqiwantwala i-IFP ngesikhathi lo Masipala uwela kuNational Freedom Party (NFP). Ngokwemithombo engaphakathi kula maqembu uma kuke kwanesivumelwano ngeJohannesburg neZulund konke okunye kuyoba lula.
Ngokomthombo ongathandanga ukuba igama lawo lidalulwe ngenxa yokuba seduze kwezingxoxo abe-IFP bazimisele ukuzuza ngesimo esikhona nokuthi bangalaxaza neDA leyo abanesivumelwano nayo.
“Izingxoxo sezisezingeni eliphezulu. Akuzona ezesifunda kepha zikuzwelonke. IHhovisi likaNobhala Jikelele we-ANC linaso isiphakamiso. Kanti noMengameli we-IFP uHlabisa noMntwana banolwazi. Empeleni Inkatha izimisele ukuba inike i-ANC okuthile eBaqulusini. Bangayinika esikaMeya kanye naleso sesekela lakhe, yona bese igcina esikaSomlomo. Inqobo nje uma iZululand neJozini kuzobuyela kuyo,” kusho umthombo.