Now Reading
Kazi kukhonani emgodleni wethimba leCogta
Dark Light

Kazi kukhonani emgodleni wethimba leCogta

Sebelifulathele iTheku, oMengameli uCyril Ramaphosa nethimba labaholi boMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezobuholi BoMdabu Kuzwelonke.

Bebezulazula enyakatho yeTheku isonto eledlule lonke, ngenhloso yokubheka nokukhuthaza izinhlelo zentuthuko. Basaqhubeka njengoba bezohambela zonke izifunda zomasipala ezingama-44 namadolobha amakhulu ayisi-8 ezweni lonke. Lokhu bakwenza ngaphansi kohlelo olusha lukaZwelonke iDistrict and Development Model (DDM).

EThekwini leli thimba lihambele iDube Trade Port, engasesikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport, enyakatho yeTheku. Liphinde lahlangana nosomabhizinisi naMakhosi aphethe izindawo ezizungeze iTheku, laya ekamu yamaphoyisa eNanda, laphetha ngeMbizo yomphakathi ebisePrincess Magogo Stadium, KwaMashu..

Umbuzo uthi ngabe ukuza kwaleli thimba eThekwini kube namthelela muni ekuguquleni impilo nenhlalo yabantu bakuleli dolobha. Noma ukufika kwabo bekufana nalokho kwezivakashi nje, ebizizongcebeleka eThekwini

Leli thimba labaholi lithe ukudlanga kobugebengu endaweni yaseNanda kwenza kungabi khona ukuphumula emoyeni ngoba leya ndawo ingumsuka, isizinda, nenqolobane yomlando kaKhongolose.

Abasunguli beSouth African National Native Congress (SANNC) osekuyi-African National Congress (ANC) njengamanje ngonyaka we- 1912, oDkt Pixley ka-Isaka Seme, uMfundisi uJohn Langalibalele Dube (uMafukuzel’onjengezulu), isishabasheki samalungelo abantu uMnu u-Alison WG Champion (uMahlathamnyama), uMnu uMahatma Ghandi wenkolelo yokulwa nengcindezelo ngaphandle kwendluzula, iNkosi uMudliwamafa Shembe umsunguli weBandla elikhulukazi e-Afrika, iNazareth Baptist Church, isikole sokuqala samantombazane esasungulwa ngowe-1869 iNanda Seminary, uMehluleli uMoerane Moerane bonke bahlala eNanda, babamba iqhaza empilweni yomphakathi wakhona. NeBandla i-American Board Mission usekuyi- United Congregational Church (UCC) njengamanje, ilethe imfundo nentuthuko eNanda.

OwayenguMengameli wokuqala eNingizimu Afrika, uDkt uNelson Mandela, wavota okokuqala ngonyaka we-1994, oHlange, eNanda. IMeya yeTheku njengemanje uKhansela uThomas Mxolisi Kaunda nobeyimeya ngaphambi kwakhe uNkk uZandile Gumede ngabaseNanda.

Ikamu lamaphoyisa laseNanda, elihanjelwe yilaba baholi, ngokwemibiko yoMnyango Wamaphoyisa kuZwelonke, lingeliye lamakamu ali-10 aphezulu ezweni okubikwa kuwo izigameko ezihlasimulisa umzimba zobugebengu. Kugwaza abantu eNanda abanye batholakala sebeklajiwe ngezikhali eziyingozi, ukunukubezwa kwezingane nabesifazane yizinto ezijwayelekile. Indawo yaseNanda igcine isibizwa ngeRape City emapheshaneni abesatshalaliswa kukhona laba baholi. Ezinye izindawo ezihlonziwe kwelikaMthaniya, uMlazi ohamba phambili ngokudunwa kwezimoto nePlesieslear, eMgungundlovu, ngokubulawa kwabantu.

Ubuholi obuphezulu abuqali ukufika eNanda. Bufika njalo uma buzokhankasela ukhetho ngoba leya ndawo inabantu abaningi. Eminyakeni edlule bafika abaholi bethula uhlelo olwalubizwa nge-Inanda, Ntuzuma, KwaMashu (INK), okwaku uhlelo lukaMengameli, okwakuhloswe ngalo ukuthuthukisa leya ngxenye yeTheku.

Yize sekuphele iminyaka yasungulwa i-INK, eyagcina isibizwa ngePINK ngoba kwafakwa nePheonix ngaphansi kwayo, kodwa yehlulekile ukuthela izithelo ezibonakalayo. Into eqhamukile nalolu hlelo ukwakhiwa kwenxanxathela yezitolo, iBridge City Mall, phakathi kwakwaBester (eNanda) naKwaMashu, isiteshi sesitimela, nokwakhiwa kwesibhedlela iPixley ka-Isaka Seme esizovulwa maduze nje.

Indawo yaseNanda inabantu abaningi abahlala ezakhiweni ezingenawo amanzi ezindlini, abanye basebenzisa izindlu zangasese eziyimigodi. Imindeni eminingi ayinabo abantu abasebenzayo, abantu baziphilisa ngokudayisa emigwaqeni nangemali yezibonelelo evela kuHulumeni. Intsha isiphenduke izigqila zezidakamizwa, isibizwa ngokuthi ‘ngamaphara’.

Imizi iminyene eNanda, ayikho indawo yokulima, noma kungahlatshwa ikhwelo lokuthi “phezu komkhono” ngeke kwabakhona mahluko empilweni yabantu.

INkosi uMqoqi kaMzonjani Ngcobo yesizwe saMaQadi, ephethe eNanda, ikhala kakhulu ngamathaveni avulwa imini nobusuku aze avalwe ekuthatheni kokusa. Inkosi yaMaQadi ithi yiyona mbangela yokugebengu lena. Ubugebengu baseNanda buhambisana nonya nesihluku esesabekayo.

Zinesibindi kabi futhi azinamembeza izigebengu zaseNanda. EBhambayi (khona eNanda), zibulale amaphoyisa kaMasipala weTheku, amabili ayasemotweni, egade umuzi weKhansela, uMnu. uBoxer Zulu.

Umbuzo omkhulu uthi yini entsha uhambo lukaMengameli Ramaphosa nethimba lakhe oluqhamuke nayo. IMeya yeTheku uKhansela uKaunda ubenguNgqongqoshe Wezokuphepha Nokuthutha esifundazweni futhi uzalwa khona eNanda, wakhulela khona futhi. Izinga lobugebengu lidlange ngaphansi kweso lakhe.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuZwelonke, esenguKhomishana Wamaphoyisa, uJenene uBheki Cele, wathumela ibutho lamaphoyisa elaziwa ngokuthi “ngamabharethi” eNanda kodwa nakhona kwaba nhlanga zimuka nomoya, buqhubekile ubugebengu.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngemuva kokubamba umhlangano namakhansela eTheku, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu kuZwelonke, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, uthe ukwenyuka kwezinga lobugebengu eThekwini sekulahlekisele leli dolobha imali eningi ngoba izivakashi sezimanqikanqika ukuza kulo.

“ITheku like laba ngelihamba phambili ekuheheni izivakashi, kodwa ngenxa yobugebengu izinga selehle kakhulu. Umkhakha wezokuVakasha nezimboni zemikhiqizo kuya ngokuya kuyehla. Lokhu kuholela ekutheni abantu balahlekelwe imisebenzi,” kubalisa uMaDlamini Zuma.

See Also

UHulumeni waKwaZulu-Natal, unohlelo olubizwa ngeSukuma Sakhe olufanayo nalolu olwethulwa yilaba baholi bakaZwelonke. Inkinga ukuthi imisebenzi ayikho ezifundeni ezisemakhaya, yikho abantu bethutheleka eThekwini ngethemba lokuthola imisebenzi. Uma befika abantu edolobheni bantula indawo yokuhlala bese begxumeka izakhiwo, ezinye ziba ngasemasebeni emifula, lokhu kudale nezinkinga uma kunezikhukhula nezimvula ezinamandla.

Ithimba likaMengameli uRamaphosa lihlangabezane nembibizane yokuthi abantu abaningi abantula imisebenzi eThekwini abanawo amakhono. Lithole nokuthi intuthuko ayihanjiswa ngendlela efanayo kuma- wadi nasezigcemeni ezahlukene eThekwini.

Kusekhona amalokishi eThekwini anemigwaqo ewubhuqu, engafakwe tiyela. Uthola kweminye imigwaqo, kudlala izingane, izimoto ziqhamuka ngesivinini kodwa izinciphisa-jubane (humps) azikho.

Izindawo ezazihlala abohlanga oluthile ngesikhathi sobandlululo, yizona ezisathola ukunakekelwa nokunikwa izinsiza ezifanele eThekwini, yize umkhandlu uwodwa.

Ohola amakhansela eDemocratic Alliance (DA) eMkhandlwini weTheku, uNkk uNicole Graham, utshele ithimba lobuholi obuphezulu ukuthi abantu abawethembi amakhansela.

“Kunamakhansela amaningi abhekene namacala enkohlakalo kodwa awamisiwe, ayaqhubeka ayasebenza. Ezinyangeni ezimbili ezadlule ufikile wakhuluma nathi singumkhandlu wamakhansela eTheku, uMaDlamini Zuma, kodwa akukho mahluko obekhona emuva kwalokho ,” kusho umholi weDA eMkhandlwini weTheku.

Emhlanganweni ithimba elibe nawo naMakhosi aphethe izizwe eThekwini, abaholi bomdabu bakhale ngokuthi bashiywa ngaphandle uma kuthathwa ezinye izinqumo ezimqoka nezithinta abantu abangaphansi kwawo.

Osomabhizinisi boHlanga bakhala ngokwenziwa izichuse emabhizinisini, ikakhulukazi lawo esezinxanxatheleni yezitolo. Umnotho omningi emalokishini usuthathwe wabekwa kuzo lezi zinxanxathela zezitolo.

Ubugebengu, ukwentuleka kwemisebenzi, ububha, inkohlakalo ebikwayo kumakhansela, ukusweleka kwezindlu, ukulethwa kwentuthuko ngendlela engalingani, ukusweleka kwezindawo zokugcwaba, ngezinye zezinto ezizosale zigqolozele umphakathi waseThekwini yize uMengameli Ramaphosa nethimba lakhe sebehambile. Lolu hlelo lweDDM kulindelwe ngabomvu ukuthi lubonakale ukwehluka kwalo kuSukuma Sakhe.

Scroll To Top