Uzonqoba kukhalwa


Nakuba amavoti asebaliwe kuze kube yimanje okhethweni lwaseMozambique ekhombisa ukuthi umholi weFrelimo uMnu uFelipe Nyusi uzobuyela esihlalweni aqhubeke nokuhola leli lizwe ihlandla lesibili, kodwa seziqalile izinkulumo zokuthi ukhetho belungakhululekile.
IFrelimo kuqagulwa ukuthi izokwehlelwa ukwesekwa kulolu khetho ngenxa yemibiko yenkohlakalo nokungaphathi ngendlela. Leli qembu selokhu labusa eMozambique ithola inkululeko laqala liholwa owayenguMengameli uSamora Machel. Izimbangi zayo ezinkulu iRenamo zinethemba lokwenza kahle kulolu khetho ezifundazweni ezithile lapho iFrelimo yehlelwe ukwesekwa khona.
Umphumela walolu khetho yiwona othathwa njengesivivinyo sengqophamlando yesivumelwano sokudala ukuthula esasayinwa ngoNcwaba phakathi kweFrelimo neRenamo. Yize ukhetho kuthiwa luhambe kahle kwezinye izifundazwe kodwa izinhlangano zomphakathi izolo zithe zinobufakazi bokuthi kukhona iziphathimandla zokhetho ezizame ukulahla amanye amaphepha okuvota okungaqondakali ukuthi awaliphi iqembu. Lokhu kufakazelwe nangamalungu eFrelimo athe anobufakazi bokuthi kwezinye izikhungo zokhetho amavoti awo awabalwanga.
Kuqubuke udlame esifundeni iNampula okuyisizinda seRenamo emuva kokuba amalungu ayo okuthe angaqeda ukuvota ashaya phansi ngonyawo athi awasuki esikhungweni ngoba afuna ukwenza isiqiniseko sokuthi amavoti awo ayabalwa ngendlela. Kulapho amaphoyisa evulele khona isisi esikhalisa unyembezi kwaqhuma nenganono kwasala enkundleni umlandeli oyedwa abanye balimala.
Enye ingqapheli yokhetho uSala da Paz uthe, “Okwamanje asikwazi ukusho kugcwale umlomo ukuthi ukhetho lube ngolukhululekile nolungenazihibe njengoba namanje singacaci isizathu esenze amaphoyisa abulala umuntu