UKhama uthi iqembu likayise lifile


Ukhetho lukaMengameli oluzobanjwa zingama-23 kuMfumfu eBotswana kubukeka luzovivinya iqembu elibusayo iBotswana Democratic Party (BDP) phambili elaliholwa uMnu u-Ian Khama owalilaxaza wajoyina iqembu eliphikisayo elalidume ngokumgxeka esaphethe.
Isenzo sikaKhama sokushiya iqembu elakhulula izwe futhi okwaba yilona lokuqala ukuphatha emuva kwenkululeko sichazwa ngabaningi eBotswana njengokulaxaza ikhaya lakhe njengoba uyise waba ngowokuqala ukuhola leli qembu.
Amanye amalungu eqembu iBDP athi isinqumo sikaKhama siyaxaka ngoba nguyena owayesha amashushu eqoka uMokgweetsi Masisi osenguMengameli nomholi weBDP.
Kuzoyiwa kulolu khetho izinto zimapeketwane kuBDP njengoba kukhona abasikaza ukumlandela uKhama okungenzeka iqembu lilahlekelwe amavoti liphume emandleni noma libuse ngokuhlanganyela namaqembu amancane.
Kukhona abathi iBDP iyiqembu elinozinzo futhi elingaphezulu kukaKhama, ukuhamba kwakhe kuzoliqinisa esikhundleni sokulifadabalisa.
Ukungaboni ngasolinye phakathi kukaKhama noMasisi kuqale ngonyaka odlule emuva kokuba uMasisi ethathe izintambo zombuso.
Ekhuluma nezinkulungwane zabantu eralini ebibanjelwe eSerowe ngempelasonto edlule, uKhama utshele abalandeli bakhe ukuthi iqembu elasungulwa nguyise ebambisene nabanye selifana nento efile.
“Iqembu likababa weBotswana alisekho. Lifile nya,” kusho uKhama “Asihambeni siyovotela iBPF ne-UDC esho iBotswana Patriotic Front okuyiqembu elasungulwa abangani bakhe abaxebuka eqenjini elibusayo kanjalo neqembu elikhulu eliphikisayo i-Umbrella for Democratic Change.
Unxuse abantu ukuba basebenzise ithuba ngokuvotela i-UDC ezindaweni lapho iBPF ingenabo abantu ebamele. Kule rali ubuye washayelela isipikili sokuba kuvotelwe umholi we-UDC uDuma Boko.
engasekuqaleni uma abantu bevotela uBoko. Ukukhuluma kwakhe kanje kuyabadida abaningi eBotswana ngoba laba baholi bebeyinkukhu nempaka. Ngesikhathi kuyiwa okhethweni ngowezi-2015, uBoko waveza ukuthi usohlwini lwabantu abazosocongwa yiqembu likaKhama iBDP. UKhama uthi uyazisola ngokuthi wayemkhethelani umuntu oyindlovukaphiswa ekutheni ahole izwe.
Zili-19 kuZibandlela wanyakenye oyilungu eliphezulu kuleli qembu owayephinde abe nguNgqongqoshe Wezokuxhumana namazwe angaphandle uDkt uPelonomi Venson Moitoi wamemezela kuTwitter ukuthi uzophonsela inselelo Masisi ozimisele ngehlandla lesibili kwesobumengameli kuleli qembu. Nakuba kungekho kumthethosisekelo waleli qembu kodwa sekwaba umkhuba waleli qembu ukuthi umengameli avunyelwe ukuthi aphathe amahlandla ngokulandelana kwawo ngaphandle kokuphoselwa inselelo.
Umengameli wokuqala kuleli qembu uMhlonishwa uSeretse Goitsebeng Maphiri Khama waphatha amahlandla aze aba mane phakathi kowe-1961 kuya kowe-1979 ngaphandle kokuphonselwa inselelo.
Okufanayo kwenzeka nangesikhathi sikaMhlonishwa uKetumile Masire owaphatha amahlandla amathathu phakathi kowe-1979 kuya kowe-1994.
Enkomfeni yangowe-1994 kwaba nesivumelwano samahlandla amabili kwesobumengameli okuyiso esabangela ukuthi uMnu uFestus Mogae aphathe phakathi kowe-1994 kuya kowezi-2004 kuphela, kanjalo nakuSerêtsê Khama
Nasenkomfeni yakulo nyaka bekulindeleke ukuthi uMasisi engabangiswa muntu ekufuneni ihlandla lesibili njengoba sekuphela elokuqala ayeqokwe kulo.
UKhama uthi akakugqizi qakala okushiwo ngabantu ngokuthi ujikela iqembu elakhulula iBotswana, kodwa akwenzayo ukwenziswa ukuthi abaholi abakhona manje abasayihloniphi inkululeko eyalwelwa kanzima kwaba khona banatu abafayo. Uthi usebheke usuku lokhetho avotele iqembu abona ukuthi yilona elizoyisa phambili abantu baseBotswana.